Genesise 39:9 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 9 Akekho omkhulu kunami kule ndlu, futhi ayingigodlelanga lutho neze ngaphandle kwakho, ngoba ungumkayo.+ Khona-ke ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?”+ Duteronomi 5:18 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 18 “‘Ungaphingi.+ IzAga 6:32 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 32 Noma ubani ophinga nowesifazane uswele inhliziyo;+ okwenzayo uchitha owakhe umphefumulo.+ Mathewu 5:27 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 27 “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Ungaphingi.’+ Mathewu 5:28 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 28 Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane+ aze amkhanuke, usephingile+ naye kakade enhliziyweni yakhe.+ Roma 13:9 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 9 Ngoba isimiso somthetho esithi, “Ungaphingi,+ Ungabulali,+ Ungebi,+ Ungahahi,”+ nanoma yimuphi omunye umyalo okhona, sihlanganiswe kuleli zwi, elithi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”+ 1 Korinte 6:18 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 18 Balekelani ubufebe.+ Zonke ezinye izono umuntu angase azenze zingaphandle komzimba wakhe, kodwa lowo ofebayo wona owakhe umzimba.+ Hebheru 13:4 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 4 Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa,+ ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.+
9 Akekho omkhulu kunami kule ndlu, futhi ayingigodlelanga lutho neze ngaphandle kwakho, ngoba ungumkayo.+ Khona-ke ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?”+
28 Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane+ aze amkhanuke, usephingile+ naye kakade enhliziyweni yakhe.+
9 Ngoba isimiso somthetho esithi, “Ungaphingi,+ Ungabulali,+ Ungebi,+ Ungahahi,”+ nanoma yimuphi omunye umyalo okhona, sihlanganiswe kuleli zwi, elithi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”+
18 Balekelani ubufebe.+ Zonke ezinye izono umuntu angase azenze zingaphandle komzimba wakhe, kodwa lowo ofebayo wona owakhe umzimba.+
4 Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa,+ ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.+