IzAga
2 Ndodana yami, uma uwamukela amazwi ami
Uyibheka njengeyigugu imiyalo yami, +
2 Ngokwenza indlebe yakho inake ukuhlakanipha +
Nangokwenza inhliziyo yakho ifune ikhono lokwahlukanisa; *+
3 Ngaphezu kwalokho, uma umemeza ufuna ukuqonda +
Uphakamisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa; +
4 Uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, +
Uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna ingcebo efihliwe; +
5 Ngokwenza kanjalo uyoqonda ukuthi kusho ukuthini ukwesaba uJehova, +
Futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu. +
6 Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha; +
Emlonyeni wakhe kuphuma ulwazi nokuqonda.
7 Abaqotho ubagcinela ukuhlakanipha;
Uyihawu kulabo abahamba ngobuqotho. +
8 Uqapha izindlela zobulungisa,
Uyoyiqapha indlela yabaqotho bakhe. +
9 Uma wenza kanjalo uyokuqonda okulungile, okunobulungisa nokufanele,
Yonke inkambo yokuhle. +
10 Lapho ukuhlakanipha kungena enhliziyweni yakho +
Nolwazi luba mnandi emphefumulweni* wakho, +
11 Ikhono lokucabanga liyokuqapha, +
Ikhono lokwahlukanisa liyokuvikela,
12 Ukuze likukhulule endleleni embi,
Kumuntu okhuluma izinto ezonakele, +
13 Kulabo abashiya izindlela zobuqotho
Ukuze bahambe ezindleleni zobumnyama, +
14 Kulabo abajatshuliswa ukwenza okubi,
Abathokoziswa izinto ezimbi ezonakele,
15 Labo abazindlela zabo zigwegwile
Abankambo yabo yonke iyakhohlisa.
16 Liyokuvikela kowesifazane ondindayo,*
Emazwini abushelelezi* owesifazane ongenasimilo, *+
17 Oshiya umyeni* wobusha bakhe +
Akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe;
18 Ngoba ukuya endlini yakhe kufana nokuya ekufeni,
Nendlela eya endlini yakhe iholela ethuneni. +
19 Akekho noyedwa kulabo abalala naye* oyobuya,
Futhi ngeke baphinde bafinyelele ezindleleni zokuphila. +
20 Ngakho landela indlela yabantu abalungile
Uhlale endleleni yabalungile. +