Kumqondisi weMahalati.+ Imaskili. ElikaDavide.
53 Ongenangqondo uthé enhliziyweni yakhe:
“Akekho uJehova.”+
Benzé ngendlela echithayo futhi benzé ngendlela enengekayo ngokungalungi;+
Akekho owenza okuhle.+
2 Kepha uNkulunkulu esezulwini, uye wabheka phansi kubantwana babantu,+
Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqondisisa, ofuna uJehova.+
3 Bonke bafulathele, bonke bonakele ngokufanayo;+
Akekho owenza okuhle,+
Ngisho noyedwa.
4 Akukho muntu yini onolwazi kwabakwenza umkhuba okulimazayo,+
Abadla abantu bami njengokungathi badla isinkwa?+
Abazange bambize ngisho nokumbiza uJehova.+
5 Bagcwala lapho ingebhe enkulu;+
Lapho kwakungekho ngebhe khona;+
Ngoba ngokuqinisekile uNkulunkulu uyowahlakaza amathambo anoma ngubani okanisa ngokumelene nawe.+
Ngokuqinisekile uyobahlaza, ngoba uJehova ngokwakhe ubalile.+
6 O ukube eZiyoni bekuyovela insindiso enkulu ka-Israyeli!+
Lapho uJehova ebutha abathunjiweyo babantu bakhe ebabuyisa,+
Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.+