Ukuxhumana Ngokubhalelana
UKUBHALELANA izincwadi kuye kwathuthukisa ukuphila nokuziphatha kwezigidi zabantu. Eminingi imiBhalo YamaKristu YesiGreki ekuqaleni yayiyizincwadi. Namuhla singabhala izincwadi ukuze siqinise abasanda kukholwa, sithintane nabangane, sikhuthaze abazalwane nodadewethu abaye bathola imithwalo yemfanelo ekhethekile, siqinise labo ababhekene nobunzima futhi sidlulisele ukwaziswa okudingekayo ukuze kunakekelwe imisebenzi yebandla.—1 Thes. 1:1-7; 5:27; 2 Pet. 3:1, 2.
Ukubhala izincwadi kuyindlela ephumelelayo futhi yokufakaza. Kwezinye izindawo kungase kube nezigodi nezinye izindawo esingakwazi ukushumayela ngenkululeko kuzo. Abanye bahlale bengekho emakhaya ezikhathini eziningi, ngakho siye singabatholi lapho sifakaza endlini ngendlu. Abanye bahlala ezindaweni ezingazodwa.
Ukugula, isimo sezulu esibi, noma umthetho wewashi ngezinye izikhathi kungakwenza ungaphumi endlini. Kungenzeka yini ukwazi ukubhala incwadi ukuze unikeze ubufakazi obengeziwe esihlotsheni noma kothile owakhuluma naye ngokwethukela? Ingabe kukhona isifundo sakho seBhayibheli esithuthile? Incwadi evela kuwe kungase kube yiyonanto esiyidingayo ukuze sigcine isithakazelo saso esingokomoya siphila. Noma mhlawumbe ungase uhlanganyele indaba efanelekayo engokomBhalo nalabo abasanda kushada, abasanda kuthola umntwana noma abalahlekelwe abathile ngokufa.
Ukufakaza Ngokubhala Incwadi
Lapho ubhala incwadi ukuze ufakaze kumuntu ongakaze umbone, qala ngokuzethula. Ungase uchaze ukuthi wenza umsebenzi womhlaba wonke wokuzithandela. Uma kufaneleka, yisho ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Mtshele lowo muntu ukuthi kungani uye wambhalela kunokumvakashela mathupha. Bhala kube njengokungathi ukhuluma nalowo muntu ubuso nobuso. Noma kunjalo, ngokuvumelana nesiqondiso sokuba ‘sizibonakalise siqaphile njengezinyoka kodwa nokho sibe msulwa njengamajuba,’ cabangisisa ukuthi kungakanani ozomtshela kona ngawe.—Math. 10:16.
Encwadini yakho yisho lokho obuyokusho kumuntu ukube ubumvakashele mathupha. Ungase usebenzise isethulo esifana naleso esisencwadini Ukubonisana noma usebenzise intshumayelo engokomBhalo ekuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso yamuva. Ungase ubuze umbuzo bese umkhuthaza ukuba acabange ngawo. Abanye abamemezeli bamane bachaze ukuthi sinesimiso samahhala sokuphendula imibuzo yeBhayibheli bese becaphuna izihloko ezithile ezikwenye yezinsiza kufundisa zethu. Isampula lencwadi yokunikeza ubufakazi lisekhasini 73. Lingase likunike umqondo othile, kodwa kuhle ukushintshashintsha ingxoxo yakho. Ngaphandle kwalokho, ngokuhamba kwesikhathi abantu bangase bathole incwadi efanayo.
Abanye abantu bayakwenqena ukufunda incwadi ende evela kumuntu abangamazi. Ngakho-ke, kungase kube yinkambo yokuhlakanipha ukuba incwadi yakho ibe mfushane. Uma incwadi yakho iyinde kakhulu, oyifundayo angase akhathale ukuyifunda. Kungase kube kuhle ukufaka isimemo sokuba eze emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ungase ufake ipheshana, incwajana noma umagazini INqabayokulinda noma i-Phaphama! bese uchaza ukuthi angabathola njalo uma ethanda. Noma ungabuza ukuthi ungamvakashela yini emzini wakhe ukuze nixoxe okwengeziwe ngendaba okhulume ngayo.
