AmaHubo
Kumqondisi weJuba Elithule phakathi kwalabo abakude. ElikaDavide. Imiktamu. Lapho amaFilisti embamba eGati.+
56 O Nkulunkulu, ngibonise umusa, ngoba umuntu ofayo unginqakulile.+
Njengoba elwa usuku lonke, uyaqhubeka engicindezela.+
3 Noma yiluphi usuku engesaba ngalo, mina, ngizokwethembela kuwe.+
4 Ngizodumisa izwi likaNkulunkulu ngisebunyeni naye.+
Ithemba lami ngilibeké kuNkulunkulu; ngeke ngesabe.+
Inyama ingangenzani?+
8 Wena ngokwakho ukulobe phansi ukuba kwami umbaleki.+
Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba.+
Azikho yini encwadini yakho?+
9 Ngaleso sikhathi izitha zami ziyophenduka, ngosuku engibiza ngalo;+
Lokhu ngikwazi kahle, ukuthi uNkulunkulu ungakimi.+
10 Ngizodumisa izwi likaNkulunkulu ngisebunyeni naye;+
Ngizodumisa izwi likaJehova ngisebunyeni naye.+