-
Duteronomi 13:1-5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 “Uma kungenzeka kuvuke phakathi kwenu umprofethi noma umuntu obikezela ngamaphupho aninike isibonakaliso noma ibika, 2 bese sigcwaliseka leso sibonakaliso noma ibika akhulume ngalo kini, bese ethi, ‘Masilandele abanye onkulunkulu, onkulunkulu eningazange nibazi, sibakhonze,’ 3 akumele niwalalele amazwi alowo mprofethi noma alowo mphuphi, + ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya + ukuze abone ukuthi niyamthanda yini uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo* wenu. + 4 Kufanele nilandele uJehova uNkulunkulu wenu, nguye okufanele nimesabe, yimiyalo yakhe okufanele niyigcine, yizwi lakhe okufanele nililalele; nguye okufanele nimkhonze, futhi nguye okufanele ninamathele kuye. + 5 Kodwa lowo mprofethi noma lowo mphuphi kufanele abulawe + ngoba ugqugquzele ukuba kuvukelwe uJehova uNkulunkulu wenu—owanikhipha ezweni laseGibhithe nowanikhulula endlini yobugqila—ukuze aniphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ukuba nihambe ngayo. Kumele nisuse okubi phakathi kwenu. +
-
-
Jeremiya 28:11-17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 UHananiya wabe esethi phambi kwabo bonke abantu: “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngiyoliphula kanje ijoka likaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni lisuke entanyeni yazo zonke izizwe phakathi neminyaka emibili.’ ” + UJeremiya umprofethi waqhubeka nendlela yakhe.
12 Ngemva kokuba uHananiya umprofethi ephule ijoka walisusa entanyeni kaJeremiya umprofethi, kwafika lo myalezo kaJehova kuJeremiya: 13 “Hamba uthi kuHananiya, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Uphule ijoka lokhuni, + kodwa esikhundleni salo uzokwenza ijoka lensimbi.” 14 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo: “Ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuze zikhonze uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni, kumele zimkhonze. + Ngizomnika ngisho nezilwane zasendle.” ’ ” +
15 UJeremiya umprofethi wathi kuHananiya + umprofethi: “Ngicela ungilalele Hananiya! UJehova akakuthumanga, kodwa wena wenze lesi sizwe sathembela emangeni. + 16 Ngakho yilokhu uJehova akushoyo, ‘Bheka! Ngibangela ukuba ufe. Uzofa kuwo lo nyaka, ngoba wenze abantu ukuba bavukele uJehova.’ ” +
17 Ngakho uHananiya umprofethi wafa ngalowo nyaka, ngenyanga yesikhombisa.
-