Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Habakuki 2
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Habakuki Okuphakathi

      • “Ngizoqapha ukuze ngibone ukuthi yini azoyikhuluma” (1)

      • UJehova uphendula umprofethi (2-​20)

        • ‘Hlala ulindele umbono’ (3)

        • Olungile uyophila ngokwethembeka (4)

        • Omaye abahlanu kumaKhaledi (6-20)

          • Ulwazi ngoJehova luyogcwala umhlaba (14)

Habakuki 2:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 21:8; Mik 7:7

Habakuki 2:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngokushelelayo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 17:14
  • +Dut 31:9, 11

Habakuki 2:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “kubonakala sengathi uyalibala.”

  • *

    Noma, “ulindele ngokulangazela.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mik 7:7

Habakuki 2:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “ngokholo lwakhe; ngenkolelo yakhe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 3:36; Rom 1:17; Gal 3:11; Heb 10:38

Habakuki 2:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “njengeShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 14:16, 17

Habakuki 2:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 14:4

Habakuki 2:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 51:11

Habakuki 2:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 13:19; Jer 27:6, 7; Zak 2:7-9
  • +2Kr 36:17; IHu 137:8

Habakuki 2:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 14:20

Habakuki 2:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 51:58

Habakuki 2:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 72:19; Isay 11:9; Zak 14:9

Habakuki 2:16

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “bese uyadiyazela.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 75:8; Isay 51:22, 23; Jer 25:28; 51:57

Habakuki 2:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 137:8; Jer 50:28; 51:24

Habakuki 2:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 42:17; 44:19, 20; 45:20

Habakuki 2:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 40:19; 46:6
  • +Jer 51:17

Habakuki 2:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 6:1
  • +IHu 76:8; 115:3; Zak 2:13

Okunye

Hab. 2:1Isay 21:8; Mik 7:7
Hab. 2:2Eks 17:14
Hab. 2:2Dut 31:9, 11
Hab. 2:3Mik 7:7
Hab. 2:4Joh 3:36; Rom 1:17; Gal 3:11; Heb 10:38
Hab. 2:5Isay 14:16, 17
Hab. 2:6Isay 14:4
Hab. 2:7Jer 51:11
Hab. 2:8Isay 13:19; Jer 27:6, 7; Zak 2:7-9
Hab. 2:82Kr 36:17; IHu 137:8
Hab. 2:10Isay 14:20
Hab. 2:13Jer 51:58
Hab. 2:14IHu 72:19; Isay 11:9; Zak 14:9
Hab. 2:16IHu 75:8; Isay 51:22, 23; Jer 25:28; 51:57
Hab. 2:17IHu 137:8; Jer 50:28; 51:24
Hab. 2:18Isay 42:17; 44:19, 20; 45:20
Hab. 2:19Isay 40:19; 46:6
Hab. 2:19Jer 51:17
Hab. 2:20Isay 6:1
Hab. 2:20IHu 76:8; 115:3; Zak 2:13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Habakuki 2:1-20

UHabakuki

2 Ngizoqhubeka ngimile endaweni yami yokuqapha, +

Ngizoma phezu kodonga lokuvikela.

Ngizoqapha ukuze ngibone ukuthi yini azoyikhuluma esebenzisa mina

Nokuthi ngizophendula ngithini lapho ngikhuzwa.

 2 UJehova wangiphendula wathi:

“Wubhale phansi umbono, uwuqophe ngokucacile ematsheni ayizicaba, +

Ukuze owufunda ngokuzwakalayo awufunde kalula. *+

 3 Ngoba umbono uzogcwaliseka ngesikhathi esimisiwe,

Leso sikhathi sizofika ngokushesha, ngeke uqambe amanga.

Ngisho noma ungase ulibale,* hlala uwulindele! *+

Ngoba nakanjani uzogcwaliseka.

Ngeke wephuze!

 4 Bheka lowo oziphakamisayo;

Akekho qotho.

Kodwa olungile uyophila ngenxa yokwethembeka kwakhe. *+

 5 Impela, ngenxa yokuthi iwayini liyakhohlisa,

Indoda eqhoshayo ngeke iwufinyelele umgomo wayo.

Isifiso sayo asaneliseki njengeThuna;*

Ayaneliseki njengokufa.

Iqhubeka iqoqa zonke izizwe

Iqoqela kuyo bonke abantu. +

 6 Ngeke yini bonke laba basho isaga, amazwi agudliselayo neziphicaphicwano? +

Bayothi:

‘Maye kulowo oqongelela okungekona okwakhe

—Kuyoze kube nini?—

Nakulowo ozandisela isikweletu!

 7 Ngeke yini labo obakweletayo bavumbuke kungalindelekile?

Bayophaphama bakudlikize,

Uyoba yinto yokuphangwa. +

 8 Ngenxa yokuthi waphanga izizwe eziningi,

Zonke ezinye izizwe ziyokuphanga, +

Ngenxa yokuchitha kwakho igazi labantu

Nobudlova bakho emhlabeni,

Emadolobheni nakubo bonke abahlala kuwo. +

 9 Maye kulowo otholela indlu yakhe inzuzo embi,

Ukuze abeke isidleke sakhe endaweni ephakeme,

Ukuze abalekele inhlekelele!

10 Ucebe ukulethela indlu yakho ihlazo.

Ngokuqothula izizwe eziningi uzilethele isono. +

11 Itshe liyokhala lisodongeni,

Nogodo luyoliphendula lusophahleni lwamapulangwe.

12 Maye kulowo owakha idolobha ngokuchitha igazi,

Omisa idolobhana ngokungalungi!

13 Bheka! Akuveli yini kuJehova wamabutho ukuthi izizwe ziyosebenza kanzima ukuze zikhwezele umlilo,

Nokuthi izizwe zikhandlekela ubala? +

14 Ngoba umhlaba uyogcwala ulwazi ngenkazimulo kaJehova

Njengoba amanzi egcwele ulwandle. +

15 Maye kulowo onika abangani bakhe okuphuzwayo,

Ekuxuba nolaka nentukuthelo, ukuze abenze badakwe,

Ngenjongo yokubuka ubunqunu babo!

16 Uyosutha ihlazo esikhundleni senkazimulo.

Nawe futhi—phuza bese ukuveza obala ukungasoki kwakho.*

Indebe esesandleni sokudla sikaJehova iyofika nakuwe, +

Ihlazo liyomboza inkazimulo yakho;

17 Ngoba uyombozwa ubudlova obenziwe eLebhanoni,

Nokubhubhisa okwethuse izilwane kuyokufikela,

Ngenxa yokuchitha igazi labantu

Nobudlova obenza emhlabeni,

Emadolobheni nakulabo abahlala kuwo. +

18 Sinanzuzoni isithombe esibaziwe,

Lapho umenzi waso esesibazile?

Sinanzuzoni isithombe sensimbi,* nofundisa amanga,

Ngisho noma umenzi waso ethembele kuso,

Enza onkulunkulu abangasizi ngalutho abangakhulumi? +

19 Maye kulowo othi okhunini: “Phaphama!”

Noma othi etsheni elingakhulumi: “Vuka! Sifundise!”

Bheka! Sinamekwe ngegolide nangesiliva, +

Awukho nakancane umoya kuso. +

20 Kodwa uJehova usethempelini lakhe elingcwele. +

Thula phambi kwakhe, mhlaba wonke!’ ” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela