IzAga
24 Ungabi namona ngabantu ababi,
Ungakuhaleli ukuba mdibi munye nabo, +
2 Ngoba inhliziyo yabo izindla ngobudlova,
Nezindebe zabo zikhuluma inkathazo.
3 Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha, +
Ngokuqonda imiswa iqine.
4 Amakamelo ayo agcwaliswa ngolwazi
Ngayo yonke ingcebo enhle neyigugu. +
5 Umuntu ohlakaniphile unamandla, +
Ngolwazi umuntu wandisa amandla akhe.
7 Isiwula asinakukuthola ukuhlakanipha kweqiniso; +
Asinalutho esingalusho esangweni ledolobha.
8 Noma ubani oceba ukwenza okubi,
Kuyothiwa ungungqondongqondo weqili. +
10 Uma udikibala ngosuku lokucindezeleka,*
Amandla akho ayoba mancane.
11 Sindisa labo abayiswa ekufeni
Ubambe nalabo abayendayendela ekuhlatshweni. +
12 Uma uthi: “Kodwa besingakwazi lokhu,”
Lowo ohlola izinhliziyo* akayiqondi yini imicabango yakho? +
Yebo, Lowo okuqaphayo uyoyazi
Futhi uyobuyisela kumuntu ngamunye ngokomsebenzi wakhe. +
13 Ndodana yami, yidla uju ngoba luyasiza;
Uju lwamakhekheba lumnandi.
14 Ngendlela efanayo, yazi ukuthi ukuhlakanipha kuwusizo kuwe. +
Uma ukuthola, uyoba nekusasa elihle
Nethemba lakho ngeke liqedwe. +
15 Ungacuthi eduze komuzi wolungile unezisusa ezimbi;
Ungayicekeli phansi indawo yakhe yokuphumula.
16 Ngoba olungile angawa kasikhombisa, kodwa uyophinde avuke, +
Kodwa ababi bayokwehlelwa inhlekelele bawe unomphela. +
17 Lapho isitha sakho siwa ungajabuli,
Nalapho sikhubeka, ungayivumeli inhliziyo yakho ukuba ijabule; +
18 Ngaphandle kwalokho, uJehova uyobona adumale,
19 Ungacasuki* ngenxa yabantu ababi;
Ungabi namona ngabantu abakhohlakele,
20 Ngoba alikho ikusasa ngomuntu omubi; +
Isibani sababi siyocinywa. +
21 Ndodana yami yesaba uJehova nenkosi. +
Kwazi bani ukuthi bobabili* bayobalethela yiphi inhlekelele? +
23 La mazwi angawabahlakaniphile:
Akukuhle ukukhetha lapho wahlulela. +
24 Noma ubani othi komubi, “Wena ulungile,” +
Abantu bayomqalekisa, alahlwe nayizizwe.
26 Abantu bayoqabula izindebe zalowo ophendula ngokwethembeka. *+
27 Lungisa umsebenzi wakho wangaphandle, ulungise zonke izinto ensimini;
Ngemva kwalokho wakhe indlu yakho.
28 Ungafakazi ngokumelene nomakhelwane wakho ngaphandle kwesizathu. +
Izindebe zakho ungazisebenziseli ukukhohlisa abanye. +
29 Ungasho ukuthi: “Ngizokwenza kuye njengoba nje enzile kimi;
Ngizombuyisela ngalokho akwenzile.” +
31 Ngabona ukuthi kwakugcwele ukhula;
Kwakumile imbabazane* yonke indawo,
Nodonga lwamatshe lwaludilikile. +
32 Ngakubuka lokhu ngakufaka enhliziyweni;
Ngakubona ngafunda lesi sifundo:*
33 Ukulala kancane, ukozela kancane,
Ukusonga izandla kancane ukuze uphumule,
34 Ukuhlupheka kuyobe sekukufikela njengesela,
Nokuswela kuyokufikela njengomuntu ohlomile. +