ULwesine, May 23

Thina esibonise ukholo siyangena kulokho kuphumula.—Heb. 4:3.

Lapho ecaphuna uGenesise 2:2 mayelana nokuphumula kukaNkulunkulu, umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale amazwi omBhalo wosuku lwanamuhla. (Heb. 4:4, 6, 9) Ngakho, usuku lwesikhombisa lwalusaqhubeka ngosuku lukaPawulu. Lolo suku lokuphumula lwalusazoqhubeka isikhathi esingakanani? Ukuze siphendule lo mbuzo, kumelwe sikhumbule injongo yosuku lwesikhombisa. UGenesise 2:3 uyayichaza: “UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa.” Lolo suku ‘lwangcweliswa’—noma, uJehova walubekela eceleni—ukuze enze injongo yakhe ifezeke ngokuphelele. Leyo njongo iwukuba emhlabeni kube namadoda nabesifazane abalalelayo, abazonakekela wona nakho konke okuphilayo okukuwo. (Gen. 1:28) UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, “iNkosi yesabatha,” bebelokhu ‘besebenza kuze kube manje’ ukuze leyo njongo ifezeke. (Math. 12:8; Joh. 5:17) Usuku lukaNkulunkulu lokuphumula luyoqhubeka kuze kube yilapho injongo yakhe isigcwaliseke ngokuphelele ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. w11 7/15 3:4, 5

May 20  Ukufundwa kweBhayibheli:  Johane 8-11

No. 2: Yiziphi Izinyathelo Esingazithatha Ukuze Sizivikele Kubafundisi Bamanga? (Roma 16:17; 2 Joh. 9-11)

No. 3: Kungani UNkulunkulu Engamanange Wamemezela Ukuthi Bonke Ababezolalela Babengaphila Phakade? (rs k. 130 ¶1–k. 131 ¶1)