ULwesihlanu, Meyi 16
Othanda uNkulunkulu kumelwe athande nomfowabo.—1 Joh. 4:21.
Njengoba udokotela engathola imininingwane ethile ngesimo senhliziyo uma ehlola umthambo wegazi, nathi sikwazi ukubona ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqine kangakanani ngokuhlola indlela esithanda ngayo abanye. Uma sibona ukuthi uthando lwethu ngabafowethu selubuthaka, kungase kusho ukuthi nothando lwethu ngoNkulunkulu luba buthaka. Kodwa uma sibabonisa njalo uthando abafowethu esikanye nabo, kusuke kuwuphawu lokuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu luqinile. Kufanele sikhathazeke uma uthando lwethu ngabafowethu nodadewethu luncipha. Kungani? Kungoba lokho kuyosho ukuthi sisengozini yokulahlekelwa ubungani bethu noJehova. Umphostoli uJohane ukwenza kucace lokhu lapho ethi: “Ongamthandi umfowabo ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga.” (1 Joh. 4:20) Yini esiyifundayo? Sijabulisa uJehova kuphela uma “sithandana.”—1 Joh. 4:7-9, 11. w23.11 8 ¶3; 9 ¶5-6
UMgqibelo, Meyi 17
Uyihlo nonyoko bayothokoza.—IzAga 23:25.
Ngesikhathi iNkosi uJehowashi isencane, yenza isinqumo esihlakaniphile. Njengoba yayingenaye ubaba, yalandela isiqondiso somPristi Ophakeme othembekile, uJehoyada. Lowo mpristi weluleka uJehowashi njengokungathi weluleka indodana yakhe. Ngenxa yalokho, uJehowashi ngokuhlakanipha wanquma ukuhola ekukhonzeni uJehova ngendlela emsulwa. Waze wahlela nokuba kulungiswe ithempeli likaJehova. (2 IziKr. 24:1, 2, 4, 13, 14) Uma kukhona umuntu okufundisa ukuthanda uJehova nemithetho yakhe, ukunikeza isipho esibalulekile. (IzAga 2:1, 10-12) Abazali bakho bangakuqeqesha ngezindlela eziningi. Bayojabula uma usisebenzisa iseluleko esisekelwe eBhayibhelini abakunika sona. Okubaluleke nakakhulu, uyojabulisa uNkulunkulu wakho futhi ube nobungani obuhlala njalo naye. (IzAga 22:6; 23:15, 24) Ingabe lokho akukunikezi isizathu esihle sokulingisa isibonelo sikaJehowashi ngesikhathi esemncane? w23.09 8-9 ¶3-5
ISonto, Meyi 18
Mina ngiyonilalela.—Jer. 29:12.
UJehova uthembisa ukuthi uzoyilalela imithandazo yethu. UNkulunkulu wethu uyazithanda izikhonzi zakhe ezithembekile, ngakho uzoyilalela ngaso sonke isikhathi imithandazo yazo. (IHu. 10:17; 37:28) Kodwa lokhu akusho ukuthi uzosinika konke esikucelayo. Kungase kudingeke silinde kuze kufike izwe elisha ngaphambi kokuba sithole ezinye zezinto esizicelayo. UJehova ubheka ukuthi esikucelayo kuhlobana kanjani nenjongo yakhe isiyonke. (Isaya 55:8, 9) Injongo yakhe ihlanganisa nokuba emhlabeni kugcwale amadoda nabesifazane abajabulayo, abanobunye nabathobela ukubusa kwakhe. Kodwa uSathane uthi kuzobahambela kahle abantu uma bezibusa bona. (Gen. 3:1-5) Ukuze uJehova afakazele ukuthi lokho okwashiwo uDeveli kungamanga, uvumele abantu ukuba bazibuse. Kodwa ukubusa kwabantu kubangele umonakalo omkhulu esiwubona namuhla. (UmSh. 8:9) Siyaqonda ukuthi okwamanje, uJehova ngeke aziqede zonke lezi zinkinga. w23.11 21 ¶4-5