AmaHubo
Kumqondisi weJeduthuni.+ Ihubo likaDavide.
39 Ngathi: “Ngizoqapha izindlela zami+
Ukuze ngingoni ngolimi lwami.+
Ngizofaka isifonyo sibe ngumqaphi emlonyeni wami,+
Uma nje omubi esengaphambi kwami.”+
3 Inhliziyo yami yavutha ngaphakathi kimi;+
Phakathi nokububula kwami umlilo waqhubeka uvutha.
Ngakhuluma ngolimi lwami ngathi:
4 “O Jehova, ngenze ngazi ukuphela kwami,+
Nesilinganiso sezinsuku zami—ukuthi singakanani,+
Ukuze ngazi ukuthi ngingozidlulelayo nje.+
5 Bheka! Wenzile izinsuku zami zaba mbalwa nje;+
Nobude bokuphila kwami bunjengeze phambi kwakho.+
Ngokuqinisekile wonke umuntu wasemhlabeni, nakuba emi eqinile, akalutho kodwa uwumoya okhishwa ngamakhala.+ Sela.
6 Impela umuntu uyahambahamba njengesithunzi.+
Ngokuqinisekile banomsindo ngeze.+
Omunye unqwabelanisa izinto futhi akazi ukuthi ngubani oyozibutha.+
11 Umqondisile umuntu ngokumsola ngesiphambeko,+
Futhi uzidla uziqede izinto zakhe ezifiselekayo njengoba nje kwenza inundu.+
Ngokuqinisekile wonke umuntu wasemhlabeni uwumoya okhishwa ngamakhala.+ Sela.