Luka
24 Nokho, ngosuku lokuqala lwesonto baya ethuneni ekuseni kakhulu, bephethe iziqholo ababezilungiselele.+ 2 Kodwa bathola itshe ligingqiwe lasuswa ethuneni,+ 3 lapho bengena abasitholanga isidumbu seNkosi uJesu.+ 4 Besasambathekile ngalokhu, bheka! kwema ngakubo amadoda amabili agqoke izembatho ezibenyezelayo.+ 5 Njengoba abesifazane bethuka futhi ubuso babo bubheke phansi, la madoda athi kubo: “Kungani nifuna Ophilayo phakathi kwabafileyo na? 6 [[Akekho lapha, uvusiwe.]]+ Khumbulani indlela akhuluma ngayo kini lapho eseseGalile,+ 7 ethi iNdodana yomuntu kumelwe inikelwe ezandleni zabantu abayizoni futhi ibethelwe kodwa nokho ngosuku lwesithathu ivuke.”+ 8 Ngakho bawakhumbula amazwi akhe,+ 9 futhi babuya ethuneni babika zonke lezi zinto kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.+ 10 BabengoMariya Magdalena, noJowana,+ noMariya unina kaJakobe. Bonke abanye besifazane+ ababenabo batshela abaphostoli lezi zinto. 11 Nokho, la mazwi abonakala njengembudane kubo, ababakholwanga+ abesifazane.
12 [[Kodwa uPetru wasukuma wagijimela ethuneni, futhi, elunguza, wabona amabhandeshi wodwa. Ngakho wahamba, emangele ngaphakathi ngalokho okwakwenzekile.]]
13 Kodwa, bheka! ngalo kanye lolo suku ababili kubo babesendleleni beya emzaneni okuthiwa i-Emawuse oqhele ngamakhilomitha angaba yishumi nanye ukusuka eJerusalema, 14 bexoxa ngazo zonke lezi zinto+ ezazenzekile.
15 Njengoba bekhuluma futhi bexoxa, uJesu ngokwakhe wasondela+ wahambisana nabo; 16 kodwa amehlo abo avinjwa ukuba babone ukuthi ungubani.+ 17 Wathi kubo: “Zindaba zini lezi eniphikisana ngazo phakathi kwenu njengoba nihambisana na?” Bema ubuso babo budabukile. 18 Lowo okuthiwa uKleyophase waphendula wathi kuye: “Ingabe uhlala wedwa njengomfokazi eJerusalema okwenza ukuba ungazazi izinto ezenzeke kulo kulezi zinsuku?” 19 Wathi kubo: “Zinto zini?” Bathi kuye: “Izinto eziphathelene noJesu umNazaretha,+ owaba umprofethi+ onamandla ngomsebenzi nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabo bonke abantu; 20 nendlela abapristi bethu abakhulu nababusi abamnikele ngayo ukuba agwetshelwe ukufa futhi bambethela.+ 21 Kodwa besinethemba lokuthi nguye owayemiselwe ukukhulula u-Israyeli;+ yebo, futhi ngaphandle kwazo zonke lezi zinto, lolu sekuwusuku lwesithathu kusukela lezi zinto zenzekile. 22 Ngaphezu kwalokho, abesifazane+ abathile bakithi nabo basimangazile, ngoba ekuseni bebeye ethuneni 23 kodwa abasitholanga isidumbu sakhe futhi bafike bethi babone nombono ongaphezu kowemvelo wezingelosi, ezithé uyaphila. 24 Abanye kulabo abakanye nathi bayile ethuneni;+ bathola kunjalo, njengoba nje abesifazane bebeshilo, kodwa abazange bambone.”
25 Ngakho wathi kubo: “O nina bantu abangenangqondo nabephuzayo enhliziyweni ukukholwa yizo zonke izinto ezakhulunywa ngabaprofethi!+ 26 Kwakungadingekile yini ukuba uKristu ahlupheke+ ngazo zonke lezi zinto futhi angene enkazimulweni yakhe na?”+ 27 Eqala kuMose+ nakubo bonke abaProfethi+ wabachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.
28 Ekugcineni bafika eduze nomzana ababeya kuwo, yena wenza sengathi udlulela phambili. 29 Kodwa bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngoba sekuyahwalala futhi selishonile kakade.” Wabe esengena ukuze ahlale nabo. 30 Njengoba ehlezi nabo ekudleni wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula wabanika sona.+ 31 Khona-ke amehlo abo avuleka ngokugcwele babona ukuthi ungubani; wanyamalala kubo.+ 32 Bathi komunye nomunye: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?” 33 Basukuma ngalo kanye lelo hora babuyela eJerusalema, bathola abayishumi nanye nalabo ababenabo behlangene, 34 bathi: “Ngempela iNkosi ivusiwe futhi ibonakele kuSimoni!”+ 35 Manje bona ngokwabo balandisa izenzakalo zasendleleni nendlela abamaze ngayo ngokuhlephula isinkwa.+
36 Besakhuluma ngalezi zinto yena ngokwakhe wema phakathi kwabo [[wathi kubo: “Kwangathi ningaba nokuthula.”]] 37 Kodwa ngoba babesaba, futhi bethukile,+ babecabanga ukuthi babona umoya. 38 Ngakho wathi kubo: “Kungani nikhathazekile, futhi kungani kuvela ukungabaza ezinhliziyweni zenu na? 39 Bhekani izandla zami nezinyawo zami, ukuthi yimina uqobo; ngithinteni+ nibone, ngoba umoya awunayo inyama namathambo+ njengoba nje nibona ukuthi mina nginakho.” 40 [[Njengoba asho lokhu wababonisa izandla zakhe nezinyawo zakhe.]] 41 Kodwa lapho belokhu bengakholwa+ ngenxa yenjabulo futhi bemangele, wathi kubo: “Ninakho lapho okudliwayo?”+ 42 Bamnikeza ucezu lwenhlanzi eyosiwe;+ 43 waluthatha waludla+ phambi kwamehlo abo.
44 Manje wathi kubo: “Lawa ngamazwi ami engawakhuluma kini ngesikhathi ngisenani,+ ukuthi zonke izinto ezilotshwe ngami emthethweni kaMose nakubaProfethi+ nakumaHubo+ kumelwe zigcwaliseke.” 45 Khona-ke wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo,+ 46 wathi kubo: “Kanjalo kulotshiwe ukuthi uKristu uyohlupheka futhi avuke phakathi kwabafileyo ngosuku lwesithathu,+ 47 futhi ngegama lakhe kuyoshunyayelwa ukuphenduka ngenjongo yokuthethelelwa kwezono+ kuzo zonke izizwe+—kusukela eJerusalema,+ 48 kumelwe nibe ngofakazi+ balezi zinto. 49 Bhekani! ngithumela kini lokho okuthenjiswe uBaba. Nokho, nina hlalani emzini nize nimbathiswe amandla avela phezulu.”+
50 Kodwa wabaholela ngaphandle kwaze kwaba seBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe wababusisa.+ 51 Njengoba ebabusisa wahlukaniswa nabo waqala ukukhushulelwa phezulu ezulwini.+ 52 Bamkhothamela, babuyela eJerusalema bejabula kakhulu.+ 53 Babesethempelini njalo betusa uNkulunkulu.+