Indlela Engazuza Ngayo Ekukhathaleleni KukaNkulunkulu
EKUSENI ngo-May 18, 1963, ngavuka ngijabule kakhulu kunokujwayelekile. Kwakuqala usuku oluhle, olufudumele olubalele. Kodwa ngaphambi kokuba ngichaze ukuthi kungani lolo suku lwalukhetheke kangaka kimi, ake ngithi fahla-fahla ngami.
Ngazalelwa ePhiladelphia, ePennsylvania, e-U.S.A., ngo-May 20, 1932, nginguthunjana emkhayeni onamadodakazi amane. Umama washona lapho ngineminyaka emibili ubudala, futhi ubaba waphinde washada lapho ngineminyaka emihlanu ubudala. Ngokuhamba kwesikhathi, emkhayeni wakithi kwanezelwa abafowethu nodadewethu abancane abayisithupha. SasingamaBaptist, futhi ngesinye isikhathi ngaze ngacabanga ngisho nokuba uthisha kuSonto-sikole.
Ngazalwa nginesifo samathambo esingamahlalakhona, esabangela ukuphila okunzima kakhulu kwasebuntwaneni. Lapho ngineminyaka engu-9, udokotela wangitshela ukuthi ngizogula kakhulu ngokuhamba kwesikhathi. Ngokudabukisayo, ukubikezela kwakhe kwaba iqiniso. Lapho ngineminyaka engu-14, ngangingasakwazi ukuhamba. Ekugcineni izandla, izinyawo, nemilenze yami kwase kukhubazeke ngokuphelele, futhi izinqulu zami zagogeka. Iminwe yami yakhubazeka kakhulu kangangokuba ngaba nobunzima ekubhaleni noma nje ekucosheni izinto. Ngenxa yesimo sami, angikwazanga ukuphindela esikoleni somphakathi.
Lapho ngilaliswa esibhedlela ngineminyaka engu-14, ngajabula ngoba abahlengikazi babevuma ukuba ngibasize ngemisebenzi emincane. Ngangiwujabulela kakhulu lomsebenzi. Kamuva, ngafinyelela eqophelweni lapho ngangingasakwazi ukuhlala ngiqonde. Odokotela batshela abazali bami ukuthi akukho ababengangisiza ngakho, ngakho ngemva kokuhlala izinyanga ezintathu esibhedlela, ngathunyelwa ekhaya.
Eminyakeni emibili eyalandela, kuze kube yilapho ngineminyaka engu-16, ngangingenzi lutho ngaphandle kokulala embhedeni. Kwalungiselelwa ukuba ngifundiselwe ekhaya, kodwa-ke isimo sami saba sibi kakhulu. Ngavelwa uzozo eqakaleni lami langakwesokudla, kanye nemfiva eyenza amalunga aphelelwe amandla, okwabangela ukuba ngiphindele esibhedlela. Ngahlanganisa iminyaka engu-17 ubudala ngilapho. Ngaphinde ngahlala esibhedlela izinyanga ezintathu. Lapho ngibuyela ekhaya, ngangingasakufanelekeli ukufundiselwa khona.
Lapho sengizohlanganisa iminyaka engu-20, ngangilusizi kakhulu futhi ngangichitha isikhathi esiningi ngikhala. Ngangazi ukuthi ukhona uNkulunkulu, futhi ngathandaza kuye izikhathi eziningi ukuba angisize.
Ithemba Lesikhathi Esizayo
Lapho ngiseSibhedlela Esikhulu sasePhiladelphia ukuze ngithole ukwelashwa okwengeziwe eqakaleni, ngangihlala egumbini elilodwa nentombazanyana okuthiwa uMiriam Kellum. Saba abangane. Lapho udadewabo kaMiriam uCatherine Miles evakashile, wayehlanganyela nami ulwazi lweBhayibheli. Ngemva kokuphuma esibhedlela, ngandlela-thile ngangikwazi ukuxhumana njalo noCatherine, owayengomunye woFakazi BakaJehova.
