Isaya
18 Wo ngezwe lezilokazane ezibhuzayo ezinamaphiko, elisesifundeni semifula yaseTopiya!+ 2 Yilo elithumela izithunywa+ ngolwandle, nangemikhumbi yebungu phezu kobuso bamanzi, lithi: “Hambani, nina zithunywa ezinejubane, niye esizweni eselulekile nesinesikhumba esikhuhlekile, esizweni esesatshwa yonke indawo, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso likhukhulwe yimifula.”+
3 Nina nonke enakhileyo ezweni elikhiqizayo+ nani nonke enihlala emhlabeni, niyobona umbono njengalapho kuphakanyiswa isibonakaliso phezu kwezintaba,+ futhi niyozwa umsindo njengalapho kubethwa uphondo.+ 4 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi: “Ngizohlala ngingaphazamisekile futhi ngibheke indawo yami emisiwe,+ njengokushisa okuxhophayo okuhambisana nokukhanya,+ njengefu lamazolo ekushiseni kwangesikhathi sokuvuna.+ 5 Ngoba ngaphambi kokuvuna, lapho izimbali zifinyelela ekupheleleni nokuqhakazile kuba yigilebhisi elivuthwayo, umuntu futhi uyonquma amahlumela ngesikele sokuthena imithi futhi asuse imiliba, ayinqume.+ 6 Konke kuyoshiyelwa inyoni yasezintabeni edla inyama nesilwane sasemhlabeni.+ Inyoni edla inyama iyochitha ihlobo kukho, ngisho nazo zonke izilwane zasemhlabeni ziyochitha kukho isikhathi sokuvuna.+
7 “Ngaleso sikhathi kuyolethwa isipho kuJehova wamabutho,+ sivela esizweni eselulekile nesinesikhumba esikhuhlekile,+ yebo esizweni esesabeka yonke indawo, isizwe esinamandla amakhulu nesinyathelayo, esilizwe laso likhukhulwe yimifula, siye endaweni yegama likaJehova wamabutho, iNtaba iZiyoni.”+