Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • es25 kk. 47-57
  • Meyi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Meyi
  • Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
  • Izihlokwana
  • ULwesine, Meyi 1
  • ULwesihlanu, Meyi 2
  • UMgqibelo, Meyi 3
  • ISonto, Meyi 4
  • UMsombuluko, Meyi 5
  • ULwesibili, Meyi 6
  • ULwesithathu, Meyi 7
  • ULwesine, Meyi 8
  • ULwesihlanu, Meyi 9
  • UMgqibelo, Meyi 10
  • ISonto, Meyi 11
  • UMsombuluko, Meyi 12
  • ULwesibili, Meyi 13
  • ULwesithathu, Meyi 14
  • ULwesine, Meyi 15
  • ULwesihlanu, Meyi 16
  • UMgqibelo, Meyi 17
  • ISonto, Meyi 18
  • UMsombuluko, Meyi 19
  • ULwesibili, Meyi 20
  • ULwesithathu, Meyi 21
  • ULwesine, Meyi 22
  • ULwesihlanu, Meyi 23
  • UMgqibelo, Meyi 24
  • ISonto, Meyi 25
  • UMsombuluko, Meyi 26
  • ULwesibili, Meyi 27
  • ULwesithathu, Meyi 28
  • ULwesine, Meyi 29
  • ULwesihlanu, Meyi 30
  • UMgqibelo, Meyi 31
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2025
es25 kk. 47-57

Meyi

ULwesine, Meyi 1

Kukhona indlala enkulu.—IzE. 11:28.

AmaKristu ekhulu lokuqala nawo athinteka lapho kuba khona indlala enkulu kuwo “wonke umhlaba.” Akungabazeki ukuthi izinhloko zemindeni zazikhathazeke ngokuthi zizoyondla kanjani imindeni yazo. Kuthiwani ngabasebasha ababehlela ukwandisa inkonzo yabo? Kungenzeka yini baba nomuzwa wokuthi kufanele bahlehlise lezo zinhlelo? Kungakhathaliseki ukuthi izimo zalawo maKristu zazinjani, azivumelanisa nazo. Aqhubeka eshumayela ngazo zonke izindlela futhi akuthokozela ukupha ayekholwa nabo baseJudiya izinto ayenazo. (IzE. 11:​29, 30) Labo abathola usizo bambona uJehova ebasekela. (Math. 6:​31-33) Kumele ukuba bazizwa besondelene nakakhulu nabakholwa nabo ababasiza. Kanti labo abanikela noma abafaka isandla ngezinye izindlela bathola injabulo enkulu ngenxa yokupha.—IzE. 20:35. w23.04 16 ¶12-13

ULwesihlanu, Meyi 2

Siyazi ukuthi siyozithola izinto esizicelayo ngoba sizicele kuye.—1 Joh. 5:15.

Ngezinye izikhathi, uJehova uphendula imithandazo yabantu bakhe ngokwenza abantu abangamkhonzi ukuba babasize. Ngokwesibonelo, wabangela iNkosi u-Aritahishashita ukuba ivumele uNehemiya abuyele eJerusalema ukuze asize ekwakheni kabusha lelo dolobha. (Neh. 2:​3-6) Nanamuhla, uJehova angenza ngisho nalabo abangamkhonzi ukuba basisize lapho sidinga usizo. Imithandazo yethu ayivamile ukuphendulwa ngezindlela eziyisimangaliso. Kodwa izimpendulo esizitholayo zisuke ziyilokho kanye esikudingayo ukuze sihlale siqotho kuBaba wethu osezulwini. Ngakho, yiqaphele indlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yakho. Ngezikhathi ezithile yima uthi ukucabanga ngendlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yakho. (IHu. 66:​19, 20) Kufanele sibonise ukholo, hhayi nje ngokuthandaza kuJehova kuphela kodwa silubonise nangokwamukela indlela aphendula ngayo imithandazo yethu, noma ngabe uyiphendula kanjani.—Heb. 11:6. w23.05 11 ¶13; 12 ¶15-16

UMgqibelo, Meyi 3

O Nkulunkulu wami, kuyangijabulisa ukwenza intando yakho.—IHu. 40:8.

Ngesikhathi sizinikezela kuJehova, safunga ukuthi sizokhonza yena senze intando yakhe. Kumele sisigcine leso sifungo. Ukuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu akuwona umthwalo. Lokhu kungenxa yokuthi uJehova usidale ngenjongo yokuba senze intando yakhe. (IsAm. 4:11) Wasidala ngomfanekiso wakhe, wayesefaka kithi isifiso sokumazi nokumkhonza. Ngenxa yalokho, siyakwazi ukusondelana naye futhi kuyasijabulisa ukwenza intando yakhe. Ngaphezu kwalokho, lapho senza intando kaNkulunkulu silandela neNdodana yakhe, ‘sithola ukuqabuleka.’ (Math. 11:​28-30) Yenza izinto ezizokwenza umthande nakakhulu uJehova ngokuzindla ngazo zonke izinto ezinhle akwenzele zona nangezibusiso akubekele zona. Lapho uthando lwakho ngoNkulunkulu lukhula, kuyoba lula ukumlalela. (1 Joh. 5:3) UJesu wakwazi ukwenza intando kaNkulunkulu ngoba wathandaza kuJehova wacela usizo wayesegxila emvuzweni ayezowuthola. (Heb. 5:7; 12:2) NjengoJesu, nawe thandaza kuJehova ucele amandla, ugcine ithemba lokuphila okuphakade likhanya bha engqondweni. w23.08 27-28 ¶4-5

ISonto, Meyi 4

Ingabe wedelela umusa wakhe, ukubekezela kwakhe kanye nesineke sakhe okungenamkhawulo, ngoba ungazi ukuthi uNkulunkulu ngomusa wakhe uzama ukukuholela ekuphendukeni?—Roma 2:4.

Sonke siyabathanda abantu ababekezelayo. Kungani? Siyabahlonipha abantu abakwazi ukulinda okuthile ngaphandle kokucasuka. Siyajabula ngokuthi abanye bayasibekezelela uma senza amaphutha. Siyabonga nangokuthi lowo owatadisha nathi iBhayibheli wasibekezelela lapho sikuthola kunzima ukufunda, ukwamukela noma ukwenza lokho okufundiswa iBhayibheli. Ngaphezu kwakho konke, siyabonga ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyasibekezelela! Nakuba sijabula lapho abanye besibekezelela, thina singase singakutholi kulula ngaso sonke isikhathi ukubekezela. Ngokwesibonelo, singase sikuthole kunzima ukubekezela lapho kunesiminyaminya emgwaqweni, ikakhulukazi uma sijahile. Singase sithukuthele lapho abanye besicasula. Kanti ngezinye izikhathi singase sikuthole kunzima ukuqhubeka silinde izwe elisha uJehova alithembisile. Nokho, kuzo zonke lezi zimo, kudingeka sibekezele nakakhulu. w23.08 20 ¶1-2

UMsombuluko, Meyi 5

Wonke amanye amadoda akwa-Israyeli wawabuyisela emakhaya, wasala namadoda angu-300 kuphela.—AbaHl. 7:8.

Ngemva kokuthola isiqondiso esivela kuJehova, uGideyoni wanciphisa ibutho lakhe kwasala amadoda ambalwa kakhulu. Kungenzeka wazibuza: ‘Sikhona ngempela yini isidingo salolu shintsho? Ingabe lokhu kuzosebenza?’ Noma kunjalo, uGideyoni walalela. Abadala namuhla balingisa uGideyoni ngokulalela iziqondiso ezivela enhlanganweni ezithi abenze izinto ngendlela ehlukile. (Heb. 13:17) UGideyoni walalela uJehova naphezu kokwesaba nezingozi ezazihilelekile. (AbaHl. 9:17) Ngemva kokuba uJehova emqinisekisile, uGideyoni waqiniseka ngokuphelele ukuthi uzomsiza avikele abantu baKhe. Abadala abahlala ezindaweni umsebenzi wethu ovinjelwe kuzo balingisa uGideyoni. Ngesibindi, bayahola emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini nakuba lokho kubabeka engcupheni yokuboshwa, ukuphenywa ngemibuzo, ukulahlekelwa umsebenzi noma ukuhlukunyezwa. Phakathi nosizi olukhulu, abadala kuyodingeka babe nesibindi ukuze balalele iziqondiso abayozithola—kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izingozi ezihilelekile. w23.06 5-6 ¶12-13

ULwesibili, Meyi 6

Labo abangidumisayo ngiyobadumisa.—1 Sam. 2:30.

UJehova wenza ukuba izenzo ezinhle zomPristi Ophakeme uJehoyada zibhalwe ukuze sizuze. (Roma 15:4) Lapho uJehoyada eshona, wahlonishwa ngendlela ekhethekile ngokungcwatshwa “eDolobheni LikaDavide kanye namakhosi, ngoba wayenze okuhle kwa-Israyeli ngokuphathelene noNkulunkulu weqiniso nendlu yaKhe.” (2 IziKr. 24:​15, 16) Indaba kaJehoyada ingasisiza sonke sifunde ukwesaba uNkulunkulu. Abadala bangalingisa uJehoyada ngokuhlale beqaphile nangokuvikela umhlambi kaNkulunkulu ngobuqotho. (IzE. 20:28) Asebekhulile bangafunda kuJehoyada ukuthi uma besaba uJehova futhi behlala beqotho, angabasebenzisa ukuze afeze injongo yaKhe. Abasebasha bangaphawula indlela uJehova aphatha ngayo uJehoyada futhi bangamlingisa ngokubaphatha kahle nangenhlonipho asebekhulile, ikakhulukazi labo abanomlando omude wokukhonza uJehova ngobuqotho. (IzAga 16:31) Masibasekele ngobuqotho “abaholayo” ngokubalalela.—Heb. 13:17. w23.06 17-18 ¶14-15

ULwesithathu, Meyi 7

Izindebe zolungile zondla abantu abaningi.—IzAga 10:21.

Emihlanganweni, sebenzisa ukuqonda ukuze unqume ukuthi uzophakamisa kangaki. Uma siphakamisa isigaba nesigaba, singase senze umqhubi azizwe ecindezelekile ukuba asikhombe kaningi kube kunabantu abangakalitholi ithuba lokuphendula. Lokhu kungenza abanye baphele amandla, bangabe besaphakamisa. (UmSh. 3:7) Lapho bebaningi abamemezeli abaphakamisayo emhlanganweni, singase singalitholi ithuba lokuphendula kaningi ngendlela esithanda ngayo. Ngezinye izikhathi umqhubi angase angakwazi nhlobo ukusikhomba. Lokho kungasiqeda amandla, kodwa akufanele sicasuke lapho singakhonjwa. (UmSh. 7:9) Uma ungakwazi ukuphendula kaningi ngendlela ongathanda ngayo, lalelisisa labo abaphendulayo bese kuthi ngemva komhlangano ubancome ngezimpendulo zabo. Ukuncoma abafowenu nodadewenu kungabakhuthaza ngendlela izimpendulo zakho ebezingabakhuthaza ngayo. w23.04 23-24 ¶14-16

ULwesine, Meyi 8

Inhliziyo yami igxilile, Nkulunkulu.—IHu. 57:7.

Tadisha iZwi likaNkulunkulu, uzindle ngalo. Njengoba nje isihlahla singama siqine uma sinezimpande ezijulile, nathi singahlala siqinile uma ukholo lwethu lugxile eZwini likaNkulunkulu. Njengoba isihlahla sikhula, izimpande zaso zijula nakakhulu futhi zisabalale nakakhulu. Lapho sitadisha bese siyazindla, siqinisa ukholo lwethu futhi siqiniseka nakakhulu ukuthi izindlela zikaNkulunkulu zinhle kunazo zonke. (Kol. 2:​6, 7) Cabanga ngokuthi iziqondiso, izeluleko nesivikelo sikaJehova kwazisiza kanjani izinceku zakhe esikhathini esidlule. Ngokwesibonelo, uHezekeli wanakisisa lapho ingelosi ikala ithempeli ayelibona embonweni. Lo mbono wamqinisa uHezekeli futhi thina usifundisa izifundo ezibalulekile ezimayelana nendlela yokusekela imithetho kaJehova yokumkhonza ngendlela emsulwa. (Hez. 40:​1-4; 43:​10-12) Siyazuza nalapho sizinika isikhathi sokutadisha nokuzindla ngezinto ezijulile eziseZwini likaNkulunkulu. Singaba nayo inhliziyo egxilile, emethemba ngokuphelele uJehova.—IHu. 112:7. w23.07 18 ¶15-16

ULwesihlanu, Meyi 9

Londa . . . [ikhono] lokucabanga.—IzAga 3:21.

IBhayibheli linezibonelo eziningi ezinhle ezingalingiswa izinsizwa. Lawo madoda asendulo ayemthanda uNkulunkulu futhi enza imisebenzi ehlukahlukene ukuze anakekele abantu bakhe. Ungazithola nezibonelo ezinhle zamadoda angamaKristu avuthiwe emndenini wakini nasebandleni. (Heb. 13:7) Unanesibonelo esihle kakhulu sikaJesu Kristu. (1 Pet. 2:21) Njengoba ufunda ngala madoda ayizibonelo, cabanga ngezimfanelo zawo ezivelele. (Heb. 12:​1, 2) Yibe usunquma ukuthi uzowalingisa kanjani. Umuntu onekhono lokucabanga uyacabangisisa ngaphambi kokwenza okuthile. Ngakho, sebenza kanzima ukuze ube nalelo khono futhi uqhubeke ulisebenzisa. Qala ngokufunda izimiso zeBhayibheli bese ucabanga ngokuthi kungani zizuzisa. Ngemva kwalokho, sebenzisa lezo zimiso ukuze zikusize wenze izinqumo ezizojabulisa uJehova. (IHu. 119:9) Leso isinyathelo esibalulekile sokuba indoda engumKristu ovuthiwe.—IzAga 2:​11, 12; Heb. 5:14. w23.12 24-25 ¶4-5

UMgqibelo, Meyi 10

[Kulungeleni] ukuzivikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba eninalo, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.—1 Pet. 3:15.

Abazali bangaphumelela ukufundisa izingane zabo ukuthi zingaphendula kanjani ngendlela emnene lapho izinkolelo zazo ziphikiswa. (Jak. 3:13) Abanye abazali baprakthiza nezingane lapho benza ukukhulekela komndeni. Baxoxa ngezihloko okungase kukhulunywe ngazo esikoleni, benze nemiboniso yendlela ezingaphendula ngayo, bafundise izingane zabo ukuthi zingaphendula kanjani ngendlela emnene nemnandi. Ukuprakthiza kungasiza amaKristu aphendule ngendlela egculisayo lapho ephikiswa futhi agculiseke kwawona ukuthi akukholelwayo kunengqondo. Ku-jw.org/zu engxenyeni ethi “Intsha” kunochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” neKhasi Lemisebenzi eyenzelwe intsha. Lezi zingxenye zihloselwe ukusiza intsha iqiniseke ngezinkolelo zayo, ikwazi nokuphendula ngamazwi ayo. Uma sitadisha lezi zingxenye njengomndeni, sonke singafunda indlela esingavikela ngayo ukholo lwethu ngendlela emnene nemnandi. w23.09 17 ¶10; 18 ¶15-16

ISonto, Meyi 11

Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali.—Gal. 6:9.

Kwake kwenzeka yini wazibekela umgomo ozokusondeza kuJehova kodwa wakuthola kunzima ukuwufinyelela? Uma kunjalo, awuwedwa. Ngokwesibonelo, uPhilip wayefuna ukuthuthukisa izinga lemithandazo yakhe nokuthi uthandaza kaningi kangakanani, kodwa wayekuthola kunzima ukuthola isikhathi sokuthandaza. U-Erika wayenomgomo wokufika ngesikhathi emhlanganweni wenkonzo yasensimini; noma kunjalo, wayeqhubeka efika sekwephuzile cishe kuyo yonke imihlangano yenkonzo. Uma kunomgomo ongakawufinyeleli, akusho ukuthi uyisehluleki. Ngisho nokufinyelela umgomo olula kuvame ukudinga isikhathi nomzamo omkhulu. Ukuthi nje usafuna ukufinyelela umgomo wakho kubonisa ukuthi ubheka ubuhlobo bakho noJehova njengobuyigugu futhi ufuna ukumenzela okuhle kakhulu. UJehova uyayazisa imizamo yakho. Yiqiniso, akalindele ukuba wenze okungaphezu kwamandla akho. (IHu. 103:14; Mika 6:8) Uma uzibekela umgomo, qiniseka ukuthi uzokwazi ukuwufinyelela. w23.05 26 ¶1-2

UMsombuluko, Meyi 12

Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi?—Roma 8:31.

