-
Genesise 49:29-33IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
29 Ngemva kwalokho wawayala wathi kuwo: “Mina sengizofa.* + Ningingcwabe kanye nobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, + 30 umhume osensimini yaseMakaphela phambi kwaseMamre ezweni laseKhanani, insimu u-Abrahama ayithenga ku-Efroni umHeti ukuba ibe indawo yokungcwaba. 31 Bamngcwaba lapho u-Abrahama nomkakhe uSara. + Bamngcwaba lapho u-Isaka + nomkakhe uRebheka, ngamngcwaba lapho noLeya. 32 Leyo nsimu nomhume okuyo kwathengwa emadodaneni kaHeti.” +
33 UJakobe waqeda ukunika amadodana akhe lezi ziyalezo. Ngemva kwalokho wagibeza izinyawo zakhe phezu kombhede waphefumula okokugcina, bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo.* +
-
-
Genesise 50:13, 14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Amadodana akhe amthwala amyisa ezweni laseKhanani amngcwaba emhumeni wensimu yaseMakaphela, insimu ephambi kwaseMamre u-Abrahama ayeyithenge ku-Efroni umHeti njengendawo yokungcwaba. + 14 Ngemva kokungcwaba uyise, uJosefa wabuyela eGibhithe nabafowabo nabo bonke ababehambe naye beyongcwaba uyise.
-