2 Samuweli
4 Lapho indodana+ kaSawule izwa ukuthi u-Abhineri ufile eHebroni,+ izandla zayo zaba buthaka+ futhi wonke ama-Israyeli aphazamiseka. 2 Kwakukhona amadoda amabili, izinduna zamaviyo angabaphangi,+ ayengawendodana kaSawule, igama lenye kunguBhahana igama lenye kunguRekabi, amadodana kaRimoni waseBheyeroti, kubantwana bakwaBhenjamini; ngoba iBheyeroti+ nalo lalibalwa njengengxenye yakwaBhenjamini. 3 AbaseBheyeroti babalekela eGitayimi,+ baba abafokazi khona kuze kube yilolu suku.
4 UJonathani,+ indodana kaSawule, wayenendodana ekhubazekile ezinyaweni.+ Yayineminyaka emihlanu ubudala lapho kufika umbiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli;+ umzanyana wayo wayithwala wabaleka, kodwa kwathi lapho egijima enetwetwe ebaleka, yawa yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhosheti.+
5 Amadodana kaRimoni waseBheyeroti, uRekabi noBhahana, ahamba angena endlini ka-Ishi-bhosheti+ ngesikhathi sokushisa kosuku, esathathe isithongwana sakhe sasemini. 6 Bangena phakathi nendlu njengabantu abalande ukolweni, base bemgalela esiswini;+ uRekabi noBhahana+ umfowabo baphunyuka bangabonwa. 7 Lapho bengena endlini, wayelele embhedeni wakhe ekamelweni lakhe lokulala elingaphakathi, base bemshaya bambulala,+ kwathi emva kwalokho banquma ikhanda+ lakhe balithatha ikhanda bahamba ngendlela eya e-Araba ubusuku bonke. 8 Ekugcineni bafika belethe ikhanda lika-Ishi-bhosheti+ kuDavide eHebroni bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi-bhosheti indodana kaSawule isitha sakho+ esasifuna umphefumulo wakho;+ kodwa namuhla uJehova unika inkosi yami inkosi impindiselo+ kuSawule nasenzalweni yakhe.”
9 Nokho, uDavide wabaphendula oRekabi noBhahana umfowabo, amadodana kaRimoni waseBheyeroti, wathi kubo: “Kuphila kukaJehova+ owakhulula+ umphefumulo wami+ kukho konke ukucindezeleka,+ 10 lapho kuba khona obika kimi,+ ethi, ‘Bheka uSawule ufile,’ yena emehlweni akhe enjengoletha izindaba ezinhle, nokho mina ngambamba ngambulala+ eZikilagi kuyilapho kwakufanele ngimnike inkokhelo yesithunywa; 11 kakhulu kangakanani lapho abantu ababi+ bebulele umuntu olungile endlini yakhe phezu kombhede wakhe? Ingabe manje akufanele ngilifune igazi lakhe ezandleni zenu,+ futhi ingabe akumelwe nginisuse emhlabeni?”+ 12 Ngalokho uDavide wayala izinsizwa zababulala+ zabanquma izandla nezinyawo zabalengisa+ ngasechibini eHebroni; ikhanda lika-Ishi-bhosheti balithatha balingcwaba engcwabeni lika-Abhineri eHebroni.+