AmaHubo
Kumqondisi weGititi.+ Elamadodana kaKhora. Ihubo.
2 Umphefumulo wami ulangazelele amagceke kaJehova futhi usuphelile ukuwalubela.+
Inhliziyo yami ngisho nenyama yami kukhamuluka ngenjabulo kuNkulunkulu ophilayo.+
3 Ngisho nenyoni ngokwayo itholé indlu,
Nenkonjane izitholele isidleke,
Lapho ibeké khona amaphuphu ayo—
I-altare lakho elikhulu, Jehova wamabutho, Nkosi yami noNkulunkulu wami!
6 Lapho bedlula ethafeni eliphansi lehlathi lamabhakha,+
Baliphendula libe isiphethu;
Impela ofundisayo+ uzisonga ngezibusiso.
10 Ngoba usuku emagcekeni akho lungcono kuneziyinkulungwane kwenye indawo.+
Ngikhethé ukuma embundwini endlini kaNkulunkulu wami+
Kunokuzulazula ematendeni obubi.+