Numeri
2 Manje uJehova wakhuluma noMose no-Aroni, wathi: 2 “Abantwana bakwa-Israyeli kufanele bakanise, indoda ngayinye ngokwesigaba sayo sezizwe ezintathu,+ ngokwezimpawu zezindlu zoyise. Kufanele bakanise nxazonke phambi kwetende lokuhlangana.
3 “Abayomisa amatende ngasempumalanga ukuyela ngalapho kuphuma khona ilanga kuyoba isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwaJuda ngamabutho aso, futhi isikhulu sabantwana bakwaJuda nguNaheshoni+ indodana ka-Aminadaba. 4 Ibutho lakhe nalabo ababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.+ 5 Abayomisa amatende eceleni kwakhe kuyoba isizwe sakwa-Isakare,+ futhi isikhulu sabantwana bakwa-Isakare nguNethaneli+ indodana kaZuwari. 6 Ibutho lakhe nababhalisiwe bakhe bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nane namakhulu amane.+ 7 Nesizwe sakwaZebhuloni; futhi isikhulu sabantwana bakwaZebhuloni ngu-Eliyabe+ indodana kaHeloni. 8 Ibutho lakhe nababhalisiwe bakhe bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nesikhombisa namakhulu amane.+
9 “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwaJuda bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabutho abo. Kufanele basuke kuqala.+
10 Isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwaRubeni+ siyoba ngaseningizimu ngama-butho aso, futhi isikhulu sabantwana bakwaRubeni ngu-Elizuri+ indodana kaShedewuri. 11 Ibutho lakhe nababhalisiwe bakhe bayizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu amahlanu.+ 12 Abayomisa amatende eceleni kwakhe kuyoba yisizwe sakwaSimeyoni, futhi isikhulu sabantwana bakwaSimeyoni nguShelumiyeli+ indodana kaZurishadayi. 13 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.+ 14 Nesizwe sakwaGadi; futhi isikhulu sabantwana bakwaGadi ngu-Eliyasafa+ indodana kaRehuweli. 15 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi amahlanu.+
16 “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwaRubeni bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu nanye namakhulu amane namashumi amahlanu ngamabutho abo, futhi kufanele babe ngabesibili ukusuka.+
17 “Kuyothi lapho itende lokuhlangana+ selizosuka, ikamu lamaLevi+ libe phakathi kwamakamu.
“Leyo ndlela okufanele bakanise ngayo, yiyo futhi okufanele basuke ngayo,+ yilowo nalowo endaweni yakhe, ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu.
18 “Isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwa-Efrayimi+ ngamabutho aso siyoba ngasentshonalanga, futhi isikhulu samadodana akwa-Efrayimi ngu-Elishama+ indodana ka-Amihudi. 19 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu amahlanu.+ 20 Eceleni kwakhe kuyoba yisizwe sakwaManase,+ futhi isikhulu sabantwana bakwaManase nguGamaliyeli+ indodana kaPhedazuri. 21 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.+ 22 Nesizwe sakwaBhenjamini;+ futhi isikhulu sabantwana bakwaBhenjamini ngu-Abhidani+ indodana kaGidiyoni. 23 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.+
24 “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwa-Efrayimi bayizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabutho abo, futhi kufanele babe ngabesithathu ukusuka.+
25 “Isigaba sezizwe ezintathu sekamu lakwaDani siyoba ngasenyakatho ngamabutho aso, futhi isikhulu sabantwana bakwaDani ngu-Ahiyezeri+ indodana ka-Amishadayi. 26 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.+ 27 Abayomisa amatende eceleni kwakhe kuyoba yisizwe sakwa-Asheri, futhi isikhulu sabantwana bakwa-Asheri nguPhagiyeli+ indodana ka-Okirani. 28 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu amahlanu.+ 29 Nesizwe sakwaNafetali;+ futhi isikhulu sabantwana bakwaNafetali ngu-Ahira+ indodana ka-Enani. 30 Ibutho lakhe nababhalisiwe kulo bayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu nantathu namakhulu amane.+
31 “Bonke ababhalisiwe bekamu lakwaDani bayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amahlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha. Kufanele babe ngabokugcina ukusuka+— ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu.”
32 Laba yibo ababebhalisiwe emadodaneni akwa-Israyeli ngokwezindlu zoyise; bonke ababebhalisiwe bamakamu ngamabutho abo babeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi amahlanu.+ 33 Kodwa amaLevi awazange abhaliswe+ phakathi kwamadodana akwa-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. 34 Abantwana bakwa-Israyeli benza ngokuvumelana nakho konke uJehova ayekuyale uMose.+ Yileyo ndlela ababekanisa ngayo ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu,+ futhi yileyo ndlela ababesuka ngayo,+ yilowo nalowo ngemindeni yakubo ngokwezindlu zoyise.