Mayelana Nesimo Sencwadi
Ake ubheke le ncwadi eyisampula. Phawula okulandelayo: (1) Ibukeka ihlelekile, ingenabo ubudlabha. (2) Ngisho noma imvilophu ingalahleka, obhalelweyo uyobe enalo igama nekheli lalowo ombhalele. (3) Injongo yencwadi ichazwe ngokucacile nangokuthé ngqo esigabeni sokuqala. (4) Isigaba ngasinye siqukethe umqondo owodwa oyinhloko. (5) Ngenxa yenjongo yencwadi, le ncwadi ayibonakali injengencwadi ebhalelwe umngane noma incwadi yamabhizinisi.
Encwadini yebhizinisi, efana naleyo unobhala webandla angase ayithumele ehhovisi legatsha, kuyofakwa igama lebandla kanye negama likanobhala, ikheli lakhe nosuku. Igama nekheli lomuntu noma lenhlangano incwadi ethunyelwa kuyo nalo liyovela. Lokhu kulandelwa isibingelelo esifanelekayo. Lapho uphetha incwadi, kwezinye izilimi, inkulumo enjengokuthi “Owakho” noma “Ozithobayo” iba ngenhla kwesignesha. Isignesha ngokwayo kumelwe ibhalwe ngesandla.
Kunoma iyiphi incwadi, bheka ukuthi amagama abhalwe kahle yini, uhlelo lolimi, izimpawu zenkulumo kanye nokuhlanzeka. Ukwenza kanjalo kuyokwenza incwadi yakho nesigijimi esiqukethe kuhlonipheke.
Ngaso sonke isikhathi ubobhala ikheli lakho emvilophini—uma kungenzeka kube yikheli lakho lokuposa. Uma unomuzwa wokuthi ngeke kube ukuhlakanipha ukubhala ikheli lakho lapho ufakaza kubantu ongabazi, buza abadala ukuthi ungalisebenzisa yini ikheli leHholo LoMbuso lakini. Ikheli le-Watch Tower Society akumelwe nanini lisetshenziselwe le njongo, ngoba lokhu kungase kusho ukuthi incwadi yakho yathunyelwa isuka emahhovisi eNhlangano, kanti akunjalo, futhi lokho kungadala ukudideka. Uma lingabhaliwe ikheli lobhale incwadi, kanti kunenye yezincwadi zeNhlangano phakathi, nalokhu futhi kungase kusho ukuthi yiNhlangano ethumele leyo ncwadi, kanti akunjalo.
Qiniseka ukuthi ufake isitembu senani elifanele, ikakhulukazi uma ufake incwadi noma umagazini. Uma imali yesitembu inganele, oyothola le ncwadi kungase kudingeke akhokhe imali ewumahluko futhi lokho kuyolulaza isigijimi sakho. Khumbula ukuthi emazweni amaningi uma kufakwe nencwajana noma umagazini, izindleko zeposi zithi xaxá kunalapho kuyincwadi oyibhalile nje kuphela.
Ukuzwakala Kwayo
Lapho usuyiqedile incwadi yakho, yifunde ukuze uhlaziye okuphakathi. Izwakala kanjani? Ingabe inobungane futhi ayicunuli? Uthando nomusa kuphakathi kwezimfanelo esizama ukuzibonakalisa ekusebenzelaneni kwethu nabanye. (Gal. 5:22, 23) Uma uthola indawana engazwakali kahle noma edikibalisayo, lungisa indlela obhale ngayo.
Incwadi ingafika ezindaweni wena ongeke ufike kuzo. Leli qiniso lilodwa liyenza ibe yithuluzi elibalulekile enkonzweni. Njengoba incwadi yakho imelela wena nezinto ozikholelwayo, kucabangisise lokho ekushoyo, indlela ebukeka ngayo nendlela ezwakala ngayo. Ingase inikeze lokho okudingekayo ukuze iqale, iqinise noma ikhuthaze umphefumulo oyigugu ukuba uhambe endleleni eya ekuphileni.