UMsombuluko, Agasti 10
Nina madoda, . . . nibazise njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana.—1 Pet. 3:7.
Umbiko wamuva we-World Health Organization uveza ukuthi abayeni abaningi bayawashaya amakhosikazi abo, bawahlukumeze ngamazwi noma ngokomzwelo. Umyeni owenza lokho angase amphathe kahle umkakhe lapho bephambi kwabantu, kodwa amhlukumeze lapho sebesekhaya. Yini engenza amanye amadoda ahlukumeze omkawo? Kungenzeka akhuliswa ubaba onodlame, ngakho acabanga ukuthi ukuhlukumeza omkawo akuyona into embi. Amanye athonywa yisiko lendawo, elingase likhuthaze umbono oyiphutha othi “indoda yangempela” kumele ibe nokhahlo ukuze ibonise umkayo ukuthi kukhala esayo isicathulo. Amanye awafundiswanga ukulawula imizwa yawo, okuhlanganisa intukuthelo yawo. Amanye amadoda anomkhuba wokubuka izithombe zocansi ezingcolile, okuwenza abe nombono ongafanele ngabesifazane nangocansi. Ngaphezu kwalokho, imibiko ibonisa ukuthi ubhubhane lwe-COVID-19 luzenze zanda lezi zinkinga. Yiqiniso, ayikho into kulezi zinto ezibaliwe enikeza indoda isizathu sokuba ihlukumeze umkayo. w25.01 8 ¶2-3
ULwesibili, Agasti 11
Njengoba uKristu ahlupheka enyameni, nani hlomani ngesimo sengqondo esifanayo.—1 Pet. 4:1.
“Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Luka 10:27) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi lona kwakuwumyalo obaluleke kunayo yonke eMthethweni KaMose. Phawula ukuthi uthando lwethu ngoJehova luhlanganisa izinhliziyo zethu, okuhlanganisa izifiso zethu nemizwa yethu. Kuhlanganisa nokuzinikela ngomphefumulo wonke namandla ethu. Nokho, ukuthanda uJehova kuhlanganisa nengqondo yethu, okuhlanganisa indlela esicabanga ngayo ngezinto. Yiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukuyiqonda ngokuphelele indlela uJehova acabanga ngayo. Kodwa singayiqonda kangcono indlela uNkulunkulu acabanga ngayo ngokufunda “umqondo kaKristu” ngoba uJesu uyilingisa ngokuphelele indlela uBaba wakhe acabanga ngayo.—1 Kor. 2:16. w25.03 8 ¶1
ULwesithathu, Agasti 12
Ngaye sithole ukukhululwa ngesihlengo ngegazi lakhe, yebo, ukuthethelelwa kweziphambeko zethu, ngokuchichima komusa wakhe omkhulu.—Efe. 1:7.
Njengomuntu ongenasono, uJesu wayelingana nendoda yokuqala, u-Adamu, ngaphambi kokuba yone. (1 Kor. 15:45) Ngakho ngokufa kwakhe, uJesu wakwazi ukuhlawulela isono sika-Adamu, okuwukuthi ukubuyisa lokho u-Adamu akulahla. (Roma 5:19) Ngakho uJesu waba “u-Adamu wokugcina.” Akudingeki kuphinde kuze omunye umuntu azokhokhela lokho u-Adamu akulahla. UJesu wafa “kwaba kanye kuphela.” (Heb. 7:27; 10:12) Pho uyini-ke umehluko phakathi kwelungiselelo lokuhlawulela nesihlengo? Ilungiselelo lokuhlawulela yilokho uNkulunkulu akwenzayo ukuze aphinde abe nobuhlobo obuhle nabantu. Isihlengo inani elikhokhwayo ukuze abantu abanesono bahlawulelwe izono zabo. Leli nani limelelwa yigazi likaJesu eliyigugu elathululwa ngenxa yethu.—Heb. 9:14. w25.02 5 ¶12-13