Abantu abanesibindi bangase besabe, kodwa abakuvumeli ukwesaba kubavimbe ukuba benze okulungile. UDaniyeli wayeyinsizwa enesibindi kakhulu. Watadisha imibhalo yabaprofethi bakaNkulunkulu, kuhlanganise neziprofetho zikaJeremiya. Ngokutadisha lezo ziprofetho, kamuva uDaniyeli waqonda ukuthi ukuthunjwa kwamaJuda abaseBhabhiloni isikhathi eside kwase kuzophela. (Dan. 9:2) Akungabazeki ukuthi ukubona isiprofetho seBhayibheli sigcwaliseka kwenza uDaniyeli wamethemba nakakhulu uJehova futhi labo abamethemba ngempela uNkulunkulu bangaba nesibindi esimangalisayo. (Qhathanisa neyabaseRoma 8:​32, 37-39.) Okubaluleke kunakho konke, uDaniyeli wayethandaza njalo kuYise osezulwini. (Dan. 6:10) Wavuma izono zakhe kuJehova, wamtshela nendlela azizwa ngayo. UDaniyeli walucela nosizo. (Dan. 9:​4, 5, 19) Wayengumuntu njengathi, ngakho akazalwanga enesibindi. Leyo mfanelo wayithola ngokutadisha, ukuthandaza nokuthembela kuJehova. w23.08 3 ¶4; 4 ¶7

ULwesibili, Meyi 13

Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.—Math. 5:16.

Lapho silalela amagunya aphakeme, kuzuza thina, kuzuze nabanye. Kanjani? Enye indlela esizuza ngayo ukuthi asisitholi isijeziso esitholwa yilabo abangawulaleli umthetho. (Roma 13:​1, 4) Ukulalela kwakho kungathinta indlela iziphathimandla ezibheka ngayo oFakazi BakaJehova bebonke. Ngokwesibonelo, eminyakeni eminingi edlule eNigeria, kwangena amasosha eHholo LoMbuso phakathi nomhlangano webandla, efuna ababebhikishela ukukhokha intela. Kodwa umphathi wawo wawatshela ukuba ahambe, wathi: “OFakazi BakaJehova abakubhikisheli ukukhokha intela.” Njalo lapho ulalela umthetho kungenzeka uvikele idumela labantu bakaJehova—idumela ngelinye ilanga elingavikela okholwa nabo. w23.10 9 ¶13

ULwesithathu, Meyi 14

Ninesidingo sokukhuthazela, ukuze ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele lokho uNkulunkulu akuthembisile.—Heb. 10:36.

Sekuyisikhathi eside ezinye izinceku zikaJehova zilinde ukuba leli zwe elibi liphele. Abanye abantu bacabanga ukuthi leli zwe elibi kufanele engabe kade laphela. Kodwa uJehova uyayazi indlela izinceku zakhe ezizizwa ngayo. Empeleni waqinisekisa umprofethi uHabakuki: “Umbono uzogcwaliseka ngesikhathi esimisiwe, leso sikhathi sizofika ngokushesha, ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale, hlala uwulindele! Ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze!” (Hab. 2:3) Ingabe uNkulunkulu wayeqinisekisa uHabakuki kuphela? Noma ingabe amazwi aKhe ayasithinta nathi namuhla? Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wathi lawo mazwi asebenza kumaKristu alindele izwe elisha. (Heb. 10:37) Ngakho, singaqiniseka ukuthi ngisho noma ukukhululwa esikuthenjisiwe kubonakala sengathi kuyalibala, ‘nakanjani kuzogcwaliseka. Ngeke kwephuze!’ w23.04 28 ¶16

ULwesine, Meyi 15

Wonke ama-Israyeli aqala ukububula ngoMose.—Num. 14:2.

Ama-Israyeli amaningi abenqaba ubufakazi obucacile bokuthi uJehova wayesebenzisa uMose njengommeleli waKhe. (Num. 14:​10, 11) Ngokuphindaphindiwe, enqaba ukwamukela ukuthi uMose wayesetshenziswa uJehova. Ngenxa yalokho, uJehova akazange awavumele lawo ma-Israyeli ukuba angene eZweni Lesithembiso. (Num. 14:30) Nokho, amanye ama-Israyeli asilandela isiqondiso sikaJehova. Ngokwesibonelo, uJehova wathi: ‘UKalebi . . . waqhubeka engilandela ngenhliziyo yakhe yonke.’ (Num. 14:24) UNkulunkulu wamvuza uKalebi, waze wamnika ngisho nendawo ayeyithanda eKhanani. (Josh. 14:​12-14) Isizukulwane sama-Israyeli esalandela naso sabeka isibonelo esihle endabeni yokulandela isiqondiso sikaJehova. Ngesikhathi uJoshuwa eba umholi wama-Israyeli ngemva kukaMose, “amhlonipha kakhulu zonke izinsuku zokuphila kwakhe.” (Josh. 4:14) Ngenxa yalokho, uJehova wawabusisa ngokuwanika izwe ayewathembise lona.—Josh. 21:​43, 44. w24.02 21 ¶6-7

ULwesihlanu, Meyi 16

Othanda uNkulunkulu kumelwe athande nomfowabo.—1 Joh. 4:21.

