Numeri
19 UJehova wakhuluma noMose no-Aroni, wathi: 2 “Yilesi isimiso somthetho uJehova awuyalile, ethi, ‘Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi kufanele bakuthathele inkomazi ephilile ebomvu okungekho sici+ kuyo futhi engakaze ithweswe ijoka.+ 3 Kumelwe niyinike u-Eleyazare umpristi, ayiholele ngaphandle kwekamu, ihlatshwe phambi kwakhe. 4 Khona-ke u-Eleyazare umpristi kumelwe agcobhoze umunwe wakhe egazini layo alifafaze kasikhombisa aliqondise ngqo phambi kwetende lokuhlangana.+ 5 Inkomazi kumelwe ishiswe phambi kwamehlo akhe. Isikhumba sayo nenyama yayo negazi layo kanye nomswani wayo kuyoshiswa.+ 6 Umpristi kumelwe athathe ukhuni lomsedari+ nehisopi+ nendwangu ebomvu ngokunsomi+ akuphonse phakathi lapho inkomazi ishiselwa khona. 7 Umpristi kumelwe ahlanze izingubo zakhe ageze emanzini, ngemva kwalokho angangena ekamu; kodwa lo mpristi kumelwe abe ongcolile kuze kube kusihlwa.
8 “‘Lowo oyishisile uyohlanza izingubo zakhe emanzini+ futhi kumelwe ageze, uyoba ongcolile kuze kube kusihlwa.
9 “‘Umuntu ohlanzekile kumelwe abuthe umlotha+ wenkomazi awubeke ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile; kumelwe usetshenziswe inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli njengento okumelwe igcinelwe amanzi okuhlanza.+ Kungumnikelo wesono. 10 Futhi lowo obutha umlotha wenkomazi kumelwe ahlanze izingubo zakhe abe ongcolile kuze kube kusihlwa.+
“‘Kumelwe kusebenze kubantwana bakwa-Israyeli nakumfokazi ogogobele phakathi kwabo njengesimiso kuze kube nini nanini.+ 11 Othinta isidumbu sanoma yimuphi umphefumulo+ ongumuntu kumelwe futhi abe ongcolile izinsuku eziyisikhombisa.+ 12 Umuntu onjalo kufanele azihlanze ngawo ngosuku lwesithathu,+ ngosuku lwesikhombisa uyoba ohlanzekile. Kodwa uma engayikuzihlanza ngosuku lwesithathu, khona-ke ngosuku lwesikhombisa ngeke abe ohlanzekile. 13 Umuntu othinta isidumbu, umphefumulo wanoma yimuphi umuntu ongase afe, kodwa ongayikuzihlanza, ungcolisé itabernakele likaJehova,+ futhi lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kwa-Israyeli.+ Ngoba amanzi okuhlanza+ awazange afafazwe phezu kwakhe, uqhubeka engcolile. Ukungcola kwakhe kusephezu kwakhe.+
14 “‘Nanku umthetho uma kwenzeka umuntu efela etendeni: Wonke umuntu ongena kulelo tende, nawo wonke umuntu okulelo tende, uyoba ongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 15 Futhi zonke izitsha ezivulekile+ okungaboshelwanga kuzo izivalo zingezingcolile. 16 Umuntu okungenzeka athinte umuntu obulawe ngenkemba+ endle noma isidumbu noma ithambo+ lomuntu noma indawo yokungcwaba uyoba ongcolile izinsuku eziyisikhombisa. 17 Kumelwe bathathele umuntu ongcolile uthuli othulini lwalapho kushiswa khona umnikelo wesono bathele amanzi agelezayo phezu kwalo esitsheni. 18 Khona-ke umuntu ohlanzekile+ kumelwe athathe ihisopi+ aligcobhoze kulawo manzi futhi awafafaze phezu kwetende naphezu kwazo zonke izitsha nemiphefumulo okwenzeka ukuba ibe lapho naphezu kwalowo othinte ithambo noma obulewe noma isidumbu noma indawo yokungcwaba. 19 Umuntu ohlanzekile kumelwe awafafaze phezu kwalowo ongcolile ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa amhlanze esonweni ngosuku lwesikhombisa;+ ahlanze izingubo zakhe futhi ageze, abe ngohlanzekile kusihlwa.
20 “‘Kodwa umuntu okungenzeka abe ongcolile futhi ongayikuzihlanza, lowo mphefumulo kumelwe unqunywe+ phakathi kwebandla, ngoba ungcolise indlu engcwele kaJehova. Amanzi okuhlanza awazange afafazwe phezu kwawo. Ungcolile.
21 “‘Kumelwe kusebenze njengesimiso kubo kuze kube nini nanini, ukuthi lowo ofafaza amanzi okuhlanza kufanele ahlanze izingubo zakhe,+ nalowo othinta amanzi okuhlanza. Uyoba ongcolile kuze kube kusihlwa. 22 Futhi noma yini lowo ongcolile angase ayithinte iyoba engcolile,+ umphefumulo oyithintayo uyoba ongcolile kuze kube kusihlwa.’”+