Ngeshwa, usingamama wayengangithandi. Lapho ngineminyaka engu-25, ngahlala nomunye wodadewethu abadala, futhi kwenzeka ukuba uCatherine athuthele endlini eseduze. Ngamshayela ucingo, futhi waqala ukungiqhubela isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi UNkulunkulu Makabe Oneqiniso njengensiza-kufundisa. Yeka injabulo engaba nayo lapho ngifunda ukuthi ngangingeke ngikhubazeke unomphelo nokuthi ngolunye usuku bonke ububi buyosuswa! (IzAga 2:21, 22; Isaya 35:5, 6) Lamaqiniso angikhanga, kanye nethemba lovuko nethemba lokubona umama futhi.—IzEnzo 24:15.
Zisuka nje ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Umyeni kaCatherine wayengifukula angiyise emotweni yabo bese siya eHholo LoMbuso. Lapho ngiya emihlanganweni, ngangizizwa ngikhuthazekile ngothando engangiluboniswa.
Ukunqoba Izithiyo
Ngokudabukisayo, udadewethu nomyeni wakhe bahlala ngokuhlukana, okwahilela ukuba ngiphinde ngihlale nobaba nosingamama. Njengoba usingamama ayebaphikisa kakhulu oFakazi BakaJehova, kwadingeka ukuba ngitadishe iBhayibheli ngasese kusukela ngo-1958 kuya ku-1963. Wayengavumeli noyedwa woFakazi BakaJehova ukuba angene ekhaya. Ngangitadisha nabahlukahlukene ngocingo noma lapho ngisesibhedlela.
Esinye isithiyo sasiwukuthi ngezinye izikhathi usingamama wayenqaba ukungipha ukudla nokungigeza. Ngesinye isikhathi akazange angigeze izinwele izinyanga ezingu-8. Futhi wayengangivumeli ukuba ngifunde izincwadi ayengazigunyazile. Nokho, ukukhathalela kukaJehova kwakusobala, njengoba umfowethu avuma ukuba izincwadi zami zifikele kwakhe. Lelilungiselelo lenza ukuba uPat Smith, udade ongumKristu engangibhalelana naye, akwazi ukuxhumana nami futhi anginikeze isikhuthazo esingokomBhalo. Umfowethu wayengishushumbisela izincwadi ezazibhalwe yilodade; ngangiziphendula, bese umfowethu eshushumbisa ezami.
Ngo-1963, kwadingeka ngibuyele esibhedlela, futhi uPat Smith waqhubeka engifundela lapho. Ngolunye usuku wangibuza: “Ungathanda yini ukubhapathizwa emhlanganweni wethu wesifunda?”
Ngaphendula: “Yebo!”
Ngangisegumbini lokwelapha futhi ngangingathola imvume yokuhamba usuku ololudwa. Ngosuku lomhlangano wesifunda, uPat, kanye nabanye oFakazi, beza bezongilanda. Kwadingeka ukuba abazalwane bangeqise ngaphezu kothango futhi bangehlisele emanzini ukuze ngibhapathizwe. Manje ngase ngingomunye wezinceku zikaJehova! Lokho kwenzeka ngo-May 18, 1963, usuku engingasoze ngalukhohlwa.
Ngingena Ngiphuma Emakhaya Asebegugile
Kwakumele ngiphume esibhedlela ngo-November. Ngangingafuni ukuphindela ekhaya ngoba ngangazi ukuthi ukukhonza kwami uJehova kwakuzolinganiselwa lapho. Ngakho ngenza amalungiselelo okungena ekhaya lasebegugile. Lapho ngaqala ukuhlanganyela enkonzweni ngokubhalela abantu okwakunzima ukuba oFakazi babafinyelele enkonzweni yendlu ngendlu. Ngangifunda nezingosi zezimemezelo zabafileyo bese ngibhalela izihlobo zalabo abasanda kufa, ngifake imibhalo eduduzayo yeBhayibheli.
Khona-ke, ngo-May 1964, ngathuthela eNew York City ngiyohlala nodadewethu omdala nomyeni wakhe. Umyeni wakhe wangithengela isihlalo sabakhubazekile ngokokuqala ngqá, futhi ngaqala ukuya emihlanganweni. Yeka indlela engangijabule ngayo lapho nginikeza inkulumo yami yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesikhathi ngiseNew York City!
Ekuqaleni kuka-1965, abangane bami abathile basePhiladelphia bangicela ukuba ngibavakashele amasonto amabili. Lapho ngisePhiladelphia, udadewethu wangibhalela wangitshela ukuthi akasangifuni nokuthi kufanele ngihlale lapho ngikhona. Ngahlela ukuphindela ekhaya lasebegugile. Ngesikhathi ngilapho, ngaqhubeka ngiya emihlanganweni futhi ngifakaza kubantu ngokubabhalela izincwadi. Kungalesi sikhathi lapho ngakwazi ukwandisa inkonzo yami ngokuhlanganyela kulokho okwaziwa ngokuthi umsebenzi wamaphayona asizayo.
