Jobe
9 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngempela ngiyazi ukuthi kunjalo.
Kodwa umuntu ofayo angaba kanjani ongenaphutha odabeni noNkulunkulu?+
4 Unenhliziyo ehlakaniphile futhi uqinile ngamandla.+
Ubani ongaba nenkani kuye futhi asale engenamyocu?+
7 Uthi elangeni malingaphumi,
Futhi ubeka uphawu luzungeze izinkanyezi,+
Anyathele phezu kwamagagasi aphakeme olwandle;+
9 Wenza umlaza i-Ashi, umlaza iKhesili,
Nomlaza iKhima+ namakamelo angaphakathi eNingizimu;
10 Wenza izinto ezinkulu ezingaphenyeki,+
Nezinto ezimangalisayo ezingenasibalo.+
13 UNkulunkulu ngokwakhe ngeke alunqande ulaka lwakhe;+
Abasizi bomhlaseli+ kumelwe bakhothame ngaphansi kwakhe.
14 Kakhulu kangakanani uma kwenzeka mina ngimphendula!
Ngiyowakhetha amazwi ami kuye,+
15 Lowo ebengingeke ngimphendule, ngisho noma bengingenaphutha ngempela.+
Bengiyonxusa umusa walowo omelene nami emthethweni.+
16 Uma bengimbizile, ingabe ubeyongiphendula?+
Angikholwa ukuthi ubeyobeka indlebe ezwini lami;
17 Ongilimaza ngesivunguvungu
Futhi ngokuqinisekile enze amanxeba ami abe maningi ngaphandle kwesizathu.+
19 Uma kunomuntu oqinile ngamandla, nguyena-ke lowo;+
Futhi uma kunomuntu onamandla ngobulungisa, kwangathi ngingabizwa!
20 Ukube bengingongenaphutha, umlomo wami siqu ubuyothi ngimubi;
Ukube bengingongasoleki, khona-ke ubeyothi ngiyisigwegwe.
21 Ukube bengingongasoleki, bengingeke ngiwazi umphefumulo wami;
Bengizokwenqaba ukuphila kwami.
23 Uma isikhukhula esikhulu esisheshayo singabangela ukufa ngokuzumayo,
Khona kanye ukuphelelwa ithemba kwabamsulwa ubeyokuhleka.
24 Umhlaba ngokwawo unikelwé esandleni somubi;+
Uyabumboza ubuso babahluleli bawo.
Uma kungenjalo, khona-ke, ngubani?
25 Izinsuku zami nazo zisheshé kakhulu kunomgijimi;+
Zibalekile, ngokuqinisekile ngeke zikubone okuhle.
26 Zihambé njengezikebhe zomhlanga,
Njengokhozi olutshuza luye phambili nasemuva ukuze luthole okudliwayo.+
30 Ukube empeleni bengigezé emanzini eqhwa,
Futhi empeleni ngahlamba izandla zami kusoda wokuwasha,+
31 Khona-ke ubuyongicwilisa emgodini,
Futhi ngokuqinisekile izingubo zami beziyonengwa yimi.
35 Mangikhulume ngingamesabi,
Ngoba anginakho ukuthambekela okunjalo kimi.