Isahluko 37
Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?
Phawula le misho elandelayo ngokuthi iqiniso noma amanga:
Ubhapathizo luyimfuneko kumaKristu.
□ Iqiniso
□ Amanga
Injongo eyinhloko yobhapathizo ukukuvikela ungaweli esonweni.
□ Iqiniso
□ Amanga
Ubhapathizo lukubeka ethubeni lokusindiswa.
□ Iqiniso
□ Amanga
Uma ungabhapathiziwe, ngeke ulandise kuNkulunkulu ngezenzo zakho.
□ Iqiniso
□ Amanga
Uma abangane bakho bebhapathizwa, kusho ukuthi nawe usukulungele ukubhapathizwa.
□ Iqiniso
□ Amanga
UMA uphila ngezimiso zikaNkulunkulu, uhlakulela ubungane naye, futhi uxoxa nabanye ngokholo lwakho, kulindelekile ukuba ucabange ngobhapathizo. Kodwa wazi kanjani ukuthi usilungele lesi sinyathelo? Ukuze sikusize uphendule lo mbuzo, masicabangele imibuzo engenhla oyiphawule ngokuthi iqiniso noma amanga.
● Ubhapathizo luyimfuneko kumaKristu.
Iqiniso. UJesu wayala ukuba abafundi bakhe babhapathizwe. (Mathewu 28:19, 20) Empeleni, naye uJesu wabhapathizwa. Ukuze ulandele uKristu, kudingeka ubhapathizwe uma usukhule ngokwanele ukuba uzenzele leso sinqumo futhi unesifiso esiqotho sokubhapathizwa.
● Injongo eyinhloko yobhapathizo ukukuvikela ungaweli esonweni.
Amanga. Ubhapathizo luyisibonakaliso sasobala sokuzinikezela kwakho kuJehova. Ukuzinikezela kwakho akusona isivumelwano esingathi shu esikuvimbela ukuba ungazenzi izinto ofisa ukuzenza. Kunalokho, unikezela ukuphila kwakho kuJehova ngoba ufuna ukuphila ngezimiso zakhe.
● Ubhapathizo lukubeka ethubeni lokusindiswa.
Iqiniso. IBhayibheli lithi ubhapathizo luyisinyathelo esibalulekile ukuze usindiswe. (1 Petru 3:21) Kepha lokhu akusho ukuthi ubhapathizo lufana nokuthatha umshwalense ukuze uzivikele uma kungase kuvele inhlekelele. Ubhapathizwa ngoba uthanda uJehova futhi ufuna ukumkhonza phakade ngayo yonke inhliziyo yakho.—Marku 12:29, 30.
● Uma ungabhapathiziwe, ngeke ulandise kuNkulunkulu ngezenzo zakho.
Amanga. UJakobe 4:17 uthi: “Uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa angakwenzi, kuyisono kuye”—kungakhathaliseki ukuthi ubhapathiziwe noma cha. Ngakho, uma ukwazi okulungile futhi uvuthwe ngokwanele ukuba ucabange kanzulu ngokuphila kwakho, mhlawumbe sekuyisikhathi sokukhuluma ngale ndaba nomzali wakho noma omunye umKristu ovuthiwe. Uma wenza kanjalo, ungathola ukuthi ungathuthukela kanjani obhapathizweni.
● Uma abangane bakho bebhapathizwa, kusho ukuthi nawe usukulungele ukubhapathizwa.
Amanga. Isinqumo sokubhapathizwa kudingeka sisuke enhliziyweni yakho evumayo. (IHubo 110:3) Kufanele ubhapathizwe kuphela uma usuqonda ngokugcwele ukuthi kuhilelani ukuba omunye woFakazi BakaJehova futhi usuqiniseka ukuthi ukulungele ukuthatha lo mthwalo wemfanelo.—UmShumayeli 5:4, 5.
Isinyathelo Esishintsha Ukuphila
Ubhapathizo luyisinyathelo esishintsha ukuphila esiholela ezibusisweni eziningi. Ngesikhathi esifanayo, luhambisana nomthwalo wemfanelo ongathí sina—wokuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuJehova.
Ingabe ususondele kulesi sinyathelo? Uma kunjalo, unesizathu esihle sokujabula. Ulindelwe ilungelo elikhulu kunawo wonke—ukukhonza uJehova ngenhliziyo yonke nokuphila ngendlela ebonisa ukuthi uzinikezele ngempela kuye.—Mathewu 22:36, 37.
Funda indlela yokuzibekela imi-gomo ukuze usebenzise ukuphila kwakho ngokuhlakanipha.
UMBHALO OYINHLOKO
‘Nikelani imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.’—Roma 12:1.
ICEBISO
Ngosizo lwabazali bakho, thola umuntu ebandleni ongakusiza ukuba uthuthuke ngokomoya.—IzEnzo 16:1-3.
UBUWAZI . . . ?
Ubhapathizo luyingxenye ebalulekile ‘yophawu’ olukuphawulela insi-ndiso.—Hezekeli 9:4-6.
ENGIZOKWENZA!
Ukuze ngithuthukele ekubhapathizweni, ngizothuthukisa ukuqonda kwami lezi zimfundiso zeBhayibheli ezilandelayo: ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani ubhapathizo luyisinyathelo esingathí sina kangaka?