Ukukhathalelwa Ngothando
Okunye ukubonakaliswa kokukhathalela kukaJehova kwakuwusizo engalunikezwa oFakazi BakaJehova baseBandleni laseWest ePhiladelphia. Ngaphezu kokungiyisa emihlanganweni yobuKristu, banginikeza izinto zokubhala nokunye engangikudinga enkonzweni yami.
Ngo-1970 kwavela ubufakazi obengeziwe bokukhathalela kukaJehova lapho ngenzelwa amalungiselelo okuhlala noMaude Washington, udade ongumKristu futhi ongumhlengikazi owayesethathe umhlalaphansi. Nakuba ayesezohlanganisa iminyaka engu-70 ngaleso sikhathi, wanginakekela ngokuzithandela phakathi neminyaka emibili eyalandela kwaze kwaba yilapho engasakwazi ukwenza kanjalo.
Lapho ngisahlala noMaude, abazalwane baseBandleni laseRidge ePhiladelphia bazikhandla ukuze baqiniseke ukuthi ngangiya kuyo yonke imihlangano. Lokhu kwakuhilela ukungenyusa futhi bangehlise ezitebhisini zezitezi ezintathu kathathu ngesonto. Yeka ukuthi ngibabonga kangakanani labo abasebenza ngokwethembeka kangaka ukuze bangisize ngiye emihlanganweni!
Ngo-1972, lapho uDade Washington engasakwazi ukunginakekela, nganquma ukuzitholela indawo yami yokuhlala. Lolushintsho lwalungenakwenzeka ngaphandle kosizo lokuzidela nothando lodadewethu abangamaKristu baseBandleni laseRidge. Benza amalungiselelo okungipha ukudla, ukungigeza, nokunakekela izidingo zami. Abanye babesiza ngokungithengela nokunakekela eminye imisebenzi edingekile.
Odade babefika njalo ekuseni ukuze bangiphe ukudla futhi bangigqokise ngilungele usuku. Ngemva kokungigibelisa esihlalweni sami sabakhubazekile, babengiyisa edeskini lami elalisekhoneni lekamelo, eduze kwefasitela. Ngangihlala lapho, ngihlanganyela enkonzweni ngokusebenzisa ucingo nangokubhala izincwadi. Lengxenye yekamelo lami ngayiqamba ngokuthi ingosi yepharadesi, njengoba ngangiyihlobise ngemifanekiso eminingi engokwasezulwini. Ngangisebenzisa usuku lonke enkonzweni yami kuze kube yilapho kufika othile ebusuku ezongifaka embhedeni.
Ngo-1974 impilo yami yabangela ukuba ngilaliswe esibhedlela. Ngesikhathi ngilapho, odokotela bazama ukungicindezela ukuba ngimpontshelwe igazi. Cishe ngemva kwesikhathi esingangesonto, ngemva kokuba isimo sami sesingcono, ngavakashelwa odokotela ababili. Ngathi kubo: “Oh, ngiyanikhumbula nobabili. Nazama ukunginxenxa ukuba ngimpontshelwe igazi.”
“Yebo,” bephendula, “kodwa sasazi ukuthi kwakungeke kuphumelele.” Ngaba nethuba lokunikeza labodokotela ubufakazi ngesithembiso seBhayibheli sovuko nangomhlaba oyiPharadesi.—IHubo 37:29; Johane 5:28, 29.
Phakathi neminyaka yokuqala eyishumi ngihlala ngedwa, ngangikwazi ukuya emihlanganweni yobuKristu. Angikaze ngiphuthe emihlanganweni ngaphandle kokuba ngigula. Uma izulu lilibi, abafowethu babengisonga imilenze ngengubo bese beyemboza ukuze ihlale ifudumele. Ngezikhathi ezithile ngangivakashelwa umbonisi wesifunda. Phakathi nokuhambela kwakhe, ‘wayengiphelezela’ siye esifundweni seBhayibheli engangisiqhuba ngocingo. Lezi kwakuyizikhathi ezingijabulisa kakhulu.
