Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • Namuhla

ULwesithathu, Septhemba 2

UJehova unathi. Ningabesabi.—Num. 14:9.

Lapho sesikufundile ukwesaba uJehova ngendlela efanele, simthanda kakhulu kangangokuba asisoze senza noma yini engamjabulisi. Kuyasijabulisa ukufunda ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile, nomehluko phakathi kweqiniso namanga ukuze samukeleke kuJehova. (IzAga 2:​3-6; Heb. 5:14) Uma besingase sesabe abantu kunoNkulunkulu, singachezukiswa eqinisweni. Cabanga ngesibonelo sezinhloli ezingu-12 ezahamba zayohlola izwe uJehova ayethembise ukulinika ama-Israyeli. Eziyishumi zalezo zinhloli, indlela ezazesaba ngayo amaKhanani yayedlula indlela ezazithanda ngayo uNkulunkulu. Zatshela amanye ama-Israyeli: “Asikwazi ukukhuphuka siyomelana nalabo bantu ngoba banamandla kunathi.” (Num. 13:​27-31) Ngokombono womuntu, amaKhanani ayenamandla kunama-Israyeli. Lokho kona kwakuyiqiniso. Kodwa ukuthi ama-Israyeli ayengeke akwazi ukunqoba izitha zawo kwakusho ukuthi ayengamcabangi nokumcabanga uJehova. w24.07 9 ¶5-6

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ULwesine, Septhemba 3

Ubengeke yini umaHluleli womhlaba wonke enze okulungile?—Gen. 18:25.

Sinaso yini isizathu esizwakalayo sokuqiniseka ukuthi lapho uJehova ahlulela abantu uhlale enza okulungile? Yebo! Njengoba u-Abrahama ayeqonda kahle, uJehova akanaphutha, unakho konke ukuhlakanipha, ‘ungumaHluleli womhlaba wonke’ onesihe. Uqeqeshe iNdodana yakhe wayinika wonke umsebenzi wokwahlulela. (Joh. 5:22) UJehova neNdodana yakhe bakwazi ukubona lokho okusenhliziyweni yomuntu ngamunye. (Math. 9:4) Ngaso sonke isikhathi, bayokwenza “okulungile”! Masizimisele ukwethemba uJehova nazo zonke izinqumo zakhe. Siyazi ukuthi asinalo igunya lokwahlulela—kodwa yena unalo! (Isaya 55:​8, 9) Ngakho sishiyela konke ukwahlulela kuye neNdodana yakhe, iNkosi ebulingisa ngokuphelele ubulungisa nesihe sikaYise.—Isaya 11:​3, 4. w24.05 7 ¶18-19

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026

ULwesihlanu, Septhemba 4

UJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, kodwa uba umngani nabaqotho.—IzAga 3:32.

Singafunda ngokubaluleka kokuba nenhliziyo eqotho kulokho okwenzeka kuJesu ngesikhathi eqala ukuhlangana noNathanayeli. Lapho uFiliphu eletha umngani wakhe uNathanayeli kuJesu, kwenzeka into emangalisayo. Nakuba ayengakaze ahlangane noNathanayeli, uJesu wathi: “Bheka, umIsrayeli weqiniso okungekho nkohliso kuye.” (Joh. 1:47) UJesu wabona ubuqotho obungavamile kuNathanayeli. UNathanayeli wayenesono njengathi. Kodwa wayengeyena umzenzisi, wayethembekile ezintweni zonke. UJesu wayekwazisa lokho futhi wamncoma uNathanayeli ngakho. Izinto eziningi ezijabulisa uJehova okumele sizenze ezibalwe kumaHubo 15 zihlobene nendlela esiphatha ngayo abanye. IHubo 15:3 lithi umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akanyundeli ngolimi lwakhe, akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, akakhulumi kabi ngabangani bakhe.” Ukukhuluma kabi abanye kungabalimaza kakhulu.—Jak. 1:26. w24.06 10 ¶7, 9; 11 ¶10

Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
Siyakwamukela.
Leli yithuluzi lokucwaninga lezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova ngezilimi ezihlukahlukene.
Uma ufuna ukuzidawuniloda izincwadi, sicela uye ku-jw.org.
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela