JUNI 9-15
IZAGA 17
Ingoma 157 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)
Indoda nomkayo abangama-Israyeli badla ukudla okulula endaweni enokuthula
1. Yiba Nokuthula Emshadweni Wakho
(10 imiz.)
Ukuthula kuyasetshenzelwa kodwa kunezinzuzo ukukusebenzela (IzA 17:1; bheka isithombe esisekhasini 1)
Gwema ukwenza izinto eziwubala zibe nkulu (IzA 17:9; g 9/14 11 ¶2)
Lawula imizwa yakho (IzA 17:14; w08 5/1 10 ¶6–11 ¶1)
2. Amagugu Angokomoya
(10 imiz.)
IzA 17:24—“Amehlo esiphukuphuku aqalaza kuze kube semaphethelweni omhlaba” ngayiphi indlela? (it-1-E 790 ¶2)
Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
3. Ukufundwa KweBhayibheli
(4 imiz.) IzA 17:1-17 (th isifundo 10)
4. Ukuqala Ingxoxo
(3 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. (lmd isifundo 3 iphuzu 5)
5. Ukuqala Ingxoxo
(4 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 6 iphuzu 4)
6. Inkulumo
(5 imiz.) ijwbv isihloko 60—Isihloko: Zisho Ukuthini IzAga 17:17? (th isifundo 13)
Ingoma 113
7. Hlakulela Imikhuba Emihle Ekhuthaza Ukukhulumisana Okuhle
(15 imiz.) Ingxoxo.
Ukukhulumisana okuhle kubalulekile ukuze umndeni ujabule. Lapho amalungu omndeni ekhulumisana ngokukhululekile, angakwazi ukufinyelela imigomo azibekele yona futhi asekelane ngezikhathi ezinzima. (IzA 15:22) Yini ongayenza ukuze ukhuthaze bonke ekhaya ukuba bakhulume ngokukhululekile?
Chithani isikhathi ndawonye. (Dut 6:6, 7) Lapho imindeni isebenza ndawonye, yenza izinto ezingokomoya ndawonye futhi izijabulisa ndawonye, isondelana kakhulu, ithandane futhi yethembane. Kuvuleka namathuba okuxoxa ngokukhululekile. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke udele izinto othanda ukuzenza ukuze wenze izinto ezithandwa amanye amalungu omndeni, kodwa ekugcineni kuyonizuzisa lokho! (Flp 2:3, 4) Ningasisebenzisa kanjani kahle isikhathi senu nindawonye?—Efe 5:15, 16.
Dlala IVIDIYO ethi Thatha Izinyathelo Ezenza Umndeni Ube Nokuthula—Thuthukisa Indlela Enikhulumisana Ngayo. Ngemva kwalokho, buza izilaleli le mibuzo:
Ukungayisebenzisi kahle imishini yezobuchwepheshe kungaba namuphi umphumela endabeni yokhulumisana emndenini?
Yini enye oyifundile mayelana nokukhulumisana ngendlela ephumelelayo kule vidiyo?
Yiba isilaleli esihle. (Jak 1:19) Izingane zivame ukukhuluma ngokukhululekile ngendlela ezizizwa ngayo uma zingesabi ukuthi abazali bazo bazothetha noma bathi ziyahlupha. Ngakho, yenza okusemandleni ukuba ungacasuki uma ingane yakho ikutshela into ekukhathazayo. (IzA 17:27) Kunalokho, lalela ngozwela. Zama ukuqonda indlela ecabanga ngayo nemizwa yayo ukuze ukwazi ukuyiqinisekisa ngokuthi uyayikhathalela futhi uyisize ngendlela enothando.
8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla
(30 imiz.) bt isahl. 27 ¶19-22, ibhokisi ek. 212