-
Genesise 37:7-9IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
7 Besibopha izithungo phakathi nensimu lapho isithungo sami sivuka sima siqonda, izithungo zenu zangunga isithungo sami zasikhothamela.” + 8 Abafowabo bathi kuye: “Ingabe ngempela uzozenza inkosi phezu kwethu usibuse?” + Ngakho bathola esinye isizathu sokumzonda ngenxa yamaphupho akhe nangenxa yalokho ayekushilo.
9 Ngemva kwalokho waphupha nelinye futhi iphupho, walilandisa abafowabo wathi: “Ngiphuphe nelinye iphupho. Kulokhu ilanga nenyanga nezinkanyezi ezingu-11 bekungikhothamela.” +
-