-
Genesise 12:1-3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho nasendlini kayihlo uye ezweni engizokutshengisa lona. + 2 Ngizokwenza ube isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, futhi uzoba isibusiso. + 3 Ngiyobabusisa labo abakubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo, + yonke imindeni yomhlaba nakanjani iyobusiswa* ngawe.” +
-
-
Genesise 22:15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Ingelosi kaJehova yambiza okwesibili u-Abrahama isezulwini,
-
-
Genesise 26:3, 4IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Hlala kuleli zwe, + ngizoqhubeka nginawe ngikubusise ngoba wonke la mazwe ngizowanika + wena nenzalo* yakho futhi ngiyosifeza isifungo engasenza kuyihlo u-Abrahama: + 4 ‘Ngiyokwandisa inzalo* yakho ibe ngangezinkanyezi zamazulu; + wonke la mazwe ngiyowanika inzalo* yakho; + ngenzalo* yakho zonke izizwe zomhlaba ziyozitholela isibusiso,’ +
-