Numeri
7 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,+ waligcoba+ futhi walingcwelisa lona nayo yonke impahla yalo ne-altare nazo zonke izinto zalo. Ngakho wakugcoba futhi wakungcwelisa.+ 2 Khona-ke izikhulu zakwa-Israyeli,+ izinhloko zezindlu zoyise, zethula isipho,+ njengoba zaziyizikhulu zezizwe zengamele ababhalisiwe, 3 futhi zaletha umnikelo wazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezivalekile nezinkomo eziyishumi nambili, inqola eyodwa ezikhulwini ezimbili nenkunzi eyodwa kuleso naleso; zakwethula phambi kwetabernakele. 4 UJehova wathi kuMose: 5 “Kwamukele kuzo, njengoba kumelwe kusetshenziswe ekwenzeni inkonzo yetende lokuhlangana, ukunike amaLevi, ngamunye ngokulingana nenkonzo yakhe.”
6 Ngakho uMose wazamukela izinqola nezinkomo futhi wazinika amaLevi. 7 Izinqola ezimbili nezinkomo ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngokulingana nenkonzo yawo,+ 8 futhi izinqola ezine nezinkomo eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngokulingana nenkonzo yawo,+ ngaphansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.+ 9 Kodwa amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngoba inkonzo yendawo engcwele yayiphezu kwawo.+ Ayethwala ngehlombe.+
10 Manje izikhulu zethula isipho sazo ekuvulweni+ kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, futhi izikhulu zaqhubeka nokwethula umnikelo wazo phambi kwe-altare. 11 Ngakho uJehova wathi kuMose: “Isikhulu esisodwa ngosuku olulodwa nesinye isikhulu ngolunye usuku, yileyo ndlela ezizokwethula ngayo umnikelo wazo wokuvulwa kwe-altare.”+
12 Owethula umnikelo wakhe ngosuku lokuqala kwaba uNaheshoni+ indodana ka-Aminadaba wesizwe sakwaJuda. 13 Umnikelo wakhe kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele,+ kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 14 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho;+ 15 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 16 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 17 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba.+
18 Ngosuku lwesibili uNethaneli+ indodana kaZuwari, isikhulu sakwa-Isakare, wethula isipho. 19 Wethula njengomnikelo wakhe indishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 20 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 21 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 22 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 23 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaNethaneli indodana kaZuwari.
24 Ngosuku lwesithathu kwaba yisikhulu samadodana akwaZebhuloni, u-Eliyabe+ indodana kaHeloni. 25 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu; 26 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 27 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 28 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 29 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Eliyabe indodana kaHeloni.+
30 Ngosuku lwesine kwaba yisikhulu samadodana akwaRubeni, u-Elizuri+ indodana kaShedewuri. 31 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nesitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 32 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 33 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 34 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 35 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Elizuri indodana kaShedewuri.+
36 Ngosuku lwesihlanu kwaba yisikhulu samadodana akwaSimeyoni, uShelumiyeli+ indodana kaZurishadayi. 37 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 38 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 39 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 40 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 41 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaShelumiyeli indodana kaZurishadayi.+
42 Ngosuku lwesithupha kwaba yisikhulu samadodana akwaGadi, u-Eliyasafa+ indodana kaDehuweli. 43 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 44 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho;+ 45 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 46 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 47 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Eliyasafa indodana kaDehuweli.+
48 Ngosuku lwesikhombisa kwaba yisikhulu samadodana akwa-Efrayimi, u-Elishama+ indodana ka-Amihudi. 49 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 50 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 51 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 52 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 53 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Elishama indodana ka-Amihudi.+
54 Ngosuku lwesishiyagalombili kwaba yisikhulu samadodana akwaManase, uGamaliyeli+ indodana kaPhedazuri. 55 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 56 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho;+ 57 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 58 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 59 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPhedazuri.+
60 Ngosuku lwesishiyagalolunye kwaba yisikhulu+ samadodana akwaBhenjamini, u-Abhidani+ indodana kaGidiyoni. 61 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 62 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 63 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 64 izinyane elilodwa lembuzi, lomnikelo wesono;+ 65 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo,+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Abhidani indodana kaGidiyoni.+
66 Ngosuku lweshumi kwaba yisikhulu samadodana akwaDani, u-Ahiyezeri+ indodana ka-Amishadayi. 67 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 68 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho; 69 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 70 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 71 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.+
72 Ngosuku lweshumi nanye kwaba yisikhulu samadodana akwa-Asheri, uPhagiyeli+ indodana ka-Okirani. 73 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 74 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho;+ 75 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 76 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 77 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo kaPhagiyeli indodana ka-Okirani.+
78 Ngosuku lweshumi nambili kwaba isikhulu samadodana akwaNafetali, u-Ahira+ indodana ka-Enani. 79 Umnikelo waso kwakuyindishi eyodwa yesiliva, isisindo sayo singamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, isitsha esisodwa sesiliva samashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendawo engcwele, kokubili kugcwele ufulawa ocolekileyo oswakanyiswe ngamafutha womnikelo wokusanhlamvu;+ 80 indebe eyodwa yegolide yamashekeli ayishumi, igcwele impepho;+ 81 ithole elilodwa leduna, inqama eyodwa, iwundlu elilodwa leduna elisonyakeni walo wokuqala, komnikelo wokushiswa;+ 82 izinyane elilodwa lembuzi lomnikelo wesono;+ 83 futhi okomhlatshelo wenhlanganyelo+ izinkomo ezimbili, izinqama ezinhlanu, izimpongo ezinhlanu, amawundlu amahlanu angamaduna ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo ka-Ahira indodana ka-Enani.+
84 Lona kwakuwumnikelo wokuvulwa+ kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, owenziwa izikhulu+ zakwa-Israyeli: izindishi eziyishumi nambili zesiliva, izitsha eziyishumi nambili zesiliva,+ izindebe eziyishumi nambili zegolide; 85 indishi ngayinye yesiliva ingamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, nesitsha ngasinye singamashekeli angamashumi ayisikhombisa, lonke isiliva lezitsha lingamashekeli ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendawo engcwele;+ 86 izindebe eziyishumi nambili zegolide+ ezigcwele impepho zingamashekeli ayishumi ngendebe ngayinye ngokweshekeli lendawo engcwele, lonke igolide lezindebe lingamashekeli ayikhulu namashumi amabili; 87 zonke izinkomo zomnikelo wokushiswa+ ziyizinkunzi eziyishumi nambili, izinqama eziyishumi nambili, amawundlu angamaduna ayishumi nambili ngalinye linonyaka owodwa ubudala neminikelo yako yokusanhlamvu,+ namazinyane ezimbuzi ayishumi nambili omnikelo wesono;+ 88 futhi zonke izinkomo zomhlatshelo wenhlanganyelo+ ziyizinkunzi ezingamashumi amabili nane, izinqama ezingamashumi ayisithupha, izimpongo ezingamashumi ayisithupha, amawundlu angamaduna angamashumi ayisithupha ngalinye linonyaka owodwa ubudala. Lokhu kwakuwumnikelo wokuvulwa+ kwe-altare ngemva kokugcotshwa kwalo.+
89 Kwakuthi noma nini lapho uMose engena etendeni lokuhlangana ezokhuluma naye,+ ezwe izwi likhuluma naye livela phezu kwesembozo+ esasingaphezu komphongolo wobufakazi, livela phakathi kwamakherubi amabili;+ akhulume naye.