Njengoba udokotela engathola imininingwane ethile ngesimo senhliziyo uma ehlola umthambo wegazi, nathi sikwazi ukubona ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqine kangakanani ngokuhlola indlela esithanda ngayo abanye. Uma sibona ukuthi uthando lwethu ngabafowethu selubuthaka, kungase kusho ukuthi nothando lwethu ngoNkulunkulu luba buthaka. Kodwa uma sibabonisa njalo uthando abafowethu esikanye nabo, kusuke kuwuphawu lokuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqinile. Kufanele sikhathazeke uma uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu luncipha. Kungani? Kungoba lokho kuyosho ukuthi sisengozini yokulahlekelwa ubungani bethu noJehova. Umphostoli uJohane ukwenza kucace lokhu lapho ethi: “Ongamthandi umfowabo ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga.” (1 Joh. 4:20) Yini esiyifundayo? Sijabulisa uJehova kuphela uma “sithandana.”—1 Joh. 4:​7-9, 11. w23.11 8 ¶3; 9 ¶5-6

UMgqibelo, Meyi 17

Uyihlo nonyoko bayothokoza.—IzAga 23:25.

Ngesikhathi iNkosi uJehowashi isencane, yenza isinqumo esihlakaniphile. Njengoba yayingenaye ubaba, yalandela isiqondiso somPristi Ophakeme othembekile, uJehoyada. Lowo mpristi weluleka uJehowashi njengokungathi weluleka indodana yakhe. Ngenxa yalokho, uJehowashi ngokuhlakanipha wanquma ukuhola ekukhonzeni uJehova ngendlela emsulwa. Waze wahlela nokuba kulungiswe ithempeli likaJehova. (2 IziKr. 24:​1, 2, 4, 13, 14) Uma kukhona umuntu okufundisa ukuthanda uJehova nemithetho yakhe, ukunikeza isipho esibalulekile. (IzAga 2:​1, 10-12) Abazali bakho bangakuqeqesha ngezindlela eziningi. Bayojabula uma usisebenzisa iseluleko esisekelwe eBhayibhelini abakunika sona. Okubaluleke nakakhulu, uyojabulisa uNkulunkulu wakho futhi ube nobungani obuhlala njalo naye. (IzAga 22:6; 23:​15, 24) Ingabe lokho akukunikezi isizathu esihle sokulingisa isibonelo sikaJehowashi ngesikhathi esemncane? w23.09 8-9 ¶3-5

ISonto, Meyi 18

Mina ngiyonilalela.—Jer. 29:12.

UJehova uthembisa ukuthi uzoyilalela imithandazo yethu. UNkulunkulu wethu uyazithanda izikhonzi zakhe ezithembekile, ngakho uzoyilalela ngaso sonke isikhathi imithandazo yazo. (IHu. 10:17; 37:28) Kodwa lokhu akusho ukuthi uzosinika konke esikucelayo. Kungase kudingeke silinde kuze kufike izwe elisha ngaphambi kokuba sithole ezinye zezinto esizicelayo. UJehova ubheka ukuthi esikucelayo kuhlobana kanjani nenjongo yakhe isiyonke. (Isaya 55:​8, 9) Injongo yakhe ihlanganisa nokuba emhlabeni kugcwale amadoda nabesifazane abajabulayo, abanobunye nabathobela ukubusa kwakhe. Kodwa uSathane uthi kuzobahambela kahle abantu uma bezibusa bona. (Gen. 3:​1-5) Ukuze uJehova afakazele ukuthi lokho okwashiwo uDeveli kungamanga, uvumele abantu ukuba bazibuse. Kodwa ukubusa kwabantu kubangele umonakalo omkhulu esiwubona namuhla. (UmSh. 8:9) Siyaqonda ukuthi okwamanje, uJehova ngeke aziqede zonke lezi zinkinga. w23.11 21 ¶4-5

UMsombuluko, Meyi 19

Ngikumise ukuba ube uyise wezizwe eziningi.—Roma 4:17.

UJehova wathembisa ukuthi izizwe eziningi zaziyobusiswa ngo-Abrahama. Nokho, ngisho nalapho u-Abrahama eseneminyaka engu-100, uSara enengu-90, indodana ababethenjiswe yona yayingakazalwa. Ngokombono womuntu kwakubonakala sengathi u-Abrahama noSara ngeke babe nendodana. Kwakuwuvivinyo lwangempela lolo ku-Abrahama. “Nokho ngokusekelwe ethembeni, wayenokholo lokuthi wayezoba uyise wezizwe eziningi.” (Roma 4:​18, 19) Nangempela, lokho u-Abrahama ayenethemba lako kwenzeka. Waba ubaba ka-Isaka, indodana okwase kuyisikhathi eside eyilindele. (Roma 4:​20-22) UNkulunkulu angasamukela nathi futhi asibheke njengabangani bakhe abalungile, njengo-Abrahama. Empeleni, uPawulu wakhuluma ngalokho lapho ebhala: “Amazwi athi ‘wabhekwa njengolungile’ awalotshwanga ngenxa yakhe kuphela [u-Abrahama], kodwa nangenxa yethu, thina esibhekwa njengabalungile, ngoba sikholelwa kuLowo owavusa uJesu.” (Roma 4:​23, 24) Njengo-Abrahama, kudingeka sibe nokholo, imisebenzi nethemba. w23.12 7 ¶16-17

ULwesibili, Meyi 20

Ukubonile ukuhlupheka kwami; uyazi ngokucindezeleka kwami okukhulu.—IHu. 31:7.

