1 Samuweli
19 Ekugcineni uSawule wakhuluma noJonathani indodana yakhe nazo zonke izinceku zakhe ngokubulala+ uDavide. 2 Kepha uJonathani, indodana kaSawule, wayejabula kakhulu ngoDavide.+ Ngakho uJonathani wamtshela uDavide, wathi: “USawule ubaba ufuna ukuba ubulawe. Manje siza uqaphe ekuseni, uhlale ekusithekeni, uzigcine ufihlekile.+ 3 Mina, ngokuqinisekile ngizophuma ngime eceleni kukababa ensimini lapho wena uzobe ukhona, mina ngizokukhulumela kubaba, ngizobona ukuthi kuzokwenzekani, futhi ngizoqiniseka ukuthi ngiyakutshela.”+
4 Ngakho uJonathani wakhuluma kahle+ ngoDavide kuSawule uyise wathi kuye: “Inkosi mayingoni+ encekwini yayo uDavide, ngoba akakonanga futhi imisebenzi yakhe ibilokhu imihle kakhulu ngakuwe.+ 5 Futhi wabeka umphefumulo wakhe entendeni yesandla sakhe+ wabulala umFilisti,+ uJehova wenzela wonke u-Israyeli insindiso+ enkulu. Wena wakubona, wajabula. Pho kungani kufanele wone egazini elingenacala ngokwenza ukuba uDavide abulawe+ ngeze?”+ 6 Khona-ke uSawule walilalela izwi likaJonathani, uSawule wafunga: “Kuphila kukaJehova,+ ngeke abulawe.” 7 Kamuva uJonathani wabiza uDavide uJonathani wamtshela wonke la mazwi. Khona-ke uJonathani waletha uDavide kuSawule, waqhubeka phambi kwakhe njengangaphambili.+
8 Ngokuhamba kwesikhathi kwaphinda futhi kwagqashuka impi futhi uDavide wawahlasela amaFilisti walwa nawo wawabulala ngokuceka okukhulu,+ ambalekela.+
9 Umoya omubi kaJehova+ wafikela uSawule lapho ehlezi endlini yakhe umkhonto wakhe usesandleni sakhe, ngesikhathi uDavide edlala umculo ngesandla sakhe. 10 Ngenxa yalokho uSawule wafuna ukuhlanganisa uDavide nodonga+ ngomkhonto, kodwa wagwija+ phambi kukaSawule, waphisela umkhonto odongeni. UDavide wabaleka ukuze aphunyuke ngalobo busuku.+ 11 Kamuva uSawule wathumela izithunywa+ endlini kaDavide ukuba ziyilinde futhi zimbulale ekuseni;+ kodwa uMikhali umkakhe wamtshela uDavide, wathi: “Uma ungavumeli umphefumulo wakho uphunyuke namuhla ebusuku, kusasa uzobe ungumuntu obulewe.” 12 Ngokushesha uMikhali wehlisa uDavide ngefasitela, ukuze eqe futhi aphunyuke.+ 13 Khona-ke uMikhali wathatha isithombe setherafi+ wasibeka embhedeni, wabeka nenetha loboya bembuzi endaweni yekhanda lakhe, okwathi ngemva kwalokho wakwemboza ngengubo.
14 Manje uSawule wathuma izithunywa ukuba ziyolanda uDavide, kodwa wathi: “Uyagula.”+ 15 Ngakho uSawule wathuma izithunywa ukuba ziyobona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze abulawe.”+ 16 Lapho izithunywa zingena, bheka, kwakukhona isithombe setherafi phezu kombhede nenetha loboya bembuzi endaweni yekhanda lakhe. 17 Khona-ke uSawule wathi kuMikhali: “Ungikhohliseleni+ kanje, wamukisa isitha sami+ ukuze siphunyuke?” UMikhali yena wathi kuSawule: “Nguye ngokwakhe othé kimi, ‘Ngimukise! Kungani kufanele ngibulale wena?’”
18 UDavide yena, weqa waphunyuka+ wafika kuSamuweli eRama.+ Wamtshela konke uSawule ayekwenze kuye. Khona-ke yena noSamuweli bahamba bahlala eNayoti.+ 19 Ngemva kwesikhathi umbiko wafinyelela kuSawule, wokuthi; “Bheka! UDavide useNayoti eRama.” 20 Ngaso leso sikhathi uSawule wathumela izithunywa ukuba ziyolanda uDavide. Lapho zibona asebebadala kubaprofethi beprofetha, uSamuweli emi endaweni yakhe ebengamele, umoya+ kaNkulunkulu waba phezu kwezithunywa zikaSawule, nazo futhi zaqala ukuziphathisa okwabaprofethi.+
21 Lapho betshela uSawule ngalokhu, ngokushesha wathumela ezinye izithunywa, nazo futhi, zaziphathisa okwabaprofethi. Ngakho uSawule wathumela izithunywa futhi, iqembu lesithathu, nazo futhi, zaziphathisa okwabaprofethi. 22 Ekugcineni naye waya eRama. Lapho efika emthonjeni omkhulu oseSeku, wabuza wathi: “Baphi oSamuweli noDavide?” Bathi: “BaseNayoti+ eRama.” 23 Waqhubeka nendlela yakhe esuka lapho waya eNayoti eRama, umoya+ kaNkulunkulu waba phezu kwakhe, yebo, yena, waqhubeka ehamba futhi waziphathisa okomprofethi waze wafika eNayoti eRama. 24 Wahlubula izingubo zakhe, naye futhi, waziphathisa okomprofethi phambi kukaSamuweli, walala phansi engambethe lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku.+ Kungaleso sizathu kwathiwa: “Ingabe noSawule uphakathi kwabaprofethi?”+