Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2013
IZIYALEZO
Ngo-2013 iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini sizoqhutshwa ngendlela elandelayo.
IZINCWADI EZIZOSETSHENZISWA: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele [bi12], “Yonke ImiBhalo Iphefumulelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [si], nethi Ukubonisana NgemiBhalo (Uhlelo luka-1992) [rs]. Uma izabelo No. 2 no-3 zithathelwe ezigabeni zencwadi ethi Ukubonisana, yizigaba ezithé ukungena phakathi nekhasi kuphela okufanele zibalwe.
ISikole kufanele siqale ngamazwi okwamukela izilaleli bese siqhubeka ngendlela echazwe ngezansi. Ngemva kwenkulumo ngayinye, umbonisi wesikole uyokwethula inkulumo elandelayo. Uma umbonisi wesikole ethanda futhi kunendawo eyanele, angabeka itafula epulatifomu futhi akhulume ehlezi khona. Ngakolunye uhlangothi, uma ethanda, angahlala nezilaleli eduze kwepulatifomu kodwa akhulume esendaweni yesikhulumi.
AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: 10 imizuzu. Ngemizuzu yokuqala emine, umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo efanelekayo kufanele akhulumele amaphuzu angokomBhalo atholakala ekufundweni kweBhayibheli kwalelo sonto. Isikhulumi kufanele sigxile emavesini athile esiwakhethile futhi singazami ukuhlanganisa amaphuzu amaningi kakhulu. Kungcono ukukhulumela amavesi ambalwa futhi achazwe kahle. Uma kungenzeka, isikhulumi kufanele siveze nokuthi asebenza kanjani ebandleni futhi sigcizelele ukuthi indaba isithinta kanjani thina namuhla. (be 47 isig. 2–48 isig. 1) Kuyokwenziwa okuhlukile lapho ukufundwa kweBhayibheli kwalelo sonto kuqala esahlukweni sokuqala sencwadi yeBhayibheli. Kulezo zimo, ukwaziswa okuzocatshangelwa ngemizuzu emine yokuqala kufanele kusekelwe encwadini ethi “Yonke ImiBhalo.” Ngokwesibonelo, ngesonto lika-January 7 kuzofundwa izahluko zokuqala eziyisithupha zencwadi kaMathewu, ngakho isikhulumi kufanele sikhethe amaphuzu ambalwa ayinhloko ezigabeni ezethula incwadi kaMathewu encwadini ethi “Yonke ImiBhalo.” Kufanele sisebenzise lokhu kwaziswa ngendlela eyozuzisa ibandla. Kungakhathaliseki ukuthi sikhulumela amaphuzu okufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke noma asencwadini ethi “Yonke ImiBhalo,” umgomo waso oyinhloko kumelwe kube ukusiza izilaleli ziqonde ukuthi indaba iwusizo ngani futhi kanjani. Isikhulumi kufanele siqaphele ukuthi aseqeli ngalé kwemizuzu emine eyabelwe ingxenye yokuqala. Kufanele siqiniseke ukuthi sishiya imizuzu eyisithupha ukuze izilaleli zinikeze izimpendulo ezimfushane zemizuzwana engu-30 noma ngaphansi ngalokho ezikuthandile ekufundweni kweBhayibheli kwamasonto onke. Umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi abanezabelo ukuba baye kwamanye amakilasi.
ISABELO NO. 1: 4 imizuzu noma ngaphansi. Lesi yisabelo sokufunda esisingathwa umzalwane. Umfundi kufanele afunde indaba ayabelwe ngaphandle kokwenza isethulo noma isiphetho. Umbonisi wesikole uyoba nesithakazelo kakhulu ekusizeni abafundi ukuba bafunde ngokunembile, ngokuqonda, ngendlela eshelelayo, bagcizelele umqondo ngokufanele, bashintshashintshe izwi, bahlabe ikhefu ngendlela efanele, bafunde nangendlela engokwemvelo.