Lapho ubhekene novivinyo olukwenza wesabe, khumbula ukuthi uJehova uyalubona lolo vivinyo nokuthi lukwenza uzizwe kanjani. Ngokwesibonelo, uJehova akazange nje aqaphele kuphela ukuphathwa ngokungenabulungisa kwama-Israyeli eGibhithe, kodwa wayebazi ‘nobuhlungu ayebuzwa.’ (Eks. 3:7) Yini ongayenza uma ubhekene novivinyo olwethusayo kodwa ungaboni ukuthi uJehova ukusiza kanjani. Mcele akusize ubone indlela akusekela ngayo. (2 AmaKh. 6:​15-17) Yibe usuzibuza: Ikhona yini inkulumo noma impendulo emhlanganweni yebandla engiqinisile? Ikhona yini incwadi, ividiyo noma ingoma eqanjiwe engikhuthazile? Ukhona yini ongikhuthaze ngamazwi noma ngevesi leBhayibheli? Kalula nje, singase singalunaki uthando esiluthola kubafowethu nodadewethu nesikhuthazo esisithola eZwini likaNkulunkulu. Kodwa konke lokhu kuyizipho eziyigugu kakhulu ezivela kuJehova. (Isaya 65:13; Marku 10:​29, 30) Kubonisa ukuthi uyakukhathalela. (Isaya 49:​14-16) Kuwubufakazi bokuthi ungamethemba. w24.01 4-5 ¶9-10

ULwesithathu, Meyi 21

Wenze izinceku zakho ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi.—IzE. 4:29.

Ngaphambi nje kokuba abuyele ezulwini, uJesu wakhumbuza abafundi bakhe ngomsebenzi wokunikeza ubufakazi ngaye “eJerusalema, kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8; Luka 24:​46-48) Ngemva kwesikhashana, abaholi abangamaJuda babamba umphostoli uPetru noJohane babaletha phambi kweSanhedrini, bayala la madoda athembekile ukuba ayeke ukushumayela, baze bawasongela imbala. (IzE. 4:​18, 21) UPetru noJohane bathi: “Ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, yahlulelani nina. Kodwa thina, ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.” (IzE. 4:​19, 20) Lapho uPetru noJohane sebekhululiwe, abafundi bathandaza kuJehova, umthandazo wabo wagxila ekwenzeni intando yakhe. UJehova wawuphendula lowo mthandazo oqotho.—IzE. 4:31. w23.05 5 ¶11-12

ULwesine, Meyi 22

Le yiNdodana yami, ethandekayo.—Math. 17:5.

Kwaphela iminyaka eminingi, uJehova neNdodana yakhe bethandana ngokujulile. Babendawonye isikhathi eside ukwedlula noma yibaphi abanye abantu. UJehova washo ngokucacile ukuthi uyamthanda uJesu, njengoba sifunde embhalweni wosuku wanamuhla. UJehova wayengamane athi nje, ‘Lona ngimamukele.’ Nokho, wayefuna sazi ukuthi umthanda kangakanani uJesu, ngakho wathi “Ndodana yami, ethandekayo.” UJehova wayeziqhenya ngoJesu nangalokho ayesazokwenza. (Efe. 1:7) UJesu wayengangabazi nakancane ukuthi uBaba wakhe uyamthanda. Uthando lukaJehova ngoJesu lwalulukhulu kangangokuba uJesu wayeluzwa ngaphakathi ekujuleni. Washo ngokuphindaphindiwe nangokuqiniseka ukuthi uBaba wakhe uyamthanda.—Joh. 3:35; 10:17; 17:24. w24.01 27 ¶8

ULwesihlanu, Meyi 23

Yigama elihle okumelwe likhethwe kunengcebo eningi.—IzAga 22:1.

Cabanga ngalokhu: Umuntu omthandayo usho into embi ngawe. Uyazi ukuthi lokho akushoyo kungamanga; kodwa abanye bayakukholwa lokho akushoyo. Okubi nakakhulu, baze bawaxoxele nabanye lawo manga, nabo bawakholwe. Ungazizwa kanjani? Kungenzeka ukuthi lokho kunyundela bekungakuzwisa ubuhlungu, akunjalo? Lokhu kungasisiza siqonde indlela uJehova ayezizwa ngayo lapho idumela lakhe licekelwa phansi. Enye yamadodana akhe omoya yakhuluma amanga ngaye kowesifazane wokuqala, u-Eva. Wawakholwa lawo manga. Lawo manga enza abazali bethu bokuqala bangamlalela uJehova. Lokhu kwabangela isono nokufa kubantu. (Gen. 3:​1-6; Roma 5:12) Zonke izinkinga ezikhona emhlabeni—ukufa, izimpi nosizi—zibangelwa amanga asakazwa uSathane. UJehova uyabuzwa yini ubuhlungu ngenxa yalokho kunyundela nemiphumela yako? Yebo uyabuzwa. Nokho, uJehova akanayo inzondo. Empeleni, ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thim. 1:11. w24.02 8 ¶1-2

UMgqibelo, Meyi 24

Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?—Gen. 39:9.

Ungamlingisa kanjani uJosefa? Unganquma manje ukuthi yini ozoyenza uma ubhekana nesilingo. Funda ukuzenqaba ngokushesha izinto uJehova azizondayo, ungavumi ngisho ukucabanga ngazo. (IHu. 97:10; 119:165) Uma wenza kanjalo ngeke wone lapho ulingwa. Kungenzeka uyazi ukuthi uthole iqiniso futhi ufuna ukukhonza uJehova ngenhliziyo yakho yonke kodwa kunokuthile okukuvimba ukuba uzinikezele futhi ubhapathizwe. Ungalingisa isibonelo seNkosi uDavide. Ungancenga uJehova: “O Nkulunkulu ngihlole, wazi inhliziyo yami. Ngihlole, wazi imicabango yami engikhathazayo. Bheka ukuthi ikhona yini indlela elimazayo kimi, ungihole ngendlela yaphakade.” (IHu. 139:​23, 24) UJehova uyababusisa “labo abamfuna ngobuqotho.” Ukusebenzela ukufinyelela umgomo wokuzinikezela nokubhapathizwa kumbonisa ukuthi wenza lokho kanye.—Heb. 11:6. w24.03 6 ¶13-15

ISonto, Meyi 25

Akudingeki ukuba anikele imihlatshelo nsuku zonke.—Heb. 7:27.

Umpristi ophakeme wayenikezwe igunya lokumelela abantu phambi kukaNkulunkulu. Lapho itabernakele linikezelwa, uJehova wamisa umPristi Ophakeme wokuqala kwa-Israyeli, u-Aroni. Nokho, njengoba umphostoli uPawulu achaza, “baningi okwadingeka babe abapristi ngokulandelana ngenxa yokuthi ukufa kwabavimba ukuba baqhubeke beyibo.” (Heb. 7:​23-26) Labo bapristi abaphakeme babengamadoda anesono, ngakho kwakudingeka benze imihlatshelo yezabo izono. Nawu-ke umehluko omkhulu phakathi kwabapristi abaphakeme bakwa-Israyeli nomPristi Ophakeme, uJesu Kristu. UJesu Kristu, njengomPristi Ophakeme, ‘uyisikhonzi sasetendeni leqiniso, elamiswa uJehova, hhayi umuntu.’ (Heb. 8:​1, 2) UPawulu wathi “ngenxa yokuthi [uJesu] uqhubeka ephila kuze kube phakade, akekho olandela esikhundleni sakhe sobupristi.” Wanezela nokuthi uJesu ‘akangcolile, uhlukanisiwe nezoni,’ futhi ngokungefani nabapristi abaphakeme bakwa-Israyeli, “akudingeki ukuba anikele imihlatshelo nsuku zonke” ngenxa yezono zakhe. w23.10 26 ¶8-9

UMsombuluko, Meyi 26

Izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwase kudlulile.—IsAm. 21:1.

“Izulu langaphambili” libhekisela kohulumeni baleli zwe abathonywe uSathane namademoni akhe. (Math. 4:​8, 9; 1 Joh. 5:19) Ngomqondo elisetshenziswe ngawo eBhayibhelini, igama elithi “umhlaba” lingabhekisela kubantu abahlala emhlabeni. (Gen. 11:1; IHu. 96:1) Ngakho, ‘umhlaba wangaphambili’ ubhekisela kubantu abangalungile besikhathi esiphila kuso. UJehova ngeke amane nje alungise, noma athuthukise, “umhlaba” ‘namazulu’ okukhona njengamanje; kunalokho uzokususa kungaphinde kube khona. Uzobhubhisa izulu nomhlaba okukhona manje, esikhundleni sako alethe “izulu elisha nomhlaba omusha”—okuwuhulumeni omusha nabantu abalungile. Uzokwenza umhlaba ube musha asuse nesono kubantu. Njengoba u-Isaya abikezela, wonke umhlaba uzokwenziwa ube muhle njengepaki—ufane nensimu yase-Edene. Umuntu ngamunye naye uzokwenziwa abe musha, noma abuyiselwe esimweni sokungabi nesono. Olunyonga, oyimpumputhe noyisithulu bazokwelashwa, ngisho nabafile bazovuswa.—Isaya 25:8; 35:​1-7. w23.11 4 ¶9-10

ULwesibili, Meyi 27

Hlalani nimi ngomumo.—Math. 24:44.

“Usizi olukhulu” luzoqala kungazelelwe. (Math. 24:21) Nokho, ngokungafani nezinye izinhlekelele eziningi, akuyena wonke umuntu oyozunywa usizi olukhulu. Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, uJesu waxwayisa abalandeli bakhe ukuba balulungele lolo suku. Uma silulungele kuzoba lula ngathi ukubhekana naleso sikhathi esinzima nokusiza abanye ukuba benze okufanayo. (Luka 21:36) Kuyodingeka sikhuthazele ukuze silalele uJehova, simethembe ukuthi uzosivikela. Siyokwenzenjani uma abafowethu belahlekelwa yizo zonke izinto abanazo noma ezinye zazo? (Hab. 3:​17, 18) Kuyodingeka sibe nozwela ukuze sibasize ngezinto abazidingayo. Siyokwenzenjani uma kudingeka sihlale nabafowethu nodadewethu okwesikhashana ngenxa yokuhlaselwa yizizwe eziyobe zihlangene zihlasela abantu bakaNkulunkulu? (Hez. 38:​10-12) Kuyodingeka sibathande ngempela ukuze sikwazi ukubhekana naleso sikhathi esinzima. w23.07 2 ¶2-3

ULwesithathu, Meyi 28

Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphile, nisisebenzise kahle isikhathi senu.—Efe. 5:​15, 16.

Abantu abashadile bangafunda esibonelweni sika-Akhwila noPriska, ababethandwa amaKristu amaningi ekhulu lokuqala. (Roma 16:​3, 4) Babesebenza, bashumayele, basize nabanye ndawonye. (IzE. 18:​2, 3, 24-26) Empeleni, noma nini lapho iBhayibheli likhuluma ngo-Akhwila noPriska, lihlale likhuluma ngabo bobabili. Abantu abashadile bangabalingisa kanjani? Cabanga ngezinto eziningi wena noshade naye okudingeka nizenze. Ningakwazi yini ukwenza ezinye zalezo zinto ndawonye kunokuba uzenze wedwa? Ngokwesibonelo, u-Akhwila noPriska babeshumayela ndawonye. Nina nijwayele yini ukwenza izinhlelo zokushumayela ndawonye? U-Akhwila noPriska babephinde basebenze ndawonye. Wena noshade naye kungenzeka anisebenzi ndawonye, kodwa ningakwazi yini ukwenza imisebenzi yasekhaya ndawonye? (UmSh. 4:9) Lapho nisizana ekwenzeni umsebenzi othile, niyezwa ukuthi nibambisene futhi niba nethuba lokuxoxa. w23.05 22-23 ¶10-12

ULwesine, Meyi 29

Lapho ngesaba, ngithembela kuwe.—IHu. 56:3.

Ngezinye izikhathi sonke sifikelwa ukwesaba. Ngokwesibonelo, ngesikhathi iNkosi uSawule ifuna ukubulala uDavide, uDavide wanquma ukubalekela edolobheni lamaFilisti iGati. Ngokushesha inkosi yaseGati, u-Akhishi, yathola ukuthi uDavide wayeyiqhawe elinamandla eladunyiswa ngokuculelwa ingoma ethi ubulale “amashumi ezinkulungwane” zamaFilisti. UDavide “wesaba kakhulu.” (1 Sam. 21:​10-12) Wayekhathazekile ngoba wayengazi ukuthi u-Akhishi uzomenzani. UDavide wakunqoba kanjani ukwesaba? KumaHubo 56, uDavide uveza imizwa yakhe ngesikhathi eseGati. Lelo hubo likuveza obala ukwesaba kukaDavide, libuye lembule nokuthi wakunqoba kanjani lokho kwesaba. Lapho uDavide efikelwa ukwesaba wathembela kuJehova. (IHu. 56:​1-3, 11) Wayenezizathu ezizwakalayo zokwethembela kuJehova. Ngosizo lukaJehova, uDavide wenza iqhinga elingajwayelekile kodwa elasebenza: Wenza sengathi uyahlanya! U-Akhishi wabheka uDavide njengesicefe, wangambheka njengomuntu owusongo, lokhu kwenza uDavide wakwazi ukuphunyuka.—1 Sam. 21:13–22:1. w24.01 2 ¶1-3

ULwesihlanu, Meyi 30

Labo abakanye nalo ababiziwe nabakhethiwe nabathembekile nabo bayowanqoba.—IsAm. 17:14.

Obani labo okukhulunywa ngabo embhalweni wanamuhla? Abagcotshiwe abavusiwe! Ngakho lapho abokugcina kwabagcotshiwe abasemhlabeni sebeyiswe ezulwini ngasekupheleni kosizi olukhulu, esinye sezabelo zabo zokuqala kuyoba ukulwa. Ngemva kokuvuselwa ezulwini, bazokhonza noKristu kanye nezingelosi zakhe ezingcwele, balwe nezitha zikaNkulunkulu empini yokugcina. Ake ucabange nje! Emhlabeni, amanye amaKristu agcotshiwe asekhulile ngeminyaka futhi abuthaka. Kodwa lapho esevuselwe ezulwini ayoba izidalwa zomoya ezinamandla, alwe ekanye neNkosi yawo eyiQhawe, uJesu Kristu. Ngemva kokulwa impi ye-Armagedoni, ayosebenza noJesu, asize ekuqedeni isono kubantu. Asingabazi ukuthi bayokwenzela abafowabo nodadewabo abathandekayo abasemhlabeni okuhle kakhulu lapho sebesezulwini kunalokho abangabenzela kona bengabantu abanesono! w24.02 6-7 ¶15-16

UMgqibelo, Meyi 31

Qhubekani nihamba ngomoya, ngeke neze nifeze izifiso zenyama.—Gal. 5:16.

Abanye asebekulungele ukuzinikezela nokubhapathizwa, bayanqikaza ukwenza kanjalo. Bangase bacabange, ‘Kuthiwani uma ngemva kokubhapathizwa ngenza isono esikhulu bese ngiyasuswa?’ Uma wesaba lokho, qiniseka ngokuthi uJehova uyokunika konke okudingayo ‘ukuze uhambe ngokumfanele, ukuze umjabulise ngokugcwele.’ (Kol. 1:10) Uyokunika namandla okwenza okulungile. Baningi abantu asebasizile ukuba benze okufanele. (1 Kor. 10:13) Leso esinye sezizathu esenza babe mbalwa abantu abasuswayo ebandleni lobuKristu. UJehova usiza abantu bakhe bahlale bethembekile. Wonke umuntu onesono uyalingeka ukuba enze izinto ezingafanele. (Jak. 1:14) Nokho, nguwe okufanele ukhethe ukuthi uzokwenzani lapho ulingwa—isinqumo sakho. Iqiniso liwukuthi nguwe olawula indlela ozophila ngayo. Nakuba abanye abantu bengase bangavumelani nalokho, ungakwazi ukufunda ukulawula izifiso ezingafanele. w24.03 5 ¶11-12

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela