-
Eksodusi 29:26, 27IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
26 “Ngemva kwalokho uthathe isifuba senqama yokumisa umpristi, + enikelelwa u-Aroni, usizulise njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova, sizoba isabelo sakho. 27 Kufanele ungcwelise isifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze wesabelo esingcwele okuzulisiwe futhi okuthathwe enqameni yokumisa umpristi, + kulokho obekunikelelwa u-Aroni namadodana akhe.
-
-
Levitikusi 7:34, 35IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
34 Ngoba ngithatha isifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze womnikelo ongcwele emihlatshelweni ehlanganyelwayo yama-Israyeli, ngikunika u-Aroni umpristi namadodana akhe njengomthetho waphakade kuma-Israyeli. +
35 “‘Lokhu kwakuwumnikelo ovela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni okwakufanele ubekelwe eceleni ukuze ube owabapristi, u-Aroni namadodana akhe, ngosuku abamisa ngalo ukuba babe abapristi kuJehova. +
-