UmShumayeli
8 Ubani onjengohlakaniphile?+ Futhi ubani owazi incazelo yento?+ Ukuhlakanipha komuntu kwenza ubuso bakhe bukhanye, ngisho nokuhwaqabala kobuso bakhe kuyashintshwa kube ngcono.+
2 Ngithi: “Wugcine umyalo wenkosi,+ futhi ukwenze ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu.+ 3 Ungasheshi, ukuba uphume phambi kwayo.+ Ungemi entweni embi.+ Ngoba konke ejabulela ukukwenza izokwenza,+ 4 ngoba izwi lenkosi lingamandla okulawula;+ futhi ngubani ongasho kuyo ukuthi: ‘Wenzani?’”
5 Ogcina umyalo ngeke ayazi inhlekelele,+ nenhliziyo ehlakaniphileyo iyokwazi isikhathi nokwahlulela.+ 6 Ngoba kukhona isikhathi nokwahlulelwa kwazo zonke izindaba,+ ngoba inhlekelele yesintu ivamile phezu kwaso.+ 7 Ngoba akekho okwaziyo lokho okuyoba khona,+ ngoba ngubani ongamtshela ukuthi kuyoba khona kanjani?
8 Akekho umuntu onamandla phezu komoya ukuba awuvimbe;+ futhi awekho amandla okulawula ngosuku lokufa;+ kungekho futhi nokukhululwa empini.+ Ububi ngeke bubenzele indlela yokuphunyuka labo abazitika ngabo.+
9 Konke lokhu ngikubonile, futhi ngagxilisa inhliziyo yami kuwo wonke umsebenzi oye wenziwa phansi kwelanga, phakathi nesikhathi umuntu aye wabusa ngaso umuntu kwaba ukulimala kwakhe.+ 10 Kodwa nakuba kunjalo lokhu, ngibabonile ababi bengcwatshwa,+ indlela abeza ngayo nendlela abahamba ngayo besuka endaweni engcwele+ futhi balitshalwe emzini lapho beye benza khona ngaleyo ndlela.+ Nalokhu kuyize.
11 Ngenxa yokuthi isigwebo ngomsebenzi omubi asizange sikhishwe ngokushesha,+ yingakho inhliziyo yamadodana abantu iye yaqina ngokugcwele ukuba enze okubi.+ 12 Nakuba kungenzeka ukuba isoni senze okubi+ kayikhulu futhi siqhubeka sikhona isikhathi eside njengokuthanda kwaso, kodwa nokho ngiyaqaphela futhi ukuthi kuyobahambela kahle labo abesaba uNkulunkulu weqiniso,+ ngoba babemesaba.+ 13 Kodwa ngeke neze kumhambele kahle omubi,+ futhi ngeke azelule izinsuku zakhe ezinjengethunzi,+ ngoba akamesabi uNkulunkulu.+
14 Kukhona ize eliqhutshwayo emhlabeni, ukuba kube khona abalungileyo okwenzeka kubo ngokungathi kwehlela umsebenzi wababi,+ futhi kukhona abantu ababi okwenzeka kubo ngokungathi umsebenzi wabalungileyo.+ Ngathi nalokhu kuyize.
15 Mina ngokwami ngatusa ukujabula,+ ngoba isintu asinalutho olungcono ngaphansi kwelanga kunokuba sidle siphuze sijabule, futhi lokhu kuhambisane naso emsebenzini waso onzima ngezinsuku zokuphila kwaso,+ uNkulunkulu weqiniso asinike zona phansi kwelanga.+ 16 Ngokuvumelana nalokhu, ngagxilisa inhliziyo+ yami ukuba ngazi ukuhlakanipha nokuba ngibone umsebenzi owenziwayo emhlabeni,+ ngoba kukhona ongabuboni ubuthongo ngamehlo akhe, kungaba semini noma ebusuku.+
17 Ngabona wonke umsebenzi kaNkulunkulu weqiniso,+ indlela abantu abahluleka ngayo ukuthola umsebenzi oye wenziwa phansi kwelanga;+ kungakhathaliseki ukuthi abantu balokhu besebenza kanzima kangakanani ukuba bafune, kodwa nokho abatholi.+ Ngisho noma bangase bathi bahlakaniphe ngokwanele ukuba bazi,+ ngeke bakwazi ukuthola.+