-
Joshuwa 2:12, 13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Manje ngicela nifunge egameni likaJehova ukuthi, ngenxa yokuthi nginibonise umusa, nani nizowubonisa umusa umndeni wakithi, futhi kumele ninginike isiqinisekiso* ukuze ngazi ukuthi nizosigcina isithembiso senu. 13 Kumele nisindise ubaba nomama, abafowethu nodadewethu nabo bonke abahlala nabo, kumele nisisindise ekufeni.” +
-
-
Joshuwa 2:17-19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
17 La madoda athi kuye: “Sizobopheka ukugcina isifungo osifungise sona + 18 kuphela uma kuzothi lapho sifika kule ndawo, sikuthole ubophele le ntambo ebomvu efasiteleni ozosehlisa ngalo. Kufanele uqoqele uyihlo, unyoko, abafowenu nawo wonke umndeni kayihlo endlini yakho. + 19 Uma kwenzeka kuba khona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyoba sekhanda lakhe, thina ngeke sibe nacala. Kodwa uma kungake kulimale noma* ubani onawe endlini, igazi lakhe liyoba semakhanda ethu.
-