ULwesine, Ephreli 9
Walamulela izeqamthetho.—Isaya 53:12.
UJehova wacela u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka ukuze ibe umhlatshelo. Ngokuqinisekile kwakubuhlungu kakhulu lokho u-Abrahama ayecelwe ukuba akwenze. Noma kunjalo, wayezimisele ukulalela uJehova. Kodwa uNkulunkulu wamnqanda ngomzuzu wokugcina. Noma kunjalo, leso sibonelo sifundisa bonke abantu abanokholo iqiniso elibalulekile—uJehova wayeyokulangazelela ukunikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ukuze ibe umhlatshelo. UJehova ubathanda ngaleyo ndlela abantu. (Gen. 22:1-18) Emakhulwini eminyaka kamuva, uMthetho owawunikwe isizwe sakwa-Israyeli wawuyala leso sizwe ukuba senze imihlatshelo eminingi yokuhlawulela izono zabantu bakaNkulunkulu. (Lev. 4:27-29; 17:11) Leyo mihlatshelo yayibonisa ukuthi uJehova wayeyokwenza umhlatshelo ongcono kakhulu owawuyobakhulula ngokuphelele abantu esonweni. Abaprofethi bakaNkulunkulu baphefumulelwa ukuba bachaze ukuthi inzalo ethenjisiwe eyayiyiNdodana kaNkulunkulu ekhethekile kwakuyodingeka ihlupheke futhi ibulawe ukuze kusindiswe abantu esonweni nasekufeni—kuhlanganise nawe!—Isa. 53:1-12. w24.08 4 ¶7-8
ULwesihlanu, Ephreli 10
Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Ngizindla ngawo usuku lonke.—IHu. 119:97.
Lapho ufunda iBhayibheli, qikelela ukuthi ubheka izindlela ongasebenzisa ngazo lokho okufundayo. Njengoba ufunda iZwi likaNkulunkulu, zibuze, ‘Ngingakusebenzisa kanjani engikufundayo manje noma esikhathini esizayo?’ Ngokwesibonelo, ake sithi ngesikhathi ufunda iBhayibheli ufunde neyoku-1 Thesalonika 5:17, 18. Ngemva kokufunda lawo mavesi amabili, ungama kancane ucabange ngokuthi uthandaza kaningi kangakanani nangokuthi ijule kangakanani imithandazo yakho. Ungacabanga nangezinto obongayo ngazo. Mhlawumbe ungase unqume ukuthi uzobonga uJehova ngezinto ezithile ezintathu. Ngisho noma ungase uchithe imizuzu embalwa ucabanga ngokufundayo, ngezinga elithile uyoba umuzwi nomenzi weZwi likaNkulunkulu. Cabanga ngendlela oyozuza ngayo nakwezinye izingxenye zeBhayibheli ozifundayo ngokwenza kanjalo usuku nosuku! Ngempela, uyoba umenzi weZwi likaNkulunkulu ongcono kakhulu. w24.09 4-5 ¶9-10
UMgqibelo, Ephreli 11
Ziqapheleni ukuze ningalahlekelwa izinto esisebenzele ukuzikhiqiza, kodwa ukuba nithole umvuzo ogcwele.—2 Joh. 8.
UJehova usidale ngendlela emangalisayo. Nakuba sijabula lapho siphiwa okuthile, sijabula ngisho nakakhulu lapho sipha abanye. Siyajabula lapho sikwazi ukusiza esikholwa nabo. Siyajabula nalapho bebonga. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi umuntu esimphayo uyabonga noma akabongi, singajabula ngokuthi thina senze into enhle. Ungakhohlwa ukuthi noma ngabe yini oyipha omunye umuntu, “uJehova unendlela yokukunika okuningi kakhulu.” (2 IziKr. 25:9) Asisoze sapha abanye okungaphezu kwalokho uJehova angasipha kona! Ayikho into ejabulisa ukwedlula ukuvuzwa uJehova. Ngakho masizimisele ukuqhubeka silingisa uBaba wethu osezulwini ophanayo. w24.09 31 ¶20-21