Hezekeli
10 Ngaqhubeka ngibona, bheka! phezu komkhathi+ owawuphezu kwekhanda lamakherubi kwakukhona okuthile okwakufana netshe lesafire,+ kunjengokubonakala kwesimo sesihlalo sobukhosi,+ kubonakala ngaphezu kwawo. 2 Wathi endodeni eyembethe ilineni,+ yebo wathi: “Ngena ngaphakathi kwamasondo,+ phakathi ngaphansi kwamakherubi, ugcwalise izinkotho zezandla zakho zombili ngamalahle+ omlilo ovela phakathi kwamakherubi uwajikijele phezu komuzi.”+ Ngakho yangena phambi kwamehlo ami.
3 Amakherubi ayemi ngakwesokunene sendlu lapho le ndoda ingena, futhi ifu laligcwalisa igceke elingaphakathi.+ 4 Inkazimulo kaJehova+ yakhuphuka isuka emakherubini yaya embundwini wendlu, kancane kancane indlu yagcwala ifu,+ futhi igceke lagcwala ukukhanya kwenkazimulo kaJehova. 5 Umsindo wamaphiko amakherubi+ wazenza wazwakala egcekeni elingaphandle, njengomsindo kaNkulunkulu uMninimandla onke lapho ekhuluma.+
6 Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni, ethi: “Thatha umlilo phakathi kwamasondo, phakathi kwamakherubi,” yangena yama eceleni kwesondo. 7 Khona-ke ikherubi lelula isandla salo liphakathi kwamakherubi laselulela emlilweni+ owawuphakathi kwamakherubi+ lawuthwala lawubeka ezinkothweni zezandla zalowo owayembethe ilineni,+ owabe esewuthatha waphuma. 8 Kwabonakala emakherubini umfanekiso wesandla somuntu wasemhlabeni ngaphansi kwamaphiko+ awo.
9 Ngaqhubeka ngibona, bheka! kwakukhona amasondo amane eceleni kwamakherubi, isondo elilodwa eceleni kwelinye ikherubi nesondo elilodwa eceleni kwelinye ikherubi,+ ukubonakala kwamasondo kwakunjengokubengezela kwetshe lekhrisolithe. 10 Ngokuqondene nokubonakala kwawo, womane ayefana, njengalapho nje isondo liphakathi kwelinye isondo.+ 11 Lapho ehamba, ayeya ezinhlangothini zawo ezine. Ayengajiki lapho ehamba, ngoba ayeya kuleyo ndawo okubheke kuyo ikhanda. Ayengajiki lapho ehamba.+ 12 Yonke inyama yawo nemihlane yawo nezandla zawo namaphiko awo namasondo awo kwakugcwele amehlo nxazonke.+ Womane ayenamasondo awo. 13 Ngokuqondene namasondo, amenyezwa ezindlebeni zami kwathiwa, “O masondo!”
14 Ngalinye lalinobuso obune.+ Ubuso bokuqala kwakuwubuso bekherubi, ubuso besibili kwakuwubuso bomuntu wasemhlabeni,+ obesithathu kwakuwubuso bengonyama, obesine kwakuwubuso bokhozi.+
15 Amakherubi ayesukuma+—kwakuyiso leso sidalwa esiphilayo engangisibone emfuleni iKhebari+— 16 futhi lapho amakherubi ehamba, amasondo ayehamba eceleni kwawo;+ lapho amakherubi ephakamisa amaphiko awo ukuba abe phezulu ngaphezu komhlaba, amasondo ayengajiki, yebo amasondo, eceleni kwawo.+ 17 Lapho ema, nawo ayema; futhi lapho ephakama,+ nawo ayephakama kanye nawo, ngoba umoya wesidalwa esiphilayo wawukuwo.+
18 Inkazimulo+ kaJehova yaphuma isuka embundwini wendlu yama phezu kwamakherubi.+ 19 Manje amakherubi aphakamisa amaphiko awo asuka phezu komhlaba+ phambi kwamehlo ami. Lapho eya phambili, namasondo ayeseduze eceleni kwawo; ama emnyango ongasempumalanga wesango lendlu kaJehova, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo, ivela ngaphezulu.
20 Yiso lesi sidalwa esiphilayo+ engangisibone ngaphansi kukaNkulunkulu ka-Israyeli emfuleni iKhebari,+ kangangokuba ngazi ukuthi zazingamakherubi. 21 Ngokuqondene nalezi ezine, ngasinye sasinobuso obune+ futhi ngasinye sinamaphiko amane, futhi okwakufana nezandla zomuntu wasemhlabeni kwakungaphansi kwamaphiko azo. 22 Futhi ngokuqondene nesimo sobuso bazo, kwakuwubuso obukubonakala kwabo ngangikubone ngasemfuleni iKhebari, kuyibo kanye.+ Zazihamba yileso naleso siqonde phambili.+