IHubo 25:13 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 13 Umphefumulo wakhe uyohlala ebuhleni,+Nenzalo yakhe iyodla ifa lomhlaba.+ IHubo 37:29 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 29 Abalungile bayokudla ifa lomhlaba,+Futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.+ Isaya 57:13 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 13 Izinto oziqoqile ngeke zikukhulule lapho ukhala ucela usizo,+ kodwa umoya uyozithwala zonke impela umuke nazo.+ Umoya okhishwa ngamakhala uyozisusa, kodwa lowo ophephela kimi+ uyolizuza njengefa leli zwe futhi uyodla ifa lentaba yami engcwele.+ Isaya 58:14 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 14 khona-ke uyothola injabulo yakho enkulu ngoJehova,+ futhi ngiyokwenza ugibele ezindaweni eziphakeme zomhlaba;+ ngiyokwenza ukuba udle efeni likaJakobe ukhokho wakho,+ ngoba umlomo kaJehova ngokwawo ukhulumile.”+ Mathewu 5:5 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 5 “Bayajabula abanomoya omnene,+ ngoba bayokudla ifa lomhlaba.+
13 Izinto oziqoqile ngeke zikukhulule lapho ukhala ucela usizo,+ kodwa umoya uyozithwala zonke impela umuke nazo.+ Umoya okhishwa ngamakhala uyozisusa, kodwa lowo ophephela kimi+ uyolizuza njengefa leli zwe futhi uyodla ifa lentaba yami engcwele.+
14 khona-ke uyothola injabulo yakho enkulu ngoJehova,+ futhi ngiyokwenza ugibele ezindaweni eziphakeme zomhlaba;+ ngiyokwenza ukuba udle efeni likaJakobe ukhokho wakho,+ ngoba umlomo kaJehova ngokwawo ukhulumile.”+