Kumqondisi. Elamadodana kaKhora. Ihubo.
47 Shayani ihlombe, nonke nina zizwe.+
Memezani ngokunqoba kuNkulunkulu ngomsindo wokukhamuluka kwenjabulo.+
2 Ngoba uJehova, oPhezukonke, uyesabeka,+
UyiNkosi enkulu phezu kwawo wonke umhlaba.+
3 Uyothobisa izizwe ngaphansi kwethu+
Namaqembu ezizwe ngaphansi kwezinyawo zethu.+
4 Uyosikhethela ifa,+
Iqholo likaJakobe, amthandile.+ Sela.
5 UNkulunkulu wenyukile ngokumemeza kwenjabulo,+
UJehova wenyukile ngomsindo wophondo.+
6 Hubelani uNkulunkulu, hubani.+
Hubelani iNkosi yethu, hubani.
7 Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yawo wonke umhlaba;+
Hubani, nibe nenza ngokuqonda.+
8 UNkulunkulu ube yinkosi phezu kwezizwe.+
UNkulunkulu ngokwakhe useye wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele.+
9 Izicukuthwane zezizwe zibuthene ndawonye,+
Kanye nesizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama.+
Ngoba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu.+
Uphakeme kakhulu endaweni anyukele kuyo.+