Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Numeri 4:15
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 15 “U-Aroni namadodana akhe kumele babe sebeqedile ukumboza indawo engcwele + nazo zonke izinto zendawo engcwele lapho ikamu lisuka. Ngemva kwalokho amadodana kaKohati ayongena ukuze akuthwale, + kodwa akumele athinte indawo engcwele ngoba ayokufa. + Lezi zinto ziwumsebenzi* wamadodana kaKohati ngokuqondene netende lokuhlangana.

  • Numeri 4:24-26
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 24 Nakhu imindeni yamaGereshoni eyabelwe ukuba ikwenze nokuba ikuthwale: + 25 Izothwala izindwangu zetende zetabernakele, + itende lokuhlangana, isembozo salo nesembozo sesikhumba semvu yamanzi esiphezu kwalo, + ikhethini* lomnyango wetende lokuhlangana, + 26 amakhethini alengayo egceke, + ikhethini* lesango legceke + elizungeza itabernakele ne-altare, izintambo zako zamatende nazo zonke izinto zako, nazo zonke izinto okwenziwa ngazo inkonzo yalo. Lesi isabelo sayo.

  • Numeri 4:31-33
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 31 Nakhu anesibopho sokukuthwala + ngokuqondene nenkonzo yawo etendeni lokuhlangana: izinhlaka zamapulangwe + zetabernakele, izingodo zalo, + izinsika zalo, + izisekelo zalo ezinezimbobo; + 32 izinsika + ezizungeze igceke, izisekelo zazo ezinezimbobo, + izikhonkwane zazo zetende, + izintambo zazo zetende kanye nazo zonke izimpahla zazo nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto. Uyokwabela umuntu ngamunye lokho azokuthwala. 33 Lena indlela imindeni yamadodana kaMerari + okufanele ikhonze ngayo etendeni lokuhlangana, iqondiswa u-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.” +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela