Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w23 Novemba kk. 8-13
  • Indlela Esingagcina Ngayo Uthando Ngomunye Nomunye Luqinile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Esingagcina Ngayo Uthando Ngomunye Nomunye Luqinile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUNGANI KUFANELE SITHANDANE?
  • SIBONISA KANJANI UKUTHI SIYATHANDANA?
  • SINGALUGCINA KANJANI UTHANDO LWETHU NGABANYE LUQINILE?
  • OKWENZA SILUDINGE NGOKUKHETHEKILE UTHANDO NAMUHLA
  • ‘Qhubeka Ubonisa Uthando’
    Sondela KuJehova
  • “Ngaphezu Kwakho Konke, Yibani Nothando Olukhulu”
    Hlalani Nilindile!
  • Ungaluvumeli Uthando Lwakho Luphole
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Mawakhiwe Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
w23 Novemba kk. 8-13

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 47

Indlela Esingagcina Ngayo Uthando Ngomunye Nomunye Luqinile

“Masiqhubeke sithandana ngoba uthando luvela kuNkulunkulu.”—1 JOH. 4:7.

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

AMAZWIBELAa

1-2. (a) Kungani umphostoli uPawulu athi uthando luyimfanelo ‘enkulu’ kunazo zonke? (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

NGESIKHATHI umphostoli uPawulu ekhuluma ngokholo, ithemba nothando, waphetha ngokuthi “okukhulu kunakho konke kulezi zinto uthando.” (1 Kor. 13:13) Kungani asho kanjalo? Esikhathini esizayo, ngeke kusadingeka sibe nokholo ezithembisweni zikaNkulunkulu zezwe elisha noma sibe nethemba lokuthi lezo zithembiso zizogcwaliseka ngoba ziyobe sezigcwalisekile. Kodwa kuyohlale kudingeka sithande uJehova nabantu. Empeleni, uthando lwethu ngabo luyoqhubeka lukhula kuze kube phakade.

2 Njengoba kudingeka sihlale sinalo uthando, sizoxoxa ngale mibuzo emithathu. Owokuqala, kungani kufanele sithandane? Owesibili, sibabonisa kanjani abanye ukuthi siyabathanda? Owesithathu, singalugcina kanjani uthando ngomunye nomunye luqinile?

KUNGANI KUFANELE SITHANDANE?

 3. Yiziphi izizathu ezisenza sithandane?

3 Kungani kubalulekile ukuba sithandane? Esinye isizathu ukuthi uthando lwenza kucace ukuthi singamaKristu eqiniso. UJesu watshela abaphostoli bakhe: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.” (Joh. 13:35) Esinye siwukuthi ukuthandana kusigcina sinobunye. UPawulu wathi uthando “lwenza abantu babe nobunye ngokuphelele.” (Kol. 3:14) Kodwa kunesinye isizathu esibalulekile sokuthi kungani kufanele sithandane. Umphostoli uJohane wabhalela ayekholwa nabo: “Othanda uNkulunkulu kumele athande nomfowabo.” (1 Joh. 4:21) Uma sithandana sibonisa ukuthi siyamthanda noNkulunkulu.

4-5. Fanekisa ukuthi indlela esithanda ngayo uNkulunkulu ihlobene kanjani nendlela esithanda ngayo abanye.

4 Uthando lwethu ngoNkulunkulu luhlobene kanjani nothando esilubonisa abafowethu nodadewethu? Ake sifanekise, cabanga ngokuhlobana okukhona phakathi kwenhliziyo nezinye izingxenye zomzimba wethu. Lapho udokotela ehlola umthambo wegazi osesihlakaleni, angase athole imininingwane ethile ngesimo senhliziyo. Singasisebenzisa kanjani lesi simiso endabeni yothando?

5 Njengoba udokotela engathola imininingwane ethile ngesimo senhliziyo uma ehlola umthambo wegazi, nathi sikwazi ukubona ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqine kangakanani ngokuhlola indlela esithanda ngayo abanye. Uma sibona ukuthi uthando lwethu ngabafowethu selubuthaka, kungase kusho ukuthi nothando lwethu ngoNkulunkulu luba buthaka. Kodwa uma sibabonisa njalo uthando abafowethu esikanye nabo, kusuke kuwuphawu lokuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqinile.

