Jobe
27 UJobe waphinda futhi waphakamisa inkulumo yakhe eyisaga+ waqhubeka wathi:
2 “Kuphila kukaNkulunkulu,+ osuse ukwahlulelwa kwami,+
Kuphila koMninimandla onke, owenze umphefumulo wami waba munyu,+
3 Lapho umoya engiwuphefumulayo usaphelele ngaphakathi kimi,
Nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,+
4 Izindebe zami ngeke zikhulume ukungalungi
Nolimi lwami ngeke luvungazele inkohliso!
5 Kuyinto engacabangeki ukuba ngithi nilungile nina madoda!+
Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami+ ngize ngiphangalale!
6 Ngibambelelé ekungabini nacala kwami, futhi ngeke ngikudedele;+
Inhliziyo yami ngeke ingisole nganoma yiluphi lwezinsuku zami.+
7 Isitha sami masibe umuntu omubi ngazo zonke izindlela,+
Nongivukelayo makabe umenzi wobubi ngempela.
8 Ngoba liyini ithemba lesihlubuki uma kwenzeka esinquma,+
Uma kwenzeka uNkulunkulu ethatha umphefumulo waso kuso?+
10 Noma siyoyithola yini injabulo enkulu kuMninimandla onke?
Siyombiza yini uNkulunkulu ngazo zonke izikhathi?
11 Ngizonifundisa nina madoda ngesandla sikaNkulunkulu;
Ngeke ngikufihle lokho okukuMninimandla onke.+
13 Lesi yisabelo somuntu omubi esivela kuNkulunkulu;+
Futhi ifa lomashiqela bayolamukela kuMninimandla onke ngokwakhe.
16 Uma enganqwabelanisa isiliva njengothuli uqobo,
Futhi engalungiselela isembatho njengokungathi ubumba,
17 Ubengalungiselela, kodwa olungile nguye obeyozembathisa,+
Futhi omsulwa nguye obeyoba nesabelo esiliveni.
19 Uyolala ecebile, kodwa akukho lutho oluyobuthwa;
Uwavulile amehlo akhe, kodwa ngeke kube nalutho.+