-
Duteronomi 33:13-15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 Ngokuqondene noJosefa wathi: +
“Kwangathi izwe lakhe lingabusiswa uJehova +
Ngezinto zekhethelo zezulu,
Ngamazolo nangamanzi avela eziphethwini, +
14 Ngezinto zekhethelo ezikhuliswe ilanga
Nesivuno sekhethelo senyanga ngayinye, +
15 Ngezinto zekhethelo ezivela ezintabeni zasendulo *+
Nangezinto zekhethelo zamagquma ami njalo,
-
Joshuwa 17:17, 18IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
17 Ngakho uJoshuwa wakhuluma nendlu kaJosefa, abakwa-Efrayimi nabakwaManase, wathi: “Niyisizwe esinabantu abaningi, futhi ninamandla amakhulu. Ngeke nithole isabelo esisodwa kuphela, + 18 kodwa nizothola nendawo esezintabeni. + Nakuba iyihlathi, nizoligawula niziphendlele indawo, futhi izoba umngcele wenu. Ngoba nizowaxosha amaKhanani, nakuba enamandla futhi enezinqola zempi ezinamasikela amakhulu ensimbi.” *+
-
-
-