IzAga
23 Uma uhlala phansi ukuze udle nenkosi,
Cabangisisa kahle ngalokho okuphambi kwakho;
2 Zithibe*
Uma uyisidlakudla.*
3 Ungakuhaleli ukudla kwayo kwekhethelo,
Ngoba kungukudla okukhohlisayo.
4 Ungazikhandli ukuze uzuze ingcebo. +
Yima ubonise ukuqonda.*
5 Lapho uphonsa amehlo akho kuyo, ayikho, +
Ngoba nakanjani iyomila amaphiko njengokhozi indizele esibhakabhakeni. +
6 Ungakudli ukudla komuntu oncishanayo;*
Ungakuhaleli ukudla kwakhe kwekhethelo,
7 Ngoba unjengomuntu obalayo.
Uthi kuwe, “Yidla uphuze,” kodwa akakuqondile lokho akushoyo.*
8 Uyokuhlanza okudlile
Futhi uyobe umncomele ubala.
10 Ungalugudluzi uphawu lomngcele wakudala +
Noma ungene ensimini yezintandane.
12 Gxilisa inhliziyo yakho esiyalweni
Nendlebe yakho emazwini olwazi.
13 Ungayigodleli ingane isiyalo. +
Uma uyishaya ngenduku, ngeke ife.
14 Kufanele uyishaye ngenduku,
Ukuze uyikhulule eThuneni.*
15 Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ithola ukuhlakanipha,
Nenhliziyo yami iyojabula. +
16 Ngiyojabula ngaphakathi
Lapho izindebe zakho zikhuluma okulungile.
17 Inhliziyo yakho mayingabi namona ngezoni, +
Kodwa yesaba uJehova usuku lonke, +
18 Ngoba uma wenza kanjalo uyoba nekusasa elihle +
Nethemba lakho ngeke liqedwe.
19 Lalela ndodana yami, uhlakaniphe,
Uqondise inhliziyo yakho endleleni efanele.
20 Ungabi phakathi kwalabo abaphuza iwayini ngokweqile +
Naphakathi kwamakloza, +
21 Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu, +
Futhi ukozela kuyokwembathisa umuntu amanikiniki.
22 Lalela uyihlo owakuzala,
Ungamedeleli unyoko ngoba nje esegugile. +
24 Uyise wolungile nakanjani uyojabula;
Noma ubani ozala indodana ehlakaniphile uyothokoza ngayo.
25 Uyihlo nonyoko bayothokoza,
Nonyoko owakuzala uyojabula.
26 Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho,
Kwangathi amehlo akho angazijabulela izindlela zami. +
28 Uyacutha njengomphangi; +
Wandisa isibalo samadoda angathembekile.
29 Ubani onosizi? Ubani ongakhululekile?
Ubani oxabana nabanye? Ubani onezikhalo?
Ubani onamanxeba ngaphandle kwesizathu? Ubani onamehlo anqundekile?*
31 Ungawubheki umbala obomvu wewayini,
Lapho lizoyiza engilazini* lehla kamnandi,
32 Ngoba ekugcineni liluma njengenyoka,
Likhiphe ubuthi njengenyoka enesihlungu.
33 Amehlo akho ayobona izinto eziyinqaba,
Nenhliziyo yakho iyokhuluma izinto ezonakele. +
34 Uyoba njengolele maphakathi nolwandle,
Njengolele esiqongweni sensika yomkhumbi.
35 Uyothi: “Bangishayile kodwa angizwanga lutho.*
Bangibhaxabulile kodwa angazanga.
Ngizovuka nini? +
Ngifuna elinye iwayini.”*