Ukubhekana Nesimo Esiba Sibi Kakhulu
Ngo-1982, ngafinyelela eqophelweni lapho ngangingasakwazi khona ukuphuma embhedeni. Ngangingasakwazi ukuya emihlanganweni, noma ukuphayona, engase ngikwenze ngokuqhubekayo iminyaka engu-17. Lezi zimo zangidabukisa kakhulu, futhi ngangivame ukukhala. Nokho, ukukhathalela kukaJehova kwakusobala—abadala abangamaKristu bahlela ukuba kuqhutshelwe iSifundo Sencwadi Sebandla endlini yami encane. Yeka ukuthi ngisabonga kanjani ngaleli lungiselelo!
Njengoba ngangihlala embhedeni usuku lonke futhi ngingakwazi ukufinyelela edeskini lami, ngaqala ukuprakthiza ukubhala esiqeshini sephepha engangisibeka esifubeni. Ekuqaleni, sasingafundeki isandla sami, kodwa ngokuprakthiza njalo, safundeka. Okwesikhashana ngakwazi futhi ukunikeza ubufakazi ngokubhala izincwadi, futhi lokhu kwanginikeza injabulo ethile. Ngeshwa, isimo sami siye sawohloka ngokuqhubekayo, futhi angisakwazi ukuhlanganyela kulesi sici senkonzo.
Nakuba ngingasakwazi ukuya ngokoqobo emhlanganweni wesigodi kusukela ngo-1982, ngizama ukuba semoyeni womhlangano ngesikhathi sawo. Udade ongumKristu ungilethela ibheji bese elinamathisela engutsheni yami yokulala. Futhi, ngivula ithelevishini ukuze ngibone umdlalo we-baseball eVeteran’s Stadium ePhiladelphia bese ngicabanga ngendawo engangivame ukuhlala kuyo phakathi nemihlangano yethu lapho. Ngokuvamile, othile ungiqophela isimiso somhlangano ukuze ngisilalele sonke.
Angidangali
Nakuba ngingasakwazi ukwenza okuningi enkonzweni njengoba ngangenza ngaphambili, ngisakuphaphamele ukukhuluma nabantu ngamaqiniso eBhayibheli. Kuye kwaba umthombo wenjabulo ukuthi ngiye ngakwazi ukuphayona futhi ngasiza abantu abaningi abathakazelayo ukuba bafunde iBhayibheli. Nakuba kungazange kube lula ukuhlala ngedwa kuleminyaka engu-22 edlule, ngiye ngajabulela inkululeko yokukhonza uJehova ngaphandle kokuphazamiseka, engangingeke ngikwazi ukukwenza ukuba ngahlala ekhaya.
Futhi ngiye ngabona isidingo sokuba ngizikhandle ukuze ngishintshe ubuntu bami. Ngezinye izikhathi amazwi ami awazange abe nomusa ngaso sonke isikhathi lapho nginikeza isiqondiso kulabo abaye bangisiza ngokuzithandela. (Kolose 4:6) Ngithandaza njalo kuJehova ukuba angisize ngithuthuke kulesi sici. Ngisibonga kakhulu isineke nomoya wokuthethelela okuye kwaboniswa yilabo abaye bangibekezelela ngothando kuyo yonke leminyaka. Usizo lwabo lothando luyisibusiso engibabonga ngaso bona kanye noJehova.
Nakuba sekuyiminyaka eminingi ngingasakwazi ukuya ngokoqobo emihlanganweni—angikaze ngiphume ekamelweni lami phakathi naso sonke leso sikhathi ngaphandle kwesikhathi esisodwa lapho ngiya esibhedlela—ngisajabulile. Yiqiniso, ngezinye izikhathi ngiyacindezeleka, kodwa uJehova uyangisiza ukuba ngilulame. Manje ngijabulela ukulalela imihlangano ngesimiso socingo esixhunywe eHholo LoMbuso. Ngokuncika kuJehova ngomthandazo nangokumethemba, angikaze ngizizwe ngingedwa. Yebo, ngingasho ngokuqinisekile ukuthi ngiye ngazuza ekukhathaleleni kukaJehova.—Njengoba ilandiswa uCeleste Jones.
[Isithombe ekhasini 24]
Lengxenye engangihlanganyela kuyo enkonzweni ngayiqamba ngokuthi ingosi yepharadesi