Habakuki
3 Umthandazo kaHabakuki umprofethi oyizingoma zokulila: 2 O Jehova, ngiwuzwile umbiko ngawe.+ O Jehova, sengiyawesaba umsebenzi wakho.+
Kwangathi ungawenza uphile phakathi neminyaka! Kwangathi ungawenza waziwe phakathi neminyaka. Ngesikhathi sokuyaluza, kwangathi ungakhumbula ukubonisa isihe.+
3 UNkulunkulu ngokwakhe wavela eThemani, yebo oNgcwele wavela eNtabeni iPharanu.+ Seʹla.+
Isithunzi sakhe samboza amazulu;+ umhlaba wagcwala udumo lwakhe.+
4 Ngokuphathelene nokukhazimula kwakhe, kwaba njengokukhanya nje.+ Wayenemisebe emibili ephuma esandleni sakhe, futhi yilapho amandla akhe ayecashe khona.+
5 Isifo esiwumshayabhuqe saqhubeka sihamba phambi kwakhe,+ nomkhuhlane ovuthayo wawuphuma ezinyaweni zakhe.+
6 Wema, ukuze anyakazise umhlaba.+ Wabona, wayesebangela izizwe ukuba ziqhashe.+
Izintaba ezingunaphakade zaphihlizwa;+ amagquma ami kuze kube nini nanini akhothama.+ Izindlela zakudala zingezakhe.
7 Ngabona amatende aseKushani phansi kwengozi. Izindwangu zamatende zezwe lakwaMidiyani+ zaqala ukuyaluza.+
8 Ingabe ivuthele imifula Jehova, ingabe intukuthelo yakho ivuthele imifula,+ noma ingabe ukufutheka kwakho kumelene nolwandle?+ Ngoba wagibela amahhashi akho;+ izinqola zakho zaziyinsindiso.+
9 Umnsalo wakho uyembulwa ube-ze.+ Into eshiwoyo yizifungo zezizwe.+ Seʹla. Waqhekeza umhlaba ngemifula.+
10 Izintaba zakubona; zaba sebuhlungwini obunzima.+ Ukuduma kwamanzi kwadlula. Utwa lwamanzi lwazwakalisa umsindo walo.+ Lwaphakamisela izandla zalo phezulu.
11 Ilanga—inyanga—kwema,+ endaweni yako yokuhlala ephakeme.+ Imicibisholo yakho yayilokhu iphuma njengokukhanya.+ Umbani womkhonto wakho wanikeza ukukhanya.+
12 Wadabula emhlabeni ulahla. Wabhula izizwe uthukuthele.+
13 Waphumela insindiso yabantu bakho,+ ukuba usindise ogcotshiweyo wakho. Wamphihliza waba yizicucu oyinhloko endlini yomubi.+ Kwambulwa isisekelo kwaze kwaba sentanyeni.+ Seʹla.
14 Wayibhoboza+ ngezinduku zayo inhloko yamaqhawe akhe lapho ehamba njengesiphepho ezongihlakaza.+ Ukwethaba kwawo okukhulu kwakunjengokwalabo abaphokophele ukushwabadela ohluphekile endaweni yokucasha.+
15 Wahamba wadabula ulwandle ngamahhashi akho, wadabula enqwabeni yamanzi amaningi.+
16 Ngezwa, futhi isisu sami saqala ukuyaluza; izindebe zami zavevezela lapho zizwa lo msindo; amathambo ami aqala ukubola;+ futhi ngayaluza ngisesimweni sami, ukuze ngilulindele buthule usuku losizi,+ ukukhuphukela kwakhe kubantu,+ ukuze abathelekele.
17 Nakuba umkhiwane ungase ungaqhakazi,+ futhi kungabikho sivuno emivinini; nakuba umsebenzi womnqumo empeleni ungase ubhuntshe, namathala ngokwawo engase angakhiqizi kudla;+ nakuba umhlambi wezimvu nezimbuzi ungase empeleni uhlukaniswe nesibaya, futhi kungase kungabikho mhlambi wezinkomo ezibayeni;+
18 Nokho, mina, ngiyokwethaba ngoJehova ngokwakhe;+ ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami.+
19 UJehova iNkosi EnguMbusi ungamandla ami;+ uyokwenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi,+ futhi uyongenza ngihambe ezindaweni zami eziphakeme.+
Kumqondisi osezinsimbini zami zomculo ezinezintambo.