Luka
8 Ngokushesha ngemva kwalokho wahamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.+ Abayishumi nambili babenaye, 2 nabesifazane abathile+ ababelashwe emimoyeni emibi nasekuguleni, uMariya okuthiwa uMagdalena, okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,+ 3 noJowana+ umkaKhuza, indoda ephethe kaHerode, noSusana nabanye besifazane abaningi, ababebakhonza ngalokho okungokwabo.
4 Lapho sekubuthene isixuku esikhulu kanye nalabo ababeza kuye bevela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso:+ 5 “Kwaphuma umhlwanyeli eyohlwanyela imbewu yakhe. Nokho, njengoba ehlwanyela, enye kuyo yawela eceleni kwendlela yanyathelwa, nezinyoni zezulu zayidla zayiqeda.+ 6 Enye yawela edwaleni, futhi, ngemva kokuhluma, yoma ngenxa yokungabi namswakama.+ 7 Enye yawela emeveni, yaminyaniswa ngameva akhula kanye nayo.+ 8 Enye yawela enhlabathini enhle, futhi, ngemva kokuhluma, yathela isithelo ngokuphindwe ngekhulu.”+ Njengoba esho lezi zinto, wabe esememeza ethi: “Onezindlebe zokulalela, makalalele.”+
9 Kodwa abafundi bakhe bambuza ukuthi lo mfanekiso kungase kube usho ukuthini.+ 10 Wathi: “Nina nikuphiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso kaNkulunkulu, kodwa kubo bonke abanye kungemifanekiso,+ ukuze kuthi, nakuba bebhekile, babheke ngeze, futhi nakuba bezwa, bangayitholi incazelo.+ 11 Manje lo mfanekiso+ usho lokhu: Imbewu iyizwi likaNkulunkulu.+ 12 Leyo eseceleni kwendlela iyilabo abaye bezwa,+ khona-ke uDeveli+ afike alisuse izwi ezinhliziyweni zabo ukuze bangakholwa futhi basindiswe.+ 13 Leyo esedwaleni iyilabo abathi lapho belizwa, balamukele izwi ngenjabulo, kodwa laba abanampande; bakholwa isikhathi esithile, kodwa ngenkathi yokuvivinywa bayawa.+ 14 Kepha leyo eyawela emeveni, iyilabo abaye bezwa, kodwa, ngokuthathwa izinkathazo nengcebo nenjabulo+ yalokhu kuphila, baminyaniswa ngokuphelele futhi abaphelelisi+ lutho. 15 Kepha leyo eyawela enhlabathini enhle, lena iyilabo okuthi, ngemva kokuzwa izwi ngenhliziyo enhle,+ baligcine futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.+
16 “Akekho othi ngemva kokukhanyisa isibani asimboze ngesitsha noma asibeke ngaphansi kombhede, kodwa usibeka othini lwesibani, ukuze labo abangenayo babone ukukhanya.+ 17 Ngoba akukho lutho olufihliwe+ olungeke lwabonakala, futhi akukho lutho oluthukuswe ngokucophelela olungasoze lwaziwa nolungasoze lwavela obala.+ 18 Ngakho-ke, nakani indlela enilalela ngayo; ngoba noma ubani onakho, uyonikwa okwengeziwe,+ kodwa noma ubani ongenakho, ngisho nalokho acabanga ukuthi unakho uyophucwa kona.”+
19 Manje unina nabafowabo+ beza kuye, kodwa babengakwazi ukufika kuye ngenxa yesixuku.+ 20 Kwabikwa kuye kwathiwa: “Unyoko nabafowenu bami ngaphandle bafuna ukukubona.”+ 21 Ephendula wathi kubo: “Umama nabafowethu yilaba abezwa izwi likaNkulunkulu futhi balenze.”+
22 Phakathi nolunye lwalezo zinsuku yena nabafundi bakhe bangena esikebheni, wathi kubo: “Masiwelele ngaphesheya kwechibi.” Ngakho baqala uhambo ngesikebhe.+ 23 Kodwa njengoba behamba ngesikebhe wazumeka. Isiphepho esinamandla sehlela echibini, amanzi aqala ukugcwala futhi baba sengozini.+ 24 Ekugcineni baya kuye bamvusa, bethi: “Mfundisi, Mfundisi, siyafa!”+ Evuka, wawukhuza+ umoya nokuyaluza kwamanzi kwadamba, kwazola. 25 Khona-ke wathi kubo: “Luphi ukholo lwenu?” Kodwa befikelwe ukwesaba, bamangala, bethi komunye nomunye: “Ungubani ngempela lo, ngoba uyala ngisho nemimoya namanzi, kumlalele?”+
26 Bamisa ogwini ezweni lamaGerasa, elingaphesheya kweGalile.+ 27 Njengoba ephumela ezweni wahlangana nendoda ethile yakulowo muzi eyayinamademoni. Kwase kuyisikhathi eside ingagqoki, futhi yayingahlali ekhaya, kodwa ihlala emathuneni.+ 28 Lapho ibona uJesu yamemeza kakhulu yawela phansi phambi kwakhe, futhi ngezwi elikhulu yathi: “Ngenzeni kuwe,+ Jesu Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.”+ 29 (Ngoba wayeyale lo moya ongcolile ukuba uphume kule ndoda. Ngoba wawuyibambe isikhathi eside,+ futhi yayisiboshwe kaningi ngamaketanga nangezibopho, iqashelwe, kodwa yayizigqashula lezo zibopho futhi idemoni liyiqhubele ezindaweni ezingenabantu.) 30 UJesu wayibuza: “Ungubani igama lakho?” Yathi: “NginguLegiyona,” ngoba yayingenwe amademoni amaningi.+ 31 Ayelokhu emncenga+ ukuba angawayali ukuba aye kwalasha.+ 32 Manje kwakunomhlambi omkhulu wezingulube+ uklabile lapho entabeni; ngakho amncenga ukuba awavumele angene kuwo.+ Wawavumela. 33 Khona-ke amademoni aphuma kule ndoda angena ezingulubeni, umhlambi wakhalakathela eweni wangena echibini, waminza.+ 34 Lapho abelusi bebona okwakwenzekile, babaleka bakubika emzini nasemaphandleni.+
35 Khona-ke abantu beza bezobona okwakwenzekile, futhi beza kuJesu bathola indoda okwakuphume kuyo amademoni, igqokile, ingqondo yayo iphilile, ihlezi ezinyaweni zikaJesu; besaba.+ 36 Labo ababekubonile bababikela indlela le ndoda ekhwelwe amademoni eyayiphiliswe ngayo.+ 37 Ngakho sonke isixuku esasivela kulelo zwe lamaGerasa samcela ukuba amuke, ngoba sasibanjwe ukwesaba okukhulu.+ Khona-ke wagibela isikebhe wamuka. 38 Nokho, indoda okwakukhishwe kuyo amademoni yamncenga ukuba iqhubeke inaye; kodwa wayimukisa le ndoda, ethi:+ 39 “Phindela ekhaya, ulandise lokho uNkulunkulu akwenzele kona.”+ Ngakho yahamba, imemezela kuwo wonke umuzi lokho uJesu ayeyenzele kona.+
40 Lapho uJesu ebuya, isixuku samamukela ngomusa, ngoba sonke sasimlindele.+ 41 Kodwa, bheka! kweza indoda egama layo linguJayiru, le ndoda yayiyisikhulu esengamele sesinagoge. Yawela ezinyaweni zikaJesu yaqala ukumncenga ukuba angene endlini yayo,+ 42 ngoba yayinendodakazi ezelwe yodwa ecishe ibe neminyaka eyishumi nambili ubudala futhi yayifa.+
Njengoba ehamba, izixuku zamminyanisa.+ 43 Owesifazane othile, okwase kuyiminyaka eyishumi nambili enomopho,+ okungekho muntu ayekwaze ukuthola ikhambi kuye,+ 44 wasondela ngemuva wathinta insephe+ yengubo yakhe yangaphandle,+ futhi ngaso leso sikhathi umopho wakhe wanqamuka.+ 45 UJesu wathi: “Ngubani lo ongithintile?”+ Lapho bonke bephika, uPetru wathi: “Mfundisi, izixuku ziyakucindezela futhi ziyakucinanisa.”+ 46 Nokho uJesu wathi: “Ukhona ongithintile, ngoba ngizwile kuphuma amandla+ kimi.”+ 47 Ebona ukuthi akakugwemanga ukuqashelwa, lona wesifazane weza ethuthumela wawa phansi phambi kwakhe wadalula phambi kwabo bonke abantu isizathu sokuba amthinte nendlela aphulukiswe ngayo ngaso leso sikhathi.+ 48 Kodwa wathi kuye: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile;+ hamba ngokuthula.”+
49 Esakhuluma, kweza ummeleli othile wesikhulu esengamele sesinagoge ethi: “Indodakazi yakho ifile; ungabe usamhlupha umfundisi.”+ 50 Lapho ezwa lokhu, uJesu wamphendula: “Ungesabi, kuphela bonakalisa ukholo,+ izosinda.” 51 Lapho efika endlini akavumelanga muntu ukuba angene naye ngaphandle kukaPetru noJohane noJakobe noyise nonina wentombazane.+ 52 Kodwa abantu babeyikhalela bonke futhi bezishaya ngenxa yosizi. Ngakho wathi: “Yekani ukukhala,+ ngoba ayifile ilele.”+ 53 Khona-ke bamhleka usulu, ngoba babazi ukuthi ifile.+ 54 Kodwa wayibamba ngesandla wamemeza, ethi: “Ntombazane, vuka!”+ 55 Umoya+ wayo wabuya, yavuka+ ngaso leso sikhathi, wayala ukuba inikwe ukudla.+ 56 Abazali bayo babejabule ngokwedlulele; kodwa wabayala ukuba bangatsheli muntu ngokwakwenzekile.+