Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
Isaziso
Izilimi ezintsha esezitholakala: Bangla Sign Language, Benin Sign Language
  • Namuhla

ULwesibili, Septhemba 29

Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.—Fil. 4:13.

Ngeke sikwazi ukupha abanye amandla ethu njengoJehova. Kodwa singawasebenzisa ukuze sibasize. Ngokwesibonelo, singasiza umKristu osekhulile noma ogulayo ngokuthi simyele ezitolo noma simenzele imisebenzi yasendlini. Noma singavolontiyela ukusiza ekuhlanzeni nasekulungiseni iHholo LoMbuso. Ungakhohlwa nokuthi amazwi anamandla. Ukhona yini omcabangayo ongakhuthazwa ukuthi umncome ngobuqotho? Ukhona yini omaziyo odinga ukududuzwa? Uma kunjalo, kungani ungathathi isinyathelo sokukhuluma nalowo muntu? Ungamvakashela ngokoqobo, umfonele, noma mhlawumbe umthumelele ikhadi, i-email, noma umbhalele umyalezo. Akudingeki ube yigagu. Amazwi ambalwa asuka enhliziyweni angaba yilokho kanye okudingwa okholwa naye ukuze ahlale ethembekile ngalolo suku noma ukuze azizwe engcono ngesimo sakhe.—IzAga 12:25; Efe. 4:29. w24.09 28 ¶8-10

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ULwesithathu, Septhemba 30

Uma umuntu ezama ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle.—1 Thim. 3:1.

Uma usukhonze njengenceku ekhonzayo isikhathi esithile, kungenzeka usukulungele ukufanelekela ukukhonza njengomdala. Ungakwazi yini ukwenza lowo “msebenzi omuhle”? Uhlanganisani umsebenzi owenziwa umdala? Uyahola emsebenzini wokushumayela, usebenza ngokuzikhandla emsebenzini wokwalusa nasekufundiseni futhi ukhuthaza ibandla ngalokho akushoyo nakwenzayo. Ngenxa yalokho, siyabona ukuthi kungani iBhayibheli libiza abadala abasebenza ngokuzikhandla ngokuthi ‘izipho ezingabantu.’ (Efe. 4:8) Ungakufanelekela kanjani ukukhonza njengomdala? Ukufanelekela ukuba umdala akufani nokufanelekela ukuthola umsebenzi wokuziphilisa. Ngokuvamile emsebenzini wokuziphilisa kumele ube namakhono athile afunwa umqashi ukuze uthole umsebenzi. Ngokungefani nokuthola umsebenzi wokuziphilisa, uma ufisa ukukhonza njengomdala, awudingi ikhono lokushumayela nelokufundisa nje kuphela. Kudingeka ube nezimfuneko ezingokomBhalo ezilindeleke kubadala ezitholakala kweyoku-1 Thimothewu 3:​1-7 nakuThithu 1:​5-9. w24.11 20 ¶1-3

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ULwesine, Okthoba 1

Ngizohlala ngibheke uJehova.—Mika 7:7.

Sivame ukuthola isiqondiso esivela enhlanganweni, esisisiza endleleni esikhonza ngayo uJehova—kungenzeka sivela kubadala bebandla, kubabonisi besigodi, ehhovisi legatsha noma eNdikimbeni Ebusayo. Kodwa kuthiwani uma ngezinye izikhathi singaqondi ukuthi kungani sinikwe isiqondiso esithile? Singase sibone nje imiphumela emibi leso siqondiso esingaba nayo kithi. Singase siqale nokugxila emaphutheni abazalwane abakhiphe leso siqondiso. Lapho sihamba ngokholo, sikholelwa ukuthi nguJehova oqondisa inhlangano yakhe futhi uyazazi izimo zethu. Ngenxa yalokho, siyashesha ukulalela futhi lokho sikwenza sinombono omuhle. (Heb. 13:17) Siyaqaphela ukuthi ukulalela kwethu kuba nesandla ekwenzeni ibandla libe nobunye. (Efe. 4:​2, 3) Sikholelwa ukuthi ngisho noma abazalwane abaholayo bewenza amaphutha, uJehova uyokubusisa ukulalela kwethu. (1 Sam. 15:22) Ngesikhathi esifanele, uyolungisa noma yini ekudinga ngempela ukulungiswa. w25.03 23-24 ¶13-14

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela