ULwesithathu, Meyi 14
Ninesidingo sokukhuthazela, ukuze ngemva kokuba seniyenzile intando kaNkulunkulu, nizitholele lokho uNkulunkulu akuthembisile.—Heb. 10:36.
Sekuyisikhathi eside ezinye izinceku zikaJehova zilinde ukuba leli zwe elibi liphele. Abanye abantu bacabanga ukuthi leli zwe elibi kufanele engabe kade laphela. Kodwa uJehova uyayazi indlela izinceku zakhe ezizizwa ngayo. Empeleni waqinisekisa umprofethi uHabakuki: “Umbono uzogcwaliseka ngesikhathi esimisiwe, leso sikhathi sizofika ngokushesha, ngeke uqambe amanga. Ngisho noma ungase ulibale, hlala uwulindele! Ngoba nakanjani uzogcwaliseka. Ngeke wephuze!” (Hab. 2:3) Ingabe uNkulunkulu wayeqinisekisa uHabakuki kuphela? Noma ingabe amazwi aKhe ayasithinta nathi namuhla? Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wathi lawo mazwi asebenza kumaKristu alindele izwe elisha. (Heb. 10:37) Ngakho, singaqiniseka ukuthi ngisho noma ukukhululwa esikuthenjisiwe kubonakala sengathi kuyalibala, ‘nakanjani kuzogcwaliseka. Ngeke kwephuze!’ w23.04 28 ¶16
ULwesine, Meyi 15
Wonke ama-Israyeli aqala ukububula ngoMose.—Num. 14:2.
Ama-Israyeli amaningi abenqaba ubufakazi obucacile bokuthi uJehova wayesebenzisa uMose njengommeleli waKhe. (Num. 14:10, 11) Ngokuphindaphindiwe, enqaba ukwamukela ukuthi uMose wayesetshenziswa uJehova. Ngenxa yalokho, uJehova akazange awavumele lawo ma-Israyeli ukuba angene eZweni Lesithembiso. (Num. 14:30) Nokho, amanye ama-Israyeli asilandela isiqondiso sikaJehova. Ngokwesibonelo, uJehova wathi: ‘UKalebi . . . waqhubeka engilandela ngenhliziyo yakhe yonke.’ (Num. 14:24) UNkulunkulu wamvuza uKalebi, waze wamnika ngisho nendawo ayeyithanda eKhanani. (Josh. 14:12-14) Isizukulwane sama-Israyeli esalandela naso sabeka isibonelo esihle endabeni yokulandela isiqondiso sikaJehova. Ngesikhathi uJoshuwa eba umholi wama-Israyeli ngemva kukaMose, “amhlonipha kakhulu zonke izinsuku zokuphila kwakhe.” (Josh. 4:14) Ngenxa yalokho, uJehova wawabusisa ngokuwanika izwe ayewathembise lona.—Josh. 21:43, 44. w24.02 21 ¶6-7
ULwesihlanu, Meyi 16
Othanda uNkulunkulu kumelwe athande nomfowabo.—1 Joh. 4:21.
Njengoba udokotela engathola imininingwane ethile ngesimo senhliziyo uma ehlola umthambo wegazi, nathi sikwazi ukubona ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqine kangakanani ngokuhlola indlela esithanda ngayo abanye. Uma sibona ukuthi uthando lwethu ngabafowethu selubuthaka, kungase kusho ukuthi nothando lwethu ngoNkulunkulu luba buthaka. Kodwa uma sibabonisa njalo uthando abafowethu esikanye nabo, kusuke kuwuphawu lokuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqinile. Kufanele sikhathazeke uma uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu luncipha. Kungani? Kungoba lokho kuyosho ukuthi sisengozini yokulahlekelwa ubungani bethu noJehova. Umphostoli uJohane ukwenza kucace lokhu lapho ethi: “Ongamthandi umfowabo ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga.” (1 Joh. 4:20) Yini esiyifundayo? Sijabulisa uJehova kuphela uma “sithandana.”—1 Joh. 4:7-9, 11. w23.11 8 ¶3; 9 ¶5-6