Joshuwa
20 Khona-ke uJehova wakhuluma noJoshuwa, wathi: 2 “Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthi, ‘Nikelani ngemizi yesiphephelo+ engakhuluma ngayo kini ngoMose, 3 ukuze kubalekele khona umbulali+ oshaya umphefumulo ufe engahlosile; kumelwe kini ibe isiphephelo kumphindiseli wegazi.+ 4 Kumelwe abalekele+ kweminye yale mizi ame emnyango wesango+ lomuzi akhulume amazwi akhe kuzwa amadoda amadala+ akulowo muzi; amamukele emzini amnike indawo ahlale kanye nawo. 5 Uma kwenzeka umphindiseli wegazi emsukela, akufanele amnikele esandleni sakhe lowo mbulali;+ ngoba washaya umuntu wakubo wafa engazi, futhi wayengamzondi ngaphambili.+ 6 Kumelwe ahlale kulowo muzi kuze kube yilapho ema phambi kwenhlangano ukuze ahlulelwe,+ kuze kufe umpristi ophakeme+ okhona ngalezo zinsuku. Yingaleso sikhathi lapho umbulali engabuyela khona emuva,+ khona-ke usengangena emzini wakubo nasendlini yakhe, emzini abaleka kuwo.’”
7 Ngakho balinika isikhundla esingcwele iKedeshi+ eGalile esifundeni sezintaba sakwaNafetali, neShekemi+ esifundeni sezintaba sakwa-Efrayimi, neKiriyati-ariba,+ okungukuthi, iHebroni, esifundeni sezintaba sakwaJuda. 8 Esifundeni saseJordani, eJeriko, ngasempumalanga banikela ngeBhezeri+ ehlane ezweni elendlalekile lesizwe sakwaRubeni,+ neRamoti+ eGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolani+ eBhashani esizweni sakwaManase.
9 Lena kwaba yimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nomfokazi ogogobele phakathi kwabo, ukuba kubalekele kuyo noma ubani oshaya umphefumulo ufe engahlosile,+ ukuze angafi ngesandla somphindiseli wegazi kuze kube yilapho ema phambi kwenhlangano.+