● Yini engabangela osemusha ukuba asheshe kakhulu ukubhapathizwa?
● Yisiphi isizathu esingabangela osemusha enze ngokungahlakaniphi azindele ukuzinikezela nokubhapathizwa?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 306]
“Ukwazi ukuthi ngibhapathiziwe kwangisiza ngenza izinqumo ezihlakaniphile, ngangathatha inkambo eyayingangiholela ophathe.’’—UHolly
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 307]
Imibuzo Evame Ukubuzwa Ngobhapathizo
Lufanekiselani ubhapathizo? Ukucwiliswa nokukhushulwa emanzini kusho ukuthi usufile enkambweni yokuziphilela wena futhi manje usuphilela ukwenza intando kaJehova.
Kusho ukuthini ukunikezela ukuphila kwakho kuJehova? Kusho ukungabe usaziphilela wena, uthembisa ukwenza intando kaNkulunkulu ize kuqala kunakho konke okunye. (Mathewu 16:24) Kuyafaneleka ukuba uzinikezele kuJehova ngomthandazo kusasele isikhathi esithile ngaphambi kokuba ubhapathizwe.
Yini okufanele ngabe uyayenza ngokuphila kwakho ngaphambi kokubhapathizwa? Kufanele uphile ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu futhi uxoxe nabanye ngokholo lwakho. Kufanele uhlakulele ubungane noNkulunkulu ngokuthandaza nangokutadisha iZwi lakhe. Kufanele ukhonze uJehova ngoba uzikhethele wena—hhayi ngoba uphoqwa abanye.
Ingabe ikhona iminyaka yobudala ebekiwe okufanele ubhapathizwe uma usuyifinyelele? Iminyaka yobudala ayisona isici esibalulekile. Yize kunjalo, kufanele ube mdala ngokwanele—futhi uvuthwe ngokwanele—ukuba uqonde okushiwo ukuzinikezela.
Kuthiwani uma ufuna ukubhapathizwa kodwa abazali bethi kufanele ulinde? Mhlawumbe bafuna ufunde okwengeziwe ngokuphila kobuKristu. Sazise iseluleko sabo futhi usebenzise lesi sikhathi ukuze ukhulise ubungane bakho noJehova.—1 Samuweli 2:26.
[Ibhokisi ekhasini 308]
Ishadi Lemibuzo
Ingabe Ucabangela Ukubhapathizwa?
Hlola intuthuko yakho ngokucabangela imibuzo namaphuzu angezansi. Qiniseka ukuthi uyayifunda imiBhalo ekhonjiwe ngaphambi kokubhala izimpendulo.
Yiziphi izindlela obonisa ngazo njengamanje ukuthi uyamethemba uJehova?—IHubo 71:5. ․․․․․
Ubonise kanjani ukuthi amandla akho okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa okulungile kokungalungile?—Hebheru 5:14. ․․․․․
Uthandaza kangaki? ․․․․․
Ingabe uyagwegwesa lapho uthandaza futhi imithandazo yakho yembulani ngothando lwakho ngoJehova?—IHubo 17:6. ․․․․․
Bhala ngezansi noma yimiphi imigomo ongathanda ukuzibekela yona ngokuphathelene nemithandazo yakho. ․․․․․
Ulitadisha kangaki iBhayibheli?—Joshuwa 1:8. ․․․․․
Isifundo sakho somuntu siqu sihlanganisani? ․․․․․
Bhala ngezansi noma yimiphi imigomo ongathanda ukuzibekela yona ngokuphathelene nesifundo sakho somuntu siqu. ․․․․․
Ingabe inkonzo yakho inenjongo? (Ngokwesibonelo: Ungabachazela abanye izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo? Ingabe uyaphindela kwababonise isithakazelo? Ingabe usebenzela ekuqhubeni isifundo seBhayibheli sasekhaya?)
□ Yebo □ Cha
Uyaya na ensimini ngisho noma abazali bakho bengayi?—IzEnzo 5:42.
□ Yebo □ Cha
Bhala ngezansi imigomo ongathanda ukuzibekela yona ngokuqondene nenkonzo yakho.—2 Thimothewu 2:15.
Ingabe uya njalo emihlanganweni yokuKristu noma uyaqabukela uyile?—Hebheru 10:25.
Uhlanganyela ngaziphi izindlela emihlanganweni?
Ingabe uyaya emihlanganweni uma abazali bakho bengayi (uma bekuvumela ukuba uye)?
□ Yebo □ Cha
Ungasho yini ukuthi ukuthokozela ngempela ukwenza intando kaNkulunkulu?—IHubo 40:8.
□ Yebo □ Cha
Ungazibalula izigameko ezithile owamelana kuzo nethonya lontanga?—Roma 12:2.
Uhlela ukulugcina kanjani uthando lwakho ngoJehova luqinile?—Jude 20, 21.
Ingabe uzomkhonza uJehova ngisho noma abazali nabangane bakho beyeka?—Mathewu 10:36, 37.
□ Yebo □ Cha
[Isithombe ekhasini 310]
Njengomshado, ubhapathizo luyisinyathelo esishintsha ukuphila—akufanele luthathwe kalula