-
Numeri 21:33-35IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
33 Ngemva kwalokho baphenduka bakhuphuka ngeNdlela YaseBhashani. U-Ogi, + inkosi yaseBhashani, waphuma nabo bonke abantu bakhe waya kubo empini e-Edireyi. + 34 UJehova wathi kuMose: “Ungamesabi, + ngoba ngizomnikela kuwe yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe, + wenze kuye njengoba nje wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.” + 35 Ngakho babelokhu bebabulala yena namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe, kwaze kwangasala ngisho noyedwa kubantu bakhe, + balidla izwe lakhe. +
-
-
Duteronomi 3:3IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Ngakho uJehova uNkulunkulu wethu waphinde wanikela kithi u-Ogi inkosi yaseBhashani nabo bonke abantu bakhe, sababulala kwaze kwangasala ngisho noyedwa.
-