ULwesine, Januwari 26
Izinsuku eziyisikhombisa uyogubhela uJehova uNkulunkulu wakho lo mkhosi endaweni uJehova ayikhethayo.—Dut. 16:15.
Ama-Israyeli asendulo atshelwa: “Kathathu ngonyaka, bonke abantu bakho besilisa kufanele bavele phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayikhethayo.” (Dut. 16:16) Kwakufanele ashiye imizi yawo nezinto ayezitshalile kungagadiwe. Kodwa uJehova wawathembisa: “Akekho oyofisa izwe lakho lapho usakhuphukile uyobona ubuso bukaJehova uNkulunkulu wakho.” (Eks. 34:24) Emethemba ngokugcwele uJehova, lawo ma-Israyeli ayesaba uNkulunkulu ayeba khona emikhosini yaminyaka yonke. Ngenxa yalokho ayebusiswa ngokucebile; ayewuqonda kangcono uMthetho kaNkulunkulu, ayezindla ngobuhle bukaNkulunkulu futhi ayejabulela ubudlelwane obuhle nayekholwa nawo. Nathi sizuza ngendlela efanayo lapho sizidela ukuze sibe khona emihlanganweni yobuKristu. Cabanga nje ngokuthi uJehova ujabula kanjani lapho sifika silungiselele ukuze sinikeze izimpendulo ezimfushane, ezicatshangwe kahle. w22.03 22 ¶9
ULwesihlanu, Januwari 27
Uyakwazi ukusiza labo abavivinywayo.—Heb. 2:18.
UJehova wayeqeqesha uJesu ukuze akwazi ukufeza indima yokuba uMpristi wethu Ophakeme. UJesu wabona ukuthi kunzima kanjani ukulalela umthetho kaNkulunkulu lapho evivinywa ngokweqile. Wacindezeleka kakhulu waze wathandazela usizo “ngokukhala okukhulu nangezinyembezi.” Ngokuqinisekile, ngemva kokudlula osizini olunjalo, uJesu uqobo uyaziqonda izidingo zethu futhi ‘uyakwazi ukusisiza lapho sivivinywa.’ Simbonga kakhulu uJehova ngokumisa uMpristi Ophakeme onesihe, okwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu’! (Heb. 2:17, 18; 4:14-16; 5:7-10) UJehova wavumela uJesu ukuba ahlupheke kakhulu ukuze aphendule lo mbuzo obalulekile: Abantu bangakwazi yini ukuhlale bethembekile kuJehova ngisho nalapho bevivinywa kakhulu? USathane uyaphika! Uthi abantu bakhonza uNkulunkulu ngezizathu zobugovu futhi abamthandi uJehova. (Jobe 1:9-11; 2:4, 5) UJesu wabulondoloza ubuqotho bakhe wafakazela ukuthi uSathane unamanga. w21.04 16-17 ¶7-8
UMgqibelo, Januwari 28
Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . bafundi . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.—Math. 28:19, 20.
Ngaphambi kokuba umfundi abhapathizwe, kumelwe akusebenzise okufundiswa iBhayibheli. Lapho umfundi esebenzisa akufundayo, uba “njengomuntu ohlakaniphile” okukhulunywa ngaye emfanekisweni kaJesu, owamba wajula ukuze akhe indlu yakhe edwaleni. (Math. 7:24, 25; Luka 6:47, 48) Siza omfundelayo enze izinguquko ekuphileni kwakhe. (Marku 10:17-22.) UJesu wayazi ukuthi kwakuyoba nzima ukuba isicebi sidayise zonke izinto zaso. (Marku 10:23) Noma kunjalo, uJesu watshela le ndoda ukuthi ayenze lolu shintsho olukhulu ekuphileni kwayo. Kungani? Ngoba uJesu wayeyithanda. Ngezinye izikhathi, singase sibe manqikanqika ekukhuthazeni esimfundelayo ukuba asebenzise akufundayo ngenxa yokuthi sicabanga ukuthi akakakulungeli ukwenza ushintsho oludingekayo. (Kol. 3:9, 10) Kodwa uma ushesha ukuxoxa ngaleyo ndaba, nomfundi uzoshesha ukwenza izinguquko. Ngokuxoxa naye ngale ndaba, ubonisa ukuthi uyamkhathalela.—IHu. 141:5; IzAga 27:17. w21.06 3 ¶3, 5