-
Mathewu 19:3-8IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 AbaFarisi beza kuye, behlose ukumvivinya, bathi: “Kungokomthetho yini ukuba indoda idivose umkayo nganoma yiziphi izizathu?” + 4 Ephendula wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, + 5 wathi: ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? + 6 Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” + 7 Bathi kuye: “Pho-ke, kungani uMose athi makanikwe isitifiketi sokumxosha futhi amdivose?” + 8 Wathi kubo: “Ngenxa yokucabangela izinhliziyo zenu ezilukhuni, uMose wanivumela ukuba nidivose omkenu, + kodwa kwakungenjalo ekuqaleni. +
-