 6. Kungani kufanele sikhathazeke uma uthando esinalo ngabafowethu nodadewethu luncipha? (1 Johane 4:​7-9, 11)

6 Kufanele sikhathazeke uma uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu luncipha. Kungani? Kungoba lokho kuyosho ukuthi sisengozini yokulahlekelwa ubungani bethu noJehova. Umphostoli uJohane ukwenza kucace lokhu lapho ethi: “Ongamthandi umfowabo ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga.” (1 Joh. 4:20) Yini esiyifundayo? Sijabulisa uJehova kuphela uma “sithandana.”—Funda eyoku-1 Johane 4:​7-9, 11.

SIBONISA KANJANI UKUTHI SIYATHANDANA?

7-8. Yiziphi ezinye izindlela esingabonisana ngazo uthando?

7 IZwi likaNkulunkulu lisiyala ngokuphindaphindiwe ukuba “sithandane.” (Joh. 15:​12, 17; Roma 13:8; 1 Thes. 4:9; 1 Pet. 1:22; 1 Joh. 4:11) Kodwa uthando luyimfanelo esenhliziyweni noma engaphakathi kumuntu futhi akekho umuntu ongakwazi ukubona okusezinhliziyweni zethu. Pho-ke, singabonisa kanjani ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu? Ngamazwi nangezenzo.

8 Ziningi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu. Nazi izibonelo ezimbalwa: “Khulumani iqiniso komunye nomunye.” (Zak. 8:16) ‘Yibani nokuthula phakathi kwenu.’ (Marku 9:50) Holani “ekubonisaneni udumo.” (Roma 12:10) “Yamukelanani.” (Roma 15:7) “Qhubekani . . . nithethelelana.” (Kol. 3:13) “Qhubekani nithwalisana imithwalo yenu.” (Gal. 6:2) “Qhubekani niduduzana.” (1 Thes. 4:18) “Qhubekani . . . nakhana.” (1 Thes. 5:11) ‘Thandazelanani.’—Jak. 5:16.

Esikubona ezithombeni: 1. Udade uyathandaza. 2. Uyalalelisisa njengoba omunye udade emtshela indlela azizwa ngayo. 3. Ufonela udade ogulayo osekhulile ngevidiyo. 4. Ubhala ikhadi azolithumela kanye nesipho. 5. Udla nodade olimele engalweni.

Singamsiza kanjani esikholwa naye ocindezelekile? (Bheka izigaba 7-9)

 9. Kungani ukududuza abanye kuyindlela ebalulekile yokubonisa ukuthi siyabathanda? (Bheka nesithombe.)

9 Ake sixoxe ngenye yezindlela esingabonisana ngazo uthando okukhulunywe ngayo esigabeni esidlule. Sizohlola iseluleko sikaPawulu esithi: “Qhubekani niduduzana.” Kungani ukududuza abanye kubalulekile ukuze sibonise ukuthi siyabathanda? Ngokwencwadi echaza iBhayibheli, igama elasetshenziswa uPawulu elithi “induduzo” lisho “ukuma eceleni komuntu ukuze umkhuthaze lapho ebhekene novivinyo olunzima.” Ngakho, lapho siduduza esikholwa naye ocindezelekile, sisuke simsiza ukuba avuke azithathe aqhubeke nendlela eya ekuphileni. Isikhathi ngasinye lapho siduduza umfowethu noma udadewethu, sisuke sibonisa ukuthi siyamthanda.—2 Kor. 7:​6, 7, 13.

10. Uzwela luhlobene kanjani nenduduzo?

10 Ukuba nozwela kuhlobene eduze nokududuza abanye. Kuhlobene kanjani? Umuntu onozwela uthatha isinyathelo sokududuza abanye azame nokubasiza. Siqala ngokuba nozwela; bese siyabaduduza abanye. Phawula indlela uPawulu ahlobanisa ngayo uzwela lukaJehova nenduduzo uJehova ayinikezayo. UPawulu uchaza uJehova ngokuthi ‘unguYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Kor. 1:3) Lapha uPawulu usebenzisa igama elithi ‘isihe’ ukuze achaze uzwela esinalo ngabanye. Ngakho, uNkulunkulu ubizwa ngokuthi unguBaba, noma unguMthombo, wesihe ngoba uyazwelana kakhulu nabantu. Lolo zwela lumenza asiduduze “kuzo zonke izilingo zethu.” (2 Kor. 1:4) Njengoba nje amanzi ahlanzekile ageleza esuka emthonjeni ebaqabula abomile, noJehova ubenza baqabuleke futhi abaduduze abacindezelekile. Singamlingisa kanjani ekuboniseni abanye uzwela nenduduzo? Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukuzama ukuba nezimfanelo ezingasisiza sibe nozwela ngabanye futhi sibaduduze. Yiziphi ezinye zalezo zimfanelo?

11. NgokweyabaseKolose 3:12 neyoku-1 Petru 3:​8, yiziphi ezinye izimfanelo okumele sizihlakulele ukuze sihlale sinothando oluzosenza siduduze abanye?

11 Yini ezosisiza sihlale sinothando esiludingayo ukuze ‘siqhubeke siduduzana’ usuku nosuku? Kudingeka sihlakulele izimfanelo ezinhle ezinjengozwela, uthando lobuzalwane nomusa. (Funda eyabaseKolose 3:12; 1 Petru 3:8.) Zizosisiza kanjani lezo zimfanelo? Uma uzwela nezimfanelo ezihlobene nalo ziba ingxenye yobuntu bethu, kuzozenzakalela ukuba siduduze abacindezelekile. Njengoba uJesu asho, “umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Umuntu omuhle ukhipha izinto ezinhle emcebweni wakhe omuhle.” (Math. 12:​34, 35) Ukududuza abafowethu nodadewethu abaswele kuyindlela ebaluleke ngempela yokubonisa ukuthi siyabathanda.

SINGALUGCINA KANJANI UTHANDO LWETHU NGABANYE LUQINILE?

12. (a) Kungani kudingeka sihlale siqaphile ukuze uthando esinalo ngabafowethu lungapheli (b) Yimuphi umbuzo esizoxoxa ngawo?

12 Sonke sifuna ‘ukuqhubeka sithandana.’ (1 Joh. 4:7) Kodwa kubalulekile ukukhumbula ukuthi uJesu wasixwayisa ngokuthi “uthando lwabaningi luyophola.” (Math. 24:12) Wayengasho ukuthi iningi labafundi bakhe laliyoyeka ukuthandana. Noma kunjalo, kufanele sihlale siqaphile ukuze singathonywa abantu abasizungezile abangenalo uthando. Sinalokho engqondweni, ake sixoxe ngalo mbuzo obalulekile: Yini engasisiza sibone ukuthi uthando esinalo ngabafowethu luqinile?

13. Yini engavivinya uthando lwethu?

13 Enye indlela yokuhlola ukuthi uthando lwethu luqine kangakanani ukubheka ukuthi senze njani lapho sibhekene nezimo ezithile. (2 Kor. 8:8) Umphostoli uPetru uyakhuluma ngesinye salezo zimo lapho ethi: “Ngaphezu kwakho konke, thandanani kakhulu, ngoba uthando lumboza izono eziningi.” (1 Pet. 4:8) Ngakho, ubuthaka namaphutha abanye kungaluvivinya uthando lwethu.

14. Eyoku-1 Petru 4:​8, ithi kufanele sithandane kangakanani? Fanekisa.

14 Ake sicabangisise ngamazwi kaPetru. Ingxenye yokuqala evesini lika-8 ichaza ukuthi kufanele sithandane kangakanani—“thandanani kakhulu.’ Igama uPetru alisebenzisa elisho ukuthi “kakhulu” ngokwezwi nezwi lisho “ukunweba.” Ingxenye yesibili yaleli vesi ichaza umphumela ukuthandana kakhulu okungaba nawo. Uthando lumboza izono zabafowethu. Singakufanekisa ngale ndlela: Sibamba uthando lwethu ngezandla zombili, njengokungathi luyindwangu enwebekayo, silunwebe silunwebe kuze kube yilapho lumboza “izono eziningi,” hhayi nje esisodwa noma ezimbili. Ukumboza kusho ukuthethelela. Njengoba nje nendwangu ingamboza ibala elingcolile, nothando lungamboza ubuthaka namaphutha abanye.

15. Uma uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu luqinile, yini esizokwazi ukuyenza? (Kolose 3:13)

15 Uthando lwethu ngabanye kufanele luqine kangangokuba sikwazi ukuthethelela amaphutha abo—ngisho noma lokho kunzima kakhulu ngezinye izikhathi. (Funda eyabaseKolose 3:13.) Uma sikwazi ukuthethelela abanye, sibonisa ukuthi uthando lwethu luqinile nokuthi sifuna ukujabulisa uJehova. Yini enye engasisiza singazinaki izinto ezisicasulayo kwabanye namaphutha abo?

Isithombe esincane sibonisa umzalwane odilitha isithombe esingesihle asishuthe nabafowabo nodadewabo efonini yakhe. Isithombe esihle usiprintile wasifaka kuyi-frame wasibeka phezu kweshalofu.

Njengoba nje sigcina izithombe ezinhle sidilithe ezimbi, siyazazisa izikhathi ezimnandi esizichitha nesikholwa nabo, sigweme ukugxila kokubi (Bheka izigaba 16-17)

16-17. Yini enye ezosisiza singawanaki amaphutha abanye? Fanekisa. (Bheka nesithombe.)

16 Gxila ezimfanelweni ezinhle zabafowenu nodadewenu, hhayi kwezimbi. Cabanga ngalo mfanekiso. Ake sithi usemcimbini nabafowenu nodadewenu. Ziyabuya kulo mcimbi, bese kuthi uma uphela nishuthe isithombe. Empeleni, nishutha ezinye izithombe ezimbili ukuze nikhethe esinye uma kwenzeka ningasithandi esokuqala. Manje seninezithombe ezintathu. Kodwa kwesinye sazo uyaphawula ukuthi umzalwane othile unyukubele. Usenzenjani leso sithombe? Uyasidilitha noma usisuse ngoba zikhona ezinye ezimbili lapho wonke umuntu emomotheka khona, kuhlanganise nalo mzalwane onyukubele.

17 Lezi zithombe esizigcinayo singazifanisa nezinkumbulo esizigcinayo. Sivame ukuba nezinkumbulo ezinhle zesikhathi esisichitha nabafowethu nodadewethu. Ake sithi kwesinye salezo zikhathi, umzalwane noma udade wenza noma asho into ekuzwisa ubuhlungu. Uzokwenzenjani? Kungani ungazami ukuyikhohlwa leyo nto njengoba nje ubungadilitha esinye salezo zithombe? (IzAga 19:11; Efe. 4:32) Singakwazi ukulikhohlwa iphutha elincane elenziwe umuntu esikholwa naye ngoba sinezinkumbulo eziningi ezinhle zesikhathi esimnandi esaba naso nalowo muntu. Yilezo zinkumbulo esifuna ukuzigcina singazikhohlwa.

OKWENZA SILUDINGE NGOKUKHETHEKILE UTHANDO NAMUHLA

18. Yimaphi amaphuzu ayinhloko aphathelene nothando esiwafundile kulesi sihloko?

18 Kungani sifuna ukulugcina luqinile uthando esinalo ngomunye nomunye? Njengoba sibonile, lapho sithanda abafowethu nodadewethu sisuke sithanda noJehova. Sibabonisa kanjani esikholwa nabo ukuthi siyabathanda? Enye indlela esibabonisa ngayo ukubaduduza. Uma sibazwela abanye siyokwazi ‘ukuqhubeka siduduzana.’ Yini esingayenza ukuze sigcine uthando ngomunye nomunye luqinile? Ukwenza konke esingakwenza ukuze sithethelele amaphutha abanye.

19. Kungani kubaluleke ngokukhethekile namuhla ukubonisa ukuthi siyathandana?

19 Kungani kubaluleke ngokukhethekile namuhla ukuba sithandane? Nasi isizathu esinikezwa uPetru: “Ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho-ke, . . . thandanani kakhulu.” (1 Pet. 4:​7, 8) Njengoba ukuphela kwaleli zwe elibi kusondela nakakhulu, yini okufanele siyilindele? Lapho uJesu ekhuluma ngabalandeli bakhe, wabikezela: “Niyozondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Math. 24:9) Ukuze simelane nale nzondo, kudingeka sihlale sinobunye. Uma senza kanjalo, imizamo kaSathane yokusihlukanisa ngeke iphumelele, ngoba sihlanganiswe uthando—olwenza abantu babe “nobunye ngokuphelele.”—Kol. 3:14; Fil. 2:​1, 2.

UNGAPHANDULA KANJANI?

  • Yiziphi izizathu ezisenza sithande abafowethu nodadewethu?

  • Sibonisa kanjani ukuthi siyabathanda esikholwa nabo?

  • Kungani ukuzimisela kwethu ukuthethelela kuyindlela esibonisa ngayo uthando?

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

a Manje, kunanini ngaphambili, kubalulekile ukubonisa abafowethu nodadewethu uthando. Kungani kunjalo futhi singababonisa kanjani ukuthi siyabathanda?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela