-
Joshuwa 10:11-14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Njengoba babebalekela ama-Israyeli futhi sebesendaweni eyehlelayo eseBheti-horoni, uJehova wabehlisela isichotho esikhulu sivela esibhakabhakeni kwaze kwaba se-Azeka, bafa. Empeleni, baningi ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ama-Israyeli ngenkemba.
12 Kungaleso sikhathi lapho uJoshuwa akhuluma khona noJehova phambi kuka-Israyeli, ngosuku uJehova anqoba ngalo ama-Amori phambi kwama-Israyeli, wathi:
13 Ngakho ilanga lama langanyakaza nenyanga yama, kwaze kwaba yilapho isizwe sesiziphindiselele ezitheni zaso. Lokhu kulotshiwe encwadini kaJashari. + Ilanga lama phakathi nesibhakabhaka futhi alizange linyakaze cishe isikhathi esingangosuku lonke. 14 Alukaze lube khona usuku olunjengalolo, ngaphambi kwalo noma ngemva kwalo, lapho uJehova alalela khona izwi lomuntu, + ngoba uJehova wayelwela u-Israyeli. +
-