ISABELO NO. 2: 5 imizuzu. Le nkulumo iyokwabelwa udade. Umfundi angase abelwe noma azikhethele ukuhlelwa kwenkulumo okusohlwini olusekhasini 82 encwadini ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kufanele asebenzise isihloko asabelwe esicini esithile senkonzo yasensimini esingokoqobo nesisebenzayo ensimini yebandla. Uma umthombo wendaba ungabonisiwe, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Umbonisi wesikole kufanele abe nesithakazelo ikakhulu endleleni umfundi athuthukisa ngayo indaba nendlela asiza ngayo lowo afakaza kuye ukuba acabange ngemiBhalo futhi aqonde amaphuzu enkulumo ayisihluthulelo. Umbonisi wesikole uyokwaba umsizi oyedwa.
ISABELO NO. 3: 5 imizuzu. Le nkulumo ingase yabelwe umzalwane noma udade. Umfundi kufanele athuthukise isihloko asabelwe. Uma umthombo wendaba ungabonisiwe, umfundi kuyodingeka aqoqe ukwaziswa kwale nkulumo ngokucwaninga ezincwadini zethu. Uma yabelwe umzalwane, kufanele inikezwe njengenkulumo, isikhulumi sicabange ngezilaleli eHholo LoMbuso. Lapho yabelwe udade, ngaso sonke isikhathi kufanele inikezwe njengoba kuboniswe eSabelweni No. 2.
ISELULEKO: Umzuzu owodwa kuya kwemibili. Umbonisi wesikole ngeke asho ukuthi umfundi usebenzela kuyiphi imfanelo yokukhuluma. Ngemva kweSabelo No. 1, No. 2 no-No. 3 umbonisi wesikole uyoncoma isici esithile asiphawulile enkulumweni. Uyosho izizathu eziqondile zokuthi kungani siphumelele futhi abhekisele kaningi encwadini ethi ISikole Senkonzo. Ngemva komhlangano, noma ngesinye isikhathi, umfundi ngamunye angase anikezwe ngasese iseluleko esakhayo esengeziwe, kuye ngokwesidingo sakhe.
ISIKHATHI: Akukho nkulumo okufanele yeqe isikhathi, ngokufanayo namazwi omeluleki. Abanikeza iNkulumo No. 1, No. 2 no-No. 3 kufanele bamiswe ngobuhlakani uma isikhathi sesiphelile. Uma abazalwane abasingatha amaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli bedla isikhathi, kufanele balulekwe ngasese. Bonke kufanele babhekisise isikhathi. Isikhathi sesimiso sesisonke: Imizuzu engu-30.
IPHEPHA LESELULEKO: Lisencwadini ethi ISikole Senkonzo.
UMELULEKI ONGUMSIZI: Uma kungenzeka, kuhle ukuliphathisa umdala oyisikhulumi esinokuhlangenwe nakho leli lungelo lenkonzo. Umsebenzi womeluleki ongumsizi kuyoba ukunikeza abadala noma izinceku ezikhonzayo iseluleko ngasese, uma sidingeka, ngokuqondene nanoma yiziphi izinkulumo abangase bazenze, okuhlanganisa amaphuzu avelele eBhayibheli, izinkulumo zoMhlangano Wenkonzo, izinkulumo zeningi, ukuqhuba nokufunda eSifundweni Se-Nqabayokulinda naseSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Uma kunabadala abaningana ebandleni lenu abayizikhulumi nabafundisi abanekhono, khona-ke unyaka ngamunye umdala ohlukile ofanelekayo angase abe umeluleki ongumsizi. Akudingekile ukuba umeluleki ongumsizi anikeze iseluleko njalo ngemva kwanoma iyiphi inkulumo enikezwa abadala noma izinceku ezikhonzayo, uyosinikeza kuphela lapho ebona ukuthi izwi lesikhuthazo noma ukusikisela okuwusizo kuyosiza abafowabo bathuthuke.
UKUBUKEZWA KWESIKOLE SENKONZO ESINGOKWASEZULWINI: 20 imizuzu. Njalo ngemva kwezinyanga ezimbili, umbonisi wesikole uyosingatha ukubukezwa kwesikole. Kuyoqale kube nenkulumo yamaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli. Ukubukeza kuyosekelwa ekwazisweni okunikezwe esikoleni phakathi nezinyanga ezimbili ezandulele, kuhlanganise nokwangesonto lokubukeza. Uma ibandla linomhlangano wesifunda noma lihanjelwe umbonisi wesifunda ngesonto lokuBukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, ukubukeza kufanele kuhlehliswe ngesonto bese kusetshenziswa iNkulumo No. 1, No. 2 no-No. 3 zesonto elilandelayo. Alukho ushintsho okufanele lwenziwe esimisweni sokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke noma enkulumweni yamaphuzu avelele eBhayibheli.
ISIMISO
Jan. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 1-6
No. 1: Mathewu 5:21-32
No. 2: Yini Engenza Imithandazo Yomuntu Ingamukeleki KuNkulunkulu? (rs k. 391 ¶7–k. 392 ¶7)
No. 3: Okushiwo Ukuba NoJehova ‘Njengesabelo Sakho’ (Num. 18:20)
Jan. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 7-11
No. 1: Mathewu 10:24-42
No. 2: Yiba Nokuqonda Futhi Ungalandeli Izinto Ezingezona Ezingokoqobo (1 Sam. 12:21; IzAga 23:4, 5)
No. 3: Yiziphi Izinto Okufanelekayo Ukuba Sizithandazele? (rs k. 392 ¶8–k. 393 ¶5)
Jan. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 12-15
No. 1: Mathewu 14:23–15:11
No. 2: * Uma Umuntu Ethi, ‘Masithandaze Kuqala, Bese Wethula Isigijimi Sakho’ (rs k. 393 ¶6-7)
No. 3: Singafundani Esibonelweni Sika-Isaka Sokuba Umenzi Wokuthula? (Gen. 26:19-22)
Jan. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 16-21
No. 1: Mathewu 17:22–18:10
No. 2: Yimaphi “Amazwi Amahle” KaJehova UJoshuwa Awabona Egcwaliseka? (Josh. 23:14)
No. 3: Yiziphi Ezinye Zeziprofetho ZeBhayibheli Ezivelele Ezisazogcwaliseka? (rs k. 154 ¶1–k. 155 ¶1)
Feb. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 22-25
No. 1: Mathewu 23:25-39
No. 2: Kungani AmaKristu Kufanele Abe Nesithakazelo Esibukhali Ezibikezelweni ZeBhayibheli? (rs k. 155 ¶2-6)
No. 3: Yiziphi Izibonelo ZeBhayibheli Ezibonisa Ukuhlakanipha Okusencwadini YezAga 3:5?
Feb. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Mathewu 26-28
No. 1: Mathewu 27:24-44
No. 2: Ukubekezela KukaNkulunkulu Kuholela Kanjani Ensindisweni? (2 Pet. 3:9, 15)
No. 3:* Uma Umuntu Ethi, ‘Nina Nikhathalela Kakhulu Isiprofetho’ (rs k. 155 ¶7–k. 156 ¶1)
Feb. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 1-4
No. 1: Marku 2:18–3:6
No. 2: Isekelwephi Imfundiso Yesihlanzo? (rs k. 126 ¶2-k. 127 ¶4)
No. 3: Kumelwe Sisiqonde Kanjani Iseluleko SikaPawulu Esikweyoku-1 Korinte 7:29-31?
Feb. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 5-8
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Mar. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 9-12
No. 1: Marku 11:19–12:11
No. 2: Ingabe Ukujeziselwa Isono Okuqhubekayo Kuyafaneleka Ngemva Kokufa Komuntu? (rs k. 127 ¶6–k. 128 ¶4)
No. 3: Okwenza Ukuzinikezela KuNkulunkulu Kulethe Injabulo (IzE. 20:35)
Mar. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 13-16
No. 1: Marku 14:22-42
No. 2: Sibaluleke Ngani ISikhumbuzo? (rs k. 142 ¶1–k. 143 ¶1)
No. 3: Zimelelani Izifanekiselo ZeSikhumbuzo? (rs k. 143 ¶2-3)
Mar. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 1-3
No. 1: Luka 1:24-45
No. 2: Obani Okufanele Badle Izifanekiselo ESidlweni SeNkosi Sakusihlwa? (rs k. 143 ¶5–k. 144 ¶1)
No. 3: ISikhumbuzo Kufanele Sikhunjulwe Kaningi Kangakanani, Futhi Nini? (rs k. 145 ¶1-2)
Mar. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 4-6
No. 1: Luka 4:22-39
No. 2: Izinhlanga Ezihlukahlukene Zavelaphi? (rs k. 172 ¶1-4)
No. 3: Yibuphi Ubufakazi Bokuthi UJesu Wavuswa? (1 Kor. 15:3-7)
Apr. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 7-9
No. 1: Luka 7:18-35
No. 2: Yisiphi Isizwe Esisha Esaba Khona NgePhentekoste Futhi Ngayiphi Injongo? (Gal. 6:16; 1 Pet. 2:9)
No. 3: UKhayini Wamtholaphi Umkakhe? (rs k. 172 ¶5–k. 173 ¶1, kunamaphuzu amasha kuyi-w10 9/1 k. 25)
Apr. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 10-12
No. 1: Luka 12:1-21
No. 2: Kuchazwa Kanjani Ukuhlukahluka Kwezinhlanga? (rs k. 173 ¶2–k. 174 ¶2)
No. 3: Okwenza Sibheke UJehova NjengoBaba Wethu (Math. 6:9)
Apr. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 13-17
No. 1: Luka 16:16-31
No. 2: Ingabe Ukungapheleli Kwethu Kusho Ukuthi Asibalulekile Phambi KukaNkulunkulu? (IHu. 103:8, 9, 14; Gal. 6:9)
No. 3: Ingabe Bonke Abantu Bangabantwana BakaNkulunkulu? (rs k. 174 ¶3–k. 175 ¶2)
Apr. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 18-21
No. 1: Luka 18:18-34
No. 2: Ingabe Abantu Bazo Zonke Izizwe Bayoke Babe Munye Ngempela Njengabafowabo Nodadewabo? (rs k. 175 ¶3–k. 176 ¶2)
No. 3: Buyini Ubumnene, Sibufuna Kanjani, Kungani Bubalulekile? (Zef. 2:2, 3)
Apr. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 22-24
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
May 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 1-4
No. 1: Johane 3:22-36
No. 2: Kusho Ukuthini Ngempela ‘Ukuhamba Ngomoya’? (Gal. 5:16)
No. 3: Ukufa KukaJesu Kristu Kwakuhluke Kanjani Kokwabanye Abaye Baba Abafel’ ukholo? (rs k. 128 ¶5–k. 129 ¶3)
May 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 5-7
No. 1: Johane 6:22-40
No. 2: Kungani Kwadingeka Ukuba Isihlengo Silungiselelwe Ngendlela Esalungiselelwa Ngayo? (rs k. 129 ¶5-7)
No. 3: Singasisebenzisa Kanjani Isimiso Okusekelwe Kuso UNumeri 15:37-40?
May 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 8-11
No. 1: Johane 8:12-30
No. 2: Yiziphi Izinyathelo Esingazithatha Ukuze Sizivikele Kubafundisi Bamanga? (Roma 16:17; 2 Joh. 9-11)
No. 3: Kungani UNkulunkulu Engamanange Wamemezela Ukuthi Bonke Ababezolalela Babengaphila Phakade? (rs k. 130 ¶1–k. 131 ¶1)
May 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 12-16
No. 1: Johane 12:20-36
No. 2: Inani Lomhlatshelo KaJesu Lasetshenziswa Kobani Kuqala, Futhi Ngayiphi Injongo? (rs k. 131 ¶2-3)
No. 3: Kungani Kufaneleka Ukuba UJehova Abizwe Ngokuthi “UNkulunkulu Onika Ukuthula”? (Roma 15:33)
June 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 17-21
No. 1: Johane 21:15-25
No. 2: Kungani Kungafanele ‘Silandele Isixuku’? (Eks. 23:2; IzAga 1:10)
No. 3: Ngaphandle KwamaKristu Agcotshiwe, Obani Abanye Abazuza Emhlatshelweni KaJesu? (rs k. 132 ¶1-3)
June 10 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 1-4
No. 1: IzEnzo 1:15–2:4
No. 2: Iziphi Izibusiso Zesikhathi Esizayo Eziyojatshulelwa Ngenxa Yesihlengo? (rs k. 132 ¶4–k. 133 ¶3)
No. 3: Kungani Ukucabanga Kwabantu Abaningi Kungafaniswa Nomoya Onobuthi? (Efe. 2:1, 2)
June 17 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 5-7
No. 1: IzEnzo 5:17-32
No. 2: Yini Okumelwe Umuntu Ayenze Ukuze Aziwe UJehova? (2 Thim. 2:19)
No. 3: Yini Edingekayo Ukuze Sizuze Emhlatshelweni KaJesu? (rs k. 133 ¶4-5)
June 24 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 8-10
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
July 1 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 11-14
No. 1: IzEnzo 11:1-18
No. 2: Imuphi Umphumela Okufanele Isihlengo Sibe Nawo Endleleni Esisebenzisa Ngayo Ukuphila Kwethu? (rs k. 134 ¶2-4)
No. 3: Obani Ngempela Abangane Bakho? (IHu. 119:63)
July 8 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 15-17
No. 1: IzEnzo 16:16-34
No. 2: Kungani UmKristu Engajabula Lapho Eshushiswa? (Math. 5:11, 12)
No. 3: Lapho Umphostoli UPawulu Ethi AmaKristu ‘Ayakuhlwithwa’ Ukuze Abe NeNkosi, Yini Eyayikhulunyelwa? (rs k. 291 ¶2–k. 292 ¶1)
July 15 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 18-21
No. 1: IzEnzo 20:17-38
No. 2: Ingabe UKristu Uyovela Ngokubonakalayo Efwini Abesethatha AmaKristu Athembekile Aye Ezulwini Lapho Izwe Libukela? (rs k. 292 ¶2–k. 293 ¶1)
No. 3: Singabonisa Kanjani Ukuthi Sinaka Umoya? (Roma 8:6)
July 22 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 22-25
No. 1: IzEnzo 22:17-30
No. 2: Kungaziphi Izindlela Sisezweni Kodwa Singeyona Ingxenye Yezwe? (Joh. 17:15, 16)
No. 3: Kungenzeka Yini NgamaKristu Ukuba Ayiswe Ezulwini Ngemizimba Yenyama? (rs k. 293 ¶2-3)
July 29 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 26-28
No. 1: IzEnzo 26:19-32
No. 2: Ingabe AmaKristu Athembekile Ayoyiswa Ezulwini Ngokuyimfihlo Ngaphandle Kokuba Afe? (rs k. 294 ¶1-4)
No. 3: Izindlela Umoya KaNkulunkulu Obonakala Ngazo Ezincekwini Zakhe (Gal. 5:22, 23; IsAm. 22:17)
Aug. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 1-4
No. 1: Roma 3:21–4:8
No. 2: Okwenza AmaKristu Eqiniso Azibheke “Njengabafokazi Nezakhamuzi Zesikhashana” Emhlabeni (1 Pet. 2:11; 1 Joh. 2:15-17)
No. 3: Isiphi Isivikelo Esiyoba Khona NgamaKristu Eqiniso Phakathi Nosizi Olukhulu? (rs k. 295 ¶1-5)
Aug. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 5-8
No. 1: Roma 6:21–7:12
No. 2: Kungani Amanye AmaKristu Eyiswa Ezulwini Ukuba Abe NoKristu? (rs k. 295 ¶7–k. 296 ¶1)
No. 3: Okwenza Ukubeka Kuqala Ukulondeka Ngokwezinto Ezibonakalayo Kunokuphishekela Izinto Ezingokomoya Kuholele Enhlekeleleni (Math. 6:33; 1 Thim. 6:10)
Aug. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 9-12
No. 1: Roma 9:19-33
No. 2: * Uma Umuntu Ethi, ‘Ingabe Uyakholelwa Ekuhlwithweni?’ (rs k. 296 ¶2-4)
No. 3: Izizathu EzingokomBhalo Zokungabesabi Abantu (Luka 12:4-12)
Aug. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 13-16
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Sept. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 1-9
No. 1: 1 Korinte 4:18–5:13
No. 2: Ingabe Umuzwa Ongavamile Wokujwayela Abantu Abasha Ngokuphelele Nezindawo Ubonisa Ukuthi Ukuphindukuzalwa Kuyiqiniso? (rs k. 319 ¶4–k. 321 ¶2)
No. 3: Indlela AmaKristu Agcina Ngayo Injabulo Naphezu Kokugula (Fil. 4:6, 7)
Sept. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 10-16
No. 1: 1 Korinte 14:7-25
No. 2: Umuntu Onesono ‘Angamncenga’ Kanjani “UJehova”? (2 IziKr. 33:12, 13; Isaya 55:6, 7)
No. 3: Kungani Ukulandisa OkukuJohane 9:1, 2 Kungafakazeli Ukuphindukuzalwa? (rs k. 321 ¶3–k. 322 ¶3)
Sept. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 1-7
No. 1: 2 Korinte 1:15–2:11
No. 2: Ungakanani Umehluko Phakathi Kokuphindukuzalwa Nethemba Elinikezwa IBhayibheli? (rs k. 322 ¶4-5)
No. 3: Yini Okufanele Umuntu Ayenze Ukuze Aphephele Egameni LikaJehova? (Zef. 3:12)
Sept. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 8-13
No. 1: 2 Korinte 10:1-18
No. 2: * Uma Umuntu Ethi, ‘Ngikholelwa Emfundisweni Yokuphindukuzalwa’ (rs k. 323 ¶1-3)
No. 3: Kufanele Siyiqonde Kanjani Eyoku-1 Korinte 10:13?
Sept. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Galathiya 1-6
No. 1: Galathiya 1:18–2:10
No. 2: Kungani Kunezinkolo Eziningi Kangaka? (rs k. 99 ¶8–k. 101 ¶1)
No. 3: Okwenza UJehova Akufanelekele Ukukhulekelwa (IsAm. 4:11)
Oct. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Efesu 1-6
No. 1: Efesu 4:1-16
No. 2: Okushiwo Ukufuna Kuqala Ukulunga KukaNkulunkulu (Math. 6:33)
No. 3: Ingabe Kuyiqiniso Ukuthi Zonke Izinkolo Zinobuhle Obuthile? (rs k. 101 ¶2-4)
Oct. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Filipi 1-4–Kolose 1-4
No. 1: Filipi 3:17–4:9
No. 2: Ingabe Kufanelekile Ukushiya Inkolo Yabazali Bakho? (rs k. 101 ¶5–k. 102 ¶2)
No. 3: Umthandazo Ungasisiza Kanjani Ukuba Silwe Nezilingo? (Luka 11:9-13; Jak. 1:5)
Oct. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thesalonika 1-5–2 Thesalonika 1-3
No. 1: 1 Thesalonika 2:9-20
No. 2: Yini Esingayifunda Ezintweni Ezinhle Nezimbi USolomoni Azenza? (Roma 15:4)
No. 3: Uyini Umbono WeBhayibheli Ngokuxubanisa Izinkolo? (rs k. 102 ¶3–k. 103 ¶3)
Oct. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thimothewu 1-6–2 Thimothewu 1-4
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Nov. 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Thithu 1-3–Filemoni 1-25
No. 1: Thithu 2:1-15
No. 2: Ingabe Ukuba Ngowenkolo Ethile Ehleliwe Kudingekile? (rs k. 103 ¶4–k. 104 ¶4)
No. 3: Isizathu Sokuba Singazinaki “Izindaba Ezingamanga” (1 Thim. 1:3, 4; 2 Thim. 4:3, 4)
Nov. 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 1-8
No. 1: Hebheru 4:1-16
No. 2: Singabonisa Kanjani Ukuthi ‘Sinokuhlakanipha Kwaphezulu’? (Jak. 3:17, 18)
No. 3: Ingabe Ukuthanda Umakhelwane Wakho Ikhona Okubaluleke Ngempela? (rs k. 104 ¶6)
Nov. 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Hebheru 9-13
No. 1: Hebheru 10:19-39
No. 2: Ingabe Ukuba Nobuhlobo Bomuntu Siqu NoNkulunkulu Yikhona Okubaluleke Ngempela? (rs k. 105 ¶1-2)
No. 3: Izindlela Esingaduduza Ngazo Abanye (Roma 15:4; 2 Kor. 1:3, 4)
Nov. 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Jakobe 1-5
No. 1: Jakobe 1:22–2:13
No. 2: Indlela Uthando Olunqoba Ngayo Ukwesaba (1 Joh. 4:16-18)
No. 3: Okwenza Ukufunda IBhayibheli Nje Kungeneli (rs k. 105 ¶3-4)
Dec. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Petru 1-5–2 Petru 1-3
No. 1: 1 Petru 2:18–3:7
No. 2: Inkolo Yeqiniso Isekelwe EBhayibhelini Futhi Yenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe (rs k. 106 ¶1-2)
No. 3: Okwenza Siqiniseke Ukuthi UJesu UnguMesiya (Luka 24:44; Gal. 4:4)
Dec. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Johane 1-5; 2Jo 1-13; 3Jo 1-14–Jude 1-25
No. 1: 1 Johane 5:1-21
No. 2: Kufanele Akhunjulwe Kanjani UJesu Kristu? (Luka 1:32, 33; Joh. 17:3)
No. 3: Inkolo Yeqiniso Ibonisa Ukholo Lwangempela KuJesu Kristu (rs k. 106 ¶3)
Dec. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 1-6
No. 1: IsAmbulo 3:14–4:8
No. 2: Inkolo Yeqiniso Ayinayo Imicikilisho Kodwa Iyindlela Yokuphila (rs k. 106 ¶4)
No. 3: Kungaziphi Izindlela UJesu ‘Abekela’ Abafundi Bakhe “Isibonelo”? (Joh. 13:15)
Dec. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 7-14
No. 1: IsAmbulo 9:1-21
No. 2: Izindlela AmaKristu Eqiniso Angabonisa Ngazo Umoya Wokungenisa Izihambi (Heb. 13:2)
No. 3: Amalungu Enkolo Yeqiniso Ayathandana Futhi Azigcina Ehlukile Ezweni (rs k. 107 ¶1-2)
Dec. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: IsAmbulo 15-22
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
[Imibhalo yaphansi]
Uma isikhathi sivuma, umfundi kufanele aphendule izinkolelo eziqinile, ukuphikisa komninikhaya nokunye, ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zensimu.
Uma isikhathi sivuma, umfundi kufanele aphendule izinkolelo eziqinile, ukuphikisa komninikhaya nokunye, ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zensimu.
Uma isikhathi sivuma, umfundi kufanele aphendule izinkolelo eziqinile, ukuphikisa komninikhaya nokunye, ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zensimu.
Uma isikhathi sivuma, umfundi kufanele aphendule izinkolelo eziqinile, ukuphikisa komninikhaya nokunye